Now Reading
Usizi lwaboHlanga: Kunesidingo esinqala sokutholakala kwesiphetho ngezikhukhula
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: Kunesidingo esinqala sokutholakala kwesiphetho ngezikhukhula


Kukhona ababhubhile, ababhujelwe, ababhubhile batholakala, ababhubhile abangatholakala kwaguguleka amathuna kwalimala impahla


Izikhukhula ezihlasele isifundazwe seNdlovukazi uMthaniya zishiye kukhalwa izinkalo zonke. Namanje isililo sisezwakala, usizi nomunyu kubhalwe emehlweni emindeni nezihlobo ezibhujelwe abathandiweyo babo.

Izikhukhula zisihlukumeze ngezindlela eziningi kakhulu futhi ezahlukene.

Kukhona ababhubhile, ababhujelwe, ababhubhile batholakala, ababhubile abangatholakala, lapho kuguguleke amathuna, ababhidlikelwe imizi, ababhujelwe imfuyo.  abalinyalelwe impahla okungaba izimoto, abalahlekelwe izinto esifana nomazisi, izitifiketi zokuzalwa, nezemfundo imbala. 

Sibonile uMengameli ehlonza lesi sifundazwe njengesigutshazelwe inhlekelele kanye nezwe lonke. Abantu bathathwa bahlaliswa emahholo, nasezikoleni. Uhlelo oluqondile lokubahambisela izinsiza lubonakala luhamba kancane kunendlela ebebethenjiswe ngayo. Isibonelo isethembiso sezigidigidi zama randi (R1 Billion) asikafezeki namanje. 

Kwamanye amahholo abantu bakhala ngokungaphatheki kahle. Kwamanye bakhala ngokuthi iminikelo evela ezinhlanganweni ezizimele ikhwatshaniswa ilaba abasemagunyeni kulawo mahholo. 

Sekuphele inyanga manje eminye imindeni ayikazitholi izihlobo zazo. Umbuzo uthi lusaqhubeka yini uhlelo lukaHulumeni lokubhudula ngenhloso yokuthola izidumbu ezingakatholakali? Uma lungasaqhubeki, imindeni noma isizwe sizokwaziswa nini ukuthi uhlelo lokucinga izidumbu seluyaphethwa? Lokho kungasiza ukuthi labo abangazitholi izohlobo zabo bengalokhu bezibuza baphinde baziphendule bona. 

Ayikho into ebuhlungu njengokuba nesiqiniseko sokuthi isihlobo sakho asisekho emhlabeni kodwa ithambo laso awulazi ukuthi likuphi. Ayikho into ebuhlungu njengokuqala phansi umngcwabo ngenxa yokuthi amathuna agugulekile amabhokisi asala ngaphezulu. Ayikho into ebuhlungu njengokuthi kuguguleke amathuna ngendlela yokuthi angeke ziphinde zitholakale izidumbu ebezilapho. 

Umuntu ohlukunyezwe izikhukhula ngaloluhlobo umlekelela kanjani ukuthi avume ukuthi isihlobo sakhe asisekho? Umlekelela kanjani ukuthi akwazi ukudlula kulesisimo? Njengoba namanje izidumbu zingakatholakali futhi namathemba eseya ngokuncipha, umlekelela kanjani ukuthi akwazi ukuthola isiphetho?

See Also

Okuncane okungenziwa ukuze bathole isiphetho:

  • Ukuphuthumisa izinsiza. 
  • Ukuphathwa kahle emahholo.
  • Ukuphuthunyiswa kokwakhelwa kabusha amakhaya abo.
  • Ukwelulekwa ngokomqondo.
  • Ukuhanjiswa kwemikhuleko ewuchungechunge ezikhungweni lapho begciniwe khona. 
  • Ukwakhiwa kwetshe lesikhumbuzo elizoba nohla lwabo bonke ababhubhe nezikhukhula kodwa lwenziwe ngokwezi ndawo. 

Okunye okucindezela kakhulu umphakathi okhahlamezwe izikhukhula emahholo abahlala kuwo uthola ukuthi emini isibalo sabantu siphezulu kakhulu, kodwa uma ufika entathakusa sincane kakhulu, lokho kukuchazela kabanzi ukuthi emini kusuke kunabantu abazobangisa izisulu zezikhukhula ngezinsiza. Uma ukudla nezingubo kufika emahholo kumele kunikwe izisulu ezandleni, ngale kwalokho angeke bakuthole. Uma kufika usizo oluphuthumayo lokwenza omazisi, kanye nezitifiketi zokuzalwa abasemagunyeni bavele balande izihlobo zabo ezingahlukumezekile bazozenzela omazisi nezitifiketi. 

Ngamagama amafushane nje ukudla, okuhlelelwe abantu abasemahholo kuyakhwatshaniswa ukwenziwa komazisi kwenzelwa abantu abangathintekile ezikhukhuleni. 

Umkhuleko obungomhla zili-15 kuNhlaba eNanda Dam eMsinsi ukhombisile ukuthi iyona ndlela lena ebekufanele kuqiniswe kuyo ukududuza izihlobo. Sibone abayizisulu zezikhukhula bebuyelwa ithemba, ake sibonge abenze lo mkhuleko ube yimpumelelo:

  • iNkosi uBhengu oyiNkosi yakwaNgcolosi.
  • uMsinsi Resort and Game Reserve. 
  • iMboni yezokuthutha iDurban West ngaphansi kukasihlalo ubaba uMkhize.
  • iMolweni Wybank Taxi Association ngaphansi kukasihlalo ubaba uShezi.
  • uMfundisi Gugu Hadebe. 
  • iZion Prayer.Com baseGoli. 
  • uPrincess Nonhlanhla Masondo. 
  • iKhansela uMsomi neKhansela uMbambo.
  • Ayanda Msweli Foundation 
  • iGift of the Givers Foundation
  • Abanqobi 
  • uZulu Pavarotti 
  • uBabo Ngcobo 
  • iMathenjwa Attorneys 
Scroll To Top