Now Reading
Usegadule olude endimeni yombhoxo kuleli uMayende
Dark Light

Usegadule olude endimeni yombhoxo kuleli uMayende

Kubukeka kuyithuna kuphela eliyohlukanisa uSindile Mayende nebhola lombhoxo, kwazise akuzuzile empilweni yakhe kungenxa yawo lo mdlalo.

UMayende osengumsakazi wombhoxo ugeqe amagula ngomsuka wakhe kulo mdlalo ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga. Uthe okuyikho okwamkhuthaza ekutheni awuthande lo mdlalo, ingesikhathi elakuleli linqoba iNdebe YoMhlaba ngonyaka we-1995 nalapho ayefunda khona eThubalethu High School.

Etshela elaboHlanga uhambo lwakhe esewumdlali uthe: “Ngaqala ukudlala umbhoxo ngineminyaka yobudala eli-13 ngidlalela izikole kanye nesifundazwe iKwaZulu-Natal emqhudelwaneni owaziwa ngokuthi iBorder U/18 Craven ngonyaka wezi-2001. Kuthe ngonyaka wezi-2004 ngathola inqayizivele yethuba lokuthi ngidlalele inkulisa yeqembu elikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal iSharks. Khona lapho ngabe ngidlalela iJaguars Rugby Club yaseSydenham, kodwa ngakhetha ukube ngime kancane kulo mdlalo.  Okwenza ukuthi ngime ingoba abadlali engangidlala nabo babondlekile kakhulu, mina ngiwumfanyana omncane ngomzimba kunzima ukubhekana nabo. Ngesikhathi ngimatasa ngizama ukunakekela umzimba wami, ngabe ngiqeqesha isikole i-Ohlange High,” kusho uMayende.

Wazalelwa eKeiskamahoek, eQoboqobo e-Eastern Cape, ufunde e-Alice Primary School naseThubalethu High School okuyisikole esiseFort Beaufort. Uneminyaka engama-39 edla anhlamvana.

Emva kokuba umqeqeshi wo-Ohlange High School akabange esaphindela ekubeni umdlali kodwa wabe eseqoma ukuba ngunompempe.

 “Ukuba kwami ngunompempe, kwaba into ebukeka njengengaphusile njengoba babebancane onompempe boHlanga ababekhona ngaleso sikhathi. Onompempe bondlebe zikhanya ilanga babengayigqizi qakala indaba yami, bengangiboni njengonompempe oyophumelela ngelinye ilanga. Konke lokho kwangikhuthaza ekutheni ngisebenze kanzima, ngitshengise abantu ukuthi nathi boHlanga singenza noma yini ukuphumelela,” usho kanje.

Uthe wake wazama ukuba unompempe kanobhutshuzwayo kodwa ngenxa yokuthi abadlali bawo babekhombisa ukungazihloniphi ezinye izinqumo wakhetha ukuwushiya phansi. Emdlalweni wombhoxo azikho izinqumo ezithathwayo ezenza abadlali bakhombise ukuthukthela, bayahlonipha nezinqumo bayazihlonipha.

Umdlalo wokuqala ezingeni eliphezulu kwaba obandakanya iCheetahs neBlue Bulls okwaba ngunyaka wezi-2009, emdlalweni weCurrie Cup owawubanjelwe eBloemfontein.

“Ngangithukile kakhulu, ngangingakholwa. Kwaze kwaba ukuthi ngiphathwa isisu ngenxa yovalo enganginalo. Kodwa okungijabulisayo, ngawudlalisa kahle umdlalo. Emva komdlalo ngajabula kakhulu,” usho kanje.

UMayende udlalise imidlalo eminingi yeCurrie Cup, lona ngumqhudelwano wamaqembu amakhulu emhlabeni. Uphinde wadlalisa umqhudelwano iWorld 7 owabe useSingapore, iSuper Rugby eyabe iseNew Zealand nase-Australia. Uphinde wadlalisa iNdebe YoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kwengama-20 eyabe iseCape Town, noweSafari Seven ukubalwa emibalwa.

See Also

Ngesikhathi esewunompempe wayezifela ngoCraig Joubert, kodwa manje uzifela ngoRast Rashivenga.

Ngonyaka wezi-2006 waqokwa ngomklomelo weSport Person of the Year, kuKZN Premier Sport Award, okwaba buhlungu ukuthi akuyena owamukela lowo mklomelo njengoba wayeseLondon ngaleso sikhathi. Kodwa kwamujabulisa kakhulu ukuthi awunqobe lo mklomelo, wokukhonjiswa ukuthi umsebenzi wakhe muhle. Ngonyaka wezi-2014 washiya phansi ukuba ngunompempe, wabe eseba ngumsakazi aphinde abe ngumhlaziyi walo mdlalo.

NgoMsombuluko ubesakaza umdlalo weVarsity Cup lapho kade kutholene phezulu iNWU ne-UP Tuks. Uthe isifiso sakhe ukuthi akhule kakhulu kulo msebenzi awenzayo manje.

 Ngaphandle kokuba umsakazi nokuhlaziya umbhoxo kwaSupersport, ufuye izinkomo, izinkukhu, izikabhu nezingulube.

Scroll To Top