Unesiqiniseko esingakanani sokuba ngumsinsi wendawo
Akuvamisile ukuba uzibuze ukuthi ngabe ungowalelo khaya ngempela yini. Ngabe ungowalelo lizwe ngempela yini. Abanye bayoshawa uvalo uma imiphumela yolibofuzo lwasemakhaya ibaphika.
Kuyadingeka kwenye inkathi ube nomgogodla, uphumele obala, ungesabi, ekubukeni izinto nezimo, ngendlela ehlukileyo, iningi elibuka nelibona ngayo. Kungakhathalekile ukuthi iningi likuthatha, kanjani, licabangani ngawe. Wena unguwe futhi iningi liyilona.
Sengizwe izinkulumo eziningi zabantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe ase-Afrika. Zikhombisa ukubika imbiba nebuzi ngabakusolayo, ngabakungabazayo emuntwini othile. Okunye kwakho akunabo ubufakazi nesiqinisekisiso sobunjalo bezinsolo.
Ngenkathi abantu betekula behlezi emlovini, beqhubukushana, becwasana ezweni abalakheleyo. Beyingxenye, siyingxenye yezinkulumo, nezingxoxompikiswano ezisuke zikhulunywa, zixoxwa, zibhalwa, zifundwa, zicakulwa, ziphawulwa futhi zibalulwa ngendlela izinto nezimo eziyiyona.
Ezinye zazo zikubulala ngensini uma ulalele indlela izinsolo abazibeka ngayo ngabamsolayo. Ufe yinsini uma uzwa sekukhulunywa kuthiwa abanye abakhumbuleki, abakhunjulwa ngisho ebuncaneni beminyaka yokukhulela emakhaya nasemalokishini abathi bakhulela khona besebancane.
Kuze kuphimiswe amagama athi siyabazi abafana basesigodini ngokwezibongo zabo besebencane ukuthi bakhulela endaweni ethize. Akungatshazwa ukuthi bangabaleyo ndawo hhayi lowana.
Kuqhubeke njalo uzwe kuthiwe, wayengewona umsinsi wokuzimilela esengumengameli esaphila noma esadlula emhlabeni nalapho engeseyena umengameli nomholi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu uFrederick Chiluba, owayenguMengameli waseZambia, waqhubukusha, wacwasa uMnu.uKenneth “KK” Kaunda athatha kuyena izintambo zokuba ngumengameli waseZambia. UFrederick wayethi uKaunda wayengowaseMalawi ngoba abazali bakaKaunda babezalwe eMalawi. Yize uKaunda wayezalelwe eZambia.
Kanti uFrederick abantu kanye nezimbangi zakhe kupolitiki eZambia zathi wayengeyena owaseZambia ngokugcwele. Babethi uChiluba wayengowaseZaire eyayisaholwa nguMengameli uMobutu Sese Seko manje iDemocratic Republic of Congo, iDRC.
Okunye okuhlekisayo futhi okungakuhlekisa nawe, okushiwo ngabantu baseMalawi. Bayamphika uDkt uHasting Kamuzu Banda owayenguMengameli, bethi kwakungeyena uKamuzu wangempela wayengowaseGhana.
Bathi uKamuzu wangempela wayenezinzwane ezazingaphelele kolunye unyawo lwakhe. Bathi lowaKamuzu kwakunguKamuzu owayakhiwe ngabelungu emva kokunyamalala kukaKamuzu Banda wangempela.
Yingakho loya Kamuzu wayengavamisile ukukhumula aveze izinzwane zakhe esidlangalaleni. Yingakho wayenesihluku emphakathini waseMalawi.
Kwaphinda kwavela umlando esaphila uMnu uNelson Mandela, ukuthi ulibofuzo alwenzayo lwamveza ukuthi wayenegazi lamaKhoisan nelaboHlanga bangenhla neNingizimu Afrika hhayi elamaXhosa kuphela.
Kwaqubuka ezinye izinkulumo ngoMnu.uNelson Mandela eseshonile ukuthi wayengeyena uNelson owaboshwa ngowe-1963. Kwase kunguMandela owakhiwa ngabelungu ukuhola izwe.
Ngababuza umbuzo, ukuthi angikhumbuli umama uWinnie kaMadikizela Mandela ngimuzwa noma simuzwa emphika ngowe-1990, ngoNhlolanja zili-11 osukwini lwangeSonto, eyohlangabeza ubaba uNelson Mandela, owayekhululwe ejele iVictor Verster eseNtshonalanga Kapa.
Nangamhlazane sebehlukanisile angikhumbuli uKaMadikizela ekhuluma esidlangalaleni emphika uNelson Mandela ukuthi kwakungeyena. Nangowezi-2013 ezinsukwini zokugcina zikaMadiba, akazange uKaMadikizela athi kwakungeyena uNelson Mandela. Wabalula ukuthi wayengekho owayemazi uNelson Mandela kangcono kunaye (uWinnie).
Kunezinye futhi izinkulumo ezikhulunywa ngabantu ukuthi kunabaholi okuthiwa bafika beseyizingane, bangabaseZimbabwe, bangabaseKenya, bangabaseZambia, bangabaseTanzania, bangabaseGhana, bangabaseMozambique nakwamanye amazwe.
Ngamanye amazwi akuyona inkinga yezwe elilodwa nomphakathi wakhona onaleyo micabango yinto eyenzeka emhlabeni wonke.
Umlando nge-Afrika uyakuveza ukuthi aboHlanga baqhamuka enhla neNingizimu Afrika, bahlakazeka yonke i-Afrika. KunaboHlanga abasala enhla nayo unomphela ngaseduzane ne-Europe.
Ngiyangabaza ukuthi iminyaka njengoba kwakusabhala abamhlophe, amakoloni, abezimishini bodwa ngathi uma ubuka eNtshonalanga Kapa,umlando uyakuveza ukuthi yindawo yokuqala abelungu abafikela kuyona behla ezikebheni zikaseyili, ezazihanjiswa ngomoya ngowe-1652.
Uma ubukisisa kahle ibalazwe uba nesithombe sokuthi abelungu, abamhlophe, amakoloni, abezimishini babengakangeni phakathi neNingizimu Afrika. OkwakunaboHlanga ababevele behlala khona.
Indaba yonakala uma abelungu, abamhlophe, amakoloni, abezimishini sebebhala umlando wafundiswa ezikoleni, ngeminyaka ngathi aboHlanga ukuthi safika nini eNingizimu Afrika.
Okwakungenzeka ukuthi bangena phakathi nezwe bazithola kwabanye boHlanga. Bakhetha ukuphendukezela iqiniso ngeminyaka. Kwabukeka sengathi labo boHlanga babengekho eNingizimu Afrika ngowe-1652.
Emlandweni omusha kusukela ngowe-1993 iNtshonalanga Kapa, isiyindawo iningi labelungu, elibalekela khona uma lingayanga phesheya kwezilwandle. Njengoba bafikela kuyona ngowe-1652, amadolobha nezindawo eziningi sebancipha kuwona.

