Abaholi mabafunde ukusheshisa uma benza izinto bekuHulumeni



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Lokhu kuyokwenza ukuthi uma siphela isikhathi sabo bashiye ngokukhululeka bazi ukuthi bawenzile umsebenzi
Izwekazi i-Afrika linabaholi abaningi abasezikhundleni futhi asebehlale isikhathi eside bekuhulumeni kodwa izithelo azibonakali kubantu ababaholayo. Lesi simo esinwabuzelayo ekuletheni intuthuko sithanda ukuba ingwadla kwabanye abaholi ngoba kuthi uma isikhathi sesiphelile sekumele ashenxe umholi kuba nzima. Abanye baze baphehle ngisho udweshu emphakathini ngoba nje umholi esafuna ukuqhoqhobala izintambo zombuso.
Kuzoqapheleka ukuthi bonke abaholi bangena kuhulumeni benomhlahlandlela wezinto abazozenzela amazwe abo kanye nenhlalakahle yabantu ababakhethileyo. Impumelelo yanoma imuphi umholi ayincikile ekutheni uhlale isikhathi eside kangakanani ehhovisi kanjalo nokuba isahluleki ngisho umholi angahlala amashumi ngamashumi eminyaka ebambe izintambo zombuso, kuyenzeka nje ukuthi aphume elambatha ehhovisi. Ishwa elijwayele elehlela abaholi ukuthi uma sebekhethiwe bese bekhohlwa izidingo zabantu.
Abanye bakhohlwa baze bakhohlwe ngisho imihlahlandlela yamaqembu abo. Lesi simo sokukhohlwa sehlela noma yimuphi umholi emhlabeni. Ngesikhathi uMnu uNelson Mandela ne-ANC bekhankasela ukudla ubhedu ngonyaka we-1994 into eyayigqame kakhulu kwakuwudaba lwempilo engcono kithi sonke kanye nokubuyisana phakathi kwaboHlanga nabamhlophe.
Into engicabanga ukuthi uMandela wayeyiqonda kahle ukuthi uma nje esekwenzile lokhu ngempumelelo sasingasekho isidingo sokuthi ahlale isikhathi eside ehhovisi. Ingakho wahlala ihlandla elilodwa wase ethi khumu, kodwa futhi izimfundiso zakhe zisale zaphila kubantu abebahola.
Bese kuba khona abaholi abangixakayo futhi abayivela kancane abafana noMntwana waKwaPhindangene ohole iqembu i-IFP isikhathi eside, wakhanda izikhungo zemfundo, imigwaqo, amalokishi, wanxenxa abatshalizimali kwakhiwa amafemu koSithebe nakwezinye izindawo, waba nesandla esinzulu ekwakhiweni kwe-Ingonyama Trust.
Kwake kwafika isikhathi lapho ethi ufisa ukuthi khumu kuphinde kube yilo iqembu i-IFP elithi makathi ukuhlala. Akwandile lokhu, abaholi abaningi emazweni ase-Afrika baphuma sebephungwa ngezithebe. Akujwayelekile ukuthi umholi akhe iqembu aphinde alibone lidlondlobala noma kufika izikhathi ezinzima zokushiya kwamalungu aqavile kodwa lime.
E-Ivory Coast kwake kwaba noMengameli owaphatha eside isikhathi futhi umnotho wenza kakhulu ezimakethe zomhlaba ngenxa yenala yezwe ekutshaleni icocoa. UMnu uFelix Houphouet-Boigny wayebusa i-Ivory Coast phakathi kweminyaka ye-1960 kuya kowe-1993 futhi ebavikela kakhulu abalimi bezwe lakhe. Ngeshwa akazange akwazi ukuhlela kahle intando yeningi ngoba ngisho ukuhlela ukhetho lukamengameli wayemadolonzima nokwaholela ekutheni lapho yena endela koyisemkhulu ngonyaka we-1993 izinto zafadalala ikakhulukazi ezolimo.
Isimo sabalukhuni satshe kubalimi ngoba babengasakwazi ngisho ukuqasha izisebenzi nokwaholela ekutheni abalimi bagcine sebesolwa ngokuqasha izingane bese bengaziholeli. Nazo lezo zingane kwakusolwa ukuthi zishushumbiswe ezweni eliwumakhelwane iMali. Kusobala ukuthi uHouphouet-Boigny wayenaso isikhathi kodwa akakwazanga ukwakha izinto ezizokwazi ukuphila noma yena engasekho.
Inhloso yokuveza laba baholi ukuthi kucacele wonke umuntu ukuthi kunabaholi abangena ezikhundleni zombuso bese benza izinto ngonyawo lonwabu ngoba bezitshela ukuthi basazohlala njengoTrump kanti ababuzanga elangeni. Abanye abanjengoMntwana waKwaPhindangene bakwazi ukuhlala iminyaka ngeminyaka baphinde bakwazi ukwakha yonke into abayifisayo bese futhi baphinde babe ngisho ingxenye yokhetho lapho kukhethwa khona ozongena emuva kwabo.
Ngakolunye uhlangothi kube khona abaholi abazoba nenhlanhla yokuhlala isikhathi eside embusweni kodwa babeneshwa lokungakwazi ukuba neso lokubona usuku oluzayo lokuphela kwesikhathi sabo ehhovisi. Ngaleyo ndlela mhla kukhothama bona yonke into abayakhile noma ababekade beyifukamele ishabalale njengamazolo ebona ilanga.
Kubalulekile ukuthi abaholi benze yonke into abafisa ukuyenzela abantu besenaso isikhathi ngoba sonke siyazi ukuthi izingqapheli zezombusazwe zithi kupolitiki iviki isikhathi eside kakhulu. Kulo nyaka kuzoba nokhetho loHulumeni Bendawo abaholi ake balethe intuthuko ebonakalayo bangaze batatazeliswe iziteleka.
Le ndaba yokuqhamuka usungena umuzi nomuzi kodwa lowo muzi ungenawo ngisho amanzi nendlu ongena kuyo iyadilika futhi eyodaka lokhu akwehli kahle kimi njengomuntu obuthandayo ubuholi obuqotho futhi obungakhohlwa izidingo zabantu.
Uma ungumholi ohlakaniphileyo uthi manxa uqala ukungena ehhovisi usuke usunaso isiphetho sento ozoyenza. Lapho-ke uthi ulwa nabaphikisayo ulwa wazi kahle ukuthi ulwa impi yabantu abakukhethileyo futhi uyaphuthuma ngoba isikhathi ungafunga ukuthi siyandiza uma ungumholi omele abantu ePhalamende noma emkhandlwini kamasipala. Ukuphuthuma ngenxa yesikhathi akusho ukuthi imigomo yokusetshenziswa kwemali yabakhokhi bentela mayingalandelwa.
Ngalawo mazwi ngisho kungathiwa uyasuswa njengomholi esikhundleni kusasa angeke uthi ayihlome ihlasele kushiswe izinsiza zomphakathi ezakhiwe nguwe. Kunalokho umphakathi uyobona ukuthi ukulwile ukulwa okuhle. Angeke umholi osebenze kahle wakha imigwaqo bese ehola iqeqebana elizosiphula izimpawu zomgwaqo owakhiwe nguye.
Umholi owenza lokhu usuke enexhala lokuthi yena wehlulekile manje usefuna ukususa kwasani emvusela iminjunju yokuba isahluleki.
Ngesikhathi uTrump esafuna ukuba uMengameli wase-USA wathi uzokwakha udonga phakathi kwezwe lakhe neMexico kodwa uthe engabamba izintambo zombuso wangabe esayinaka kakhulu indaba yokwakhiwa kodonga kunalokho wahlala amagqozo ekubhidlizeni izinto ezakhiwe uMnu uBarack Obama. Yingakho-ke kuthe sekuphela isikhathi ehhovisi ubengasafuni nokuyizwa eyokuthi akaphumelelanga okhethweni.
UMnu uLaurent Gbagbo naye wake waba umengameli wase-Ivory Coast phakathi kweminyaka yezi-2000/11 nokwathi lapho ehlulwa okhethweni wavuka umbhejazana, maqede kwachitheka igazi ezweni lakhe. Lobu ubufakazi bokuthi abaholi abahlulekile ukwenza izinto ababezithembisile besenaso isikhathi akuvumi baphume emandleni futhi bayazithanda izibhelu.
Uma ungumholi oseyenzile into ayizele emhlabeni awusabi ngisho ukufa imbala, buka nje uMnu uSolomon Mahlangu wadlula emhlabeni esemncane kodwa wayesho kahle ukuthi igazi lakhe yilona eliyonisela isihlahla esiyothela izithelo zenkululeko. Kwasekumcacele uMahlangu ukuthi isiphetho sesifikile kodwa ukuthula kwakhe kwakulele ekutheni usekwenzile ayekuzele.
Umholi okhaliphile uyabona uma sekuyikhathi sokuthi khumu futhi nemisebenzi yakhe isuke imkhulumela. Imisebenzi ikhuluma noma ngabe umholi uhlale isikhathi eside noma esifushane ehhovisi. Into ebalulekile ukuthi umholi enze into ayizele ngaleso sikhathi anikwe sona futhi enze kahle nangokusheshisa, bonke abaholi abenze kahle besenethuba ababingabantu abathanda uthuthuva nezibhelu ngoba bayazi ukuthi lezo zinto zizodicilela phansi imisebenzi yabo emihle.
Sibusisekile eNingizimu Afrika ngokuthi sike saba nabaholi abaqotho njengoMandela kanye noMntwana waKwaPhindangene kufanele sifunde kubo ngoba konke abakwenza ngesikhathi ababenaso ebuholini futhi abazange bagweve noma isikhathi sokuthi khumu sesifikile.