Now Reading
Senzani nsukuzonke ukuqhubezela izinhloso zonyaka
Dark Light

Senzani nsukuzonke ukuqhubezela izinhloso zonyaka

Kunomuntu onesipho esiyisimangaliso uma engasisebenzisa ngobunono nangendlela ehlelekile, owabo bangavuka qingqo othulini lobuvila nokugqilazwa yimicabango entula ukuzethemba nokuzenzela. Kunemibono ehlabahlosile engaba yikhambi ekulapheni izifo ezikhungethe izwe lakithi. Kunabantu abanamasu amahle angathuthukisa isizwe agcine esibeke kwelinye izinga lempilo. Konke lokhu kubukeka kungokuhle, kuheha kepha akwanele uma kungaguqulwanga kwaba iqhingasu okungasukela kulo ekubhekaneni nezinselelo zesintu zansuku zonke.

Kuyinto enhle ukuba namaphupho nezinhloso empilweni kepha uma kungekho okwenziwayo ukufeza lokho, imicabango yethu ephusile ivele ibe yinqolobane yamaphupho ayimbhudane uqobo. Lokhu kufana nomuntu onezindodla zemali kepha ohlulekayo ukuba zimphilise, zimlethele injabulo nokwaneliseka kulokho abususiswe ngakho. Izinhloso zethu zonyaka omusha esizibhale phansi ziyinto engathi shu uma kungekho esikwanzayo ukuze zifezeke. Sifana nabantu abaxoxa inganekwane emini izigodi zibuka.

Uma sifuna ukuqopha umlando ezimpilweni zethu bekufanele konke okumqoka nokuphusile esinqume ukuba sikuzuze, siphumelele siphinde sikufeze, sibe nendlela yokuba sikusukumele nsukuzonke. Kufanele kube phezulu eqhulwini lezinto esishabasheka ukuba sizenze, sizisukumele, sizifeze nsukuzonke. Ngamanye amazwi njalo uma sivuka ekuseni kumele le mibuzo siyiphendule ngezenzo ezinozinzo nobuqotho: Yini engizinqumele ukuba ngiyifeze kulo nyaka? Yini engihlose ukuyenza namhlanje ukuze ingisondeze kancane kancane ekufezeni izinhloso zami zonyaka? Yini ekufanele ngiyigweme engaba namandla okuthikameza izinhloso zami zonyaka? Engifaka kukho umfutho ukuba ngikufeze kuyingxenye yezinhloso zami zonyaka? Konke engizokwenza nsukuzonke, iviki neviki, inyanga nenyanga kunomthelela omuhle yini ezinhlosweni zami zonyaka omusha?

Izinhloso zakho ziwumbhalo omuhle kepha osugqwalile walala izintuli uma uwufunda kungabikhona okwenzayo ngawo. Ngamanye amazwi kufanele ukujove ngogqozi lokusukuma usebenze wenze izinto zenzeke! Kufanele ukhweze imikhono okomuntu olimayo emasimini ngokuzibophezela ukuthi kukhona ozokukhuthalela usuku nosuku okuthinta izinhloso zakho zonyaka. Ozokwenza njalo uzikhandle ngakho kuzoguqula amaphupho aqoshwe phansi abe yizinto ezibonakalayo neziphilayo. Lokho esizokwenzayo nsukuzonke ukufeza amaphupho nezinhloso zethu sifana nomuntu ochelela ingadi yakhe. Akagcini ngokufaka izikhwepha kepha wengeza ngesikhuthazakhaba ukuze ikwazi ukukhiqiza izithelo zeqophelo eliphezulu.  Konke kuwumphumela wamandla akhe, wezikhwepha zakhe nemicabango yakhe. Isivuno sakhe sihambelana nakwenzile kulesivande ngaphambi kokumkhiqiza amasaka obhontshisi  kuso. Akukho okube wumlingo okwemana. Ngakho kumele sizihlele, sime ngomumo, sikwazi esikudingayo nesikuhlosile. Siqonde namasu esizowasebenzisa endleleni uma sekubhimba ukwenza. Izinkinga esizohlangabezana nazo ebangeni elide lonyaka asingazivumeli ukuba zisithuntubeze amandla. Kasiqhubeke nokukholelwa kulokho esikwenzayo nesizinqumele khona ukuba sikufeze. 

See Also

Konke esimagange ukuba sikufeze akungasukeli ekhanda. Inkombandlela yakho yibalazwe esiliqophe phansi lezinhloso zethu zonyaka. Lokho esikwenzayo usuku nosuku kusisondeza endaweni esiphokophelele kuyo. Uma ibanga esizolihamba belingamakhilomitha ayishumi ezinkulungwane, lokho okwenzayo nsuku zonke kuyigxathu elikusondeza-amaganga ekufinyeleleni esiqongweni sokufeza izinhloso zethu. Esikwenzayo kulawulwa yilezinhloso esiziqophe phansi, ngakho uhambo esiluthathayo noma lungaba nezihibe akusho lutho. Sizofika lapho siqonde khona ngoba emqondweni yethu icacile futhi igqamile indawo esilibangise kuyo. 

Scroll To Top