Now Reading
Kuyagqoza ukubhakuzisa inethi kuligi enkulu
Dark Light

Kuyagqoza ukubhakuzisa inethi kuligi enkulu

Iligi yakuleli iDStv iyona ekleliswe njengehamba phambili lapha ezwenikazi i-Afrika. Lokho kuyangijabulisa njengomuntu ongumlandeli wezemidlalo, ukuthi izwe lethu lihamba phambili.

Yize kunjalo kodwa iqiniso ukuthi iyodwa into ehlezi ingiphatha kabi, yile yokuthi kube nzima ukuthi kube khona umgadli oshaya amagoli angaphezulu kwali-15 isizini yonke.

Kule sizini yangowezi-2021/22, ngibona kuzoguquka izinto. Amathemba ami ngiwabeke kumgadli weMamelodi Sundowns uPeter Shalulile ukuthi engawavalela phakathi amagoli angama-20 emdlalweni yeDStv Premiership nje kuphela, kuyimanje lo mgadli waseNamibia unamagoli ali-15. ISundowns isalelwe imidlalo eyisikhombisa.

Okunye okunginika ithemba ukuthi ngesizini edlule ubonile uBradler Grobler emdlisela ogageni kwagcina kunguye ovalela amagoli amaningi naba li-16, kwathi yena uShalulile washaya ali-15. Kuyimanje uVictor Letsoalo ongumgadli weRoyal AM uyena omlandelayo ngamagoli ali-11. Okuvuna uLetsoalo ukuthi iRoyal AM isalelwe imidlalo eyisi-9 okusho ukuthi usenalo ithuba lokuguqula amatafula.

Naye uLetsoalo ngimbona ezofika kwangaphezulu kwali-15, uyisithenjwa kuleli qembu lika-Andile Mpisane.

Uma kungakhona umdlali ongashaya amagoli angama-20 kobe kusho lukhulu lokho, yize ngisasho namanje ukuthi isizini engingasoze ngayikhohlwa eyangowezi-2004/05 lapho igama likaCollins “ Ntofontofo” Mbesuma kwakuyilo elalihamba phambili ngesikhathi evalela phakathi amagoli angama-25. Ngingomunye owamjabulela lo mgadli, kungekhona ukuthi ngangimthanda kodwa wasibuyisa isithunzi sale ligi ngalowo nyaka.

Kusukela ngaleyo sizini uyedwa kuphela umdlali oseke washaya amagoli angama-20, lowo mdlali uSiyabonga “Bhele” Nomvethe owashaya angama-20 lapho wayegijima kuMoroka Swallows.

Ngesizini yangowezi-2005/06 umdlali owaba namagoli amaningi uMame Niang owashaya ali-14 egijima kuMoroka Swallows, ngelandelayo yangowezi-2007/08 kwaba uChristopher Katongo owayegijima kwezeNkosi iJomo Cosmos owaba nali-15, kwathi ngowezi-2008/09 kwaba umufi uRichard Henyekanye owayelibamba kuLamontville Golden Arrows owavalela phakathi ali-19. Kuthe ngesizini yangowezi-2009/10 uKatlego “Killer” Mphela edlalela iMamelodi Sundowns kwaba nguye ovalela phakathi amaningi abali-17, kwaba uKnowledge Musona edlalela iKaizer Chiefs washaya ali-15 ngesizini yangowezi-2010/11. 

See Also

UBernard Parker ngesizini yangowezi-2012/13 wazifaka naye emabhukwini omlando kuleli kubadlali abaseke bashaya amagoli amaningi ngesizini wavalela phakathi ali-10, uKatlego “Mahoota” Mashego wamlandela ngesizini yangowezi-2013/14 wavalela phakathi ali-13.

UParker wakuphinda lokho ngesizini yangowezi-2014/15 eshaya amagoli ali-10, noMbesuma wabuya ngesizini elandelayo esedlala eqenjini laseMpumalanga iMpumalanga Black Aces eshaya ali-14. Kuthe ngesizini yangowezi-2016/17 uLebohang Manyama naye wazifaka emabhukwini akuleli eshaya amagoli ali-13 egijima kuCape Town City, ngesizini yangowezi-2017/18 babili abadlali abashaya amagoli amaningi uRodney Ramagalela ekuPolokwane City noPercy Tau egijima kumaBrazillian (iSundowns) ababa nali-11. Ngesizini yangowezi-2018/19 kwaba uMwape Musonda ekuBlack Leopards washaya ali-16, kuthe ngesizini yangowezi-2019/202 uShalulile noGabadinho Mhango bashaya amagoli alinganayo naba li-16.

 Kulihlazo ukuthi umgadli onerekhodi lamagoli amaningi uNomvethe onali-112, ekubeni adlala amasizini amangaka. Ngibona kusazophinde kuthathe iminyaka ukuthi kube khona odlula uBhele (uNomvethe).

Konke lokhu kungishiya nombuzo ukuthi ukugqoza kwamagoli kwenziwa ukuthi sinonozinti nezitobha ezikhaliphile, noma abagadli bazihlulekela bona ukushaya amagoli. Mhlambe ngelinye ilanga ngophenduleka.

Scroll To Top