Incazelo yokungamukelwa esikhungweni semfundo ephakeme



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ukungaphumeleli umatikuletsheni kuza nobukhulu ubuhlungu kanye nenkulu ingcindezi ezinganeni nakubazali. Njengomfundi ongaphumelelanga kukwenza uzibone uyisehluleki futhi ungaze ucabange ukuthi uyisahluleki nasempilweni.
Kuye kube buhlungu kakhulu lapho ubona ontanga bakho bethwele izikhwama belibangise enyuvesi. Angiyiphathi eyalaba abaphumelele kodwa bangathathwa ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kulabo kubuhlungu kakhulu ngoba basuke banethemba lokuthi kukhona isikhungo esizobaphendula. Njengoba izikhungo eziningi ziqalisa ukufunda kubuhlungu kakhulu kulabo abasanethemba lokuthi bazothola izimpendulo.
Zimbalwa izinto eziyimbangela yokungathathwa esikhungweni semfundo ephakeme. Okokuqala kungaba ukuthi awunawo amaphuzu anele afunwa yileso sikhungo ofake kuso isicelo. Izikhungo ngokwahlukana kwazo zinamaphuzu athize okumele uwathole kumatikuletsheni wakho. Okwesibili kungenzeka ukuthi awutholanga amaphuzu alingene ukuthi uthathwe kulomkhakha wezemfundo owukhethile. Kungenzeka ukuthi unamaphuzu alingene ukuthi uthathwe enyuvesi yaKwaZulu-Natal kodwa angeneli ukuthi ungathathwa ebuthisheleni enyuvesi yaKwaZulu-Natal. Okwesithathu kungaba ukuthi ufake isicelo sekugcwele kuleso sikhungo noma kulowo mkhakha owuthandayo. Isizathu sesine kungaba ukuthi kunezifundo ongenazo kumatikuletsheni wakho ezifunekayo emkhakheni ofake kuwo isicelo.
Umbuzo omkhulu uthi kusho ukuthini ukuthi angithathwanga esikhungweni semfundo ephakeme kimi njengomfundi kanye nomzali womfundi ongathathwanga? Anginayo impendulo eqondile kulo mbuzo. Izimpendulo ziningi njengoba singafani singabantu. Kodwa okusemqoka ukuthi uma ungathathwanga akusho ukuthi lahla ithemba ngephupho onalo ngemfundo kanye nempilo ofisa ukuyiphila.
Kumnandi ukuhambisana nontanga bakho kodwa kuyenzeka ucabange ukuthi ontanga bakho baya lapho uya khona kanti nihamba izindlela ezingafani. Ngike ngabona abafundi bejabulela ukuyofunda kodwa bengayi ukuyofunda into abayithandayo. Kwenye inkathi ababoni ukuthi bathathe isinqumo abazozisola ngaso. Ukungafundi kulonyaka kukunika ithuba lokucabangisisa ukuthi ufuna ukufundelani. Ngiyakwethembisa ukuthi lo nyaka uzokunika ithuba lokuthi uzithole kahle ukuthi ufunani empilweni, okuyinto eshodayo kubantu abasha abaningi.
Ukungafundi lo nyaka kusho ukuthi ungafuna umsebenzi noma uvolontiye emisebenzini eqondene nale nto ofuna ukuyifundela. Uma ufisa ukuba usonhlalakahle, ungaya lapho kusebenzela khona osonhlalakahle ucele ukufunda umsebenzi kubo ukuze uqinisekise ukuthi uyazi ukuthi kuyini ukuba usonhlalakahle. Lokhu kuzokusiza kakhulu ngoba ngeke ugcine ufundela into ongeke uyithande uma sekudingeka ukuthi uyosebenza. Kuningi ongakufunda kulo nyaka okungakwenza uphumelele empilweni. Abantu abathatha ithuba lokuvolontiya bavamise ukuthola umsebenzi uma bephothula iziqu zabo. Iningi lezimboni neminyango kaHulumeni ifuna umuntu owaziyo umsebenzi. Ukungafundi kulo nyaka kuzokwenza uzibone ukuthi uyathanda ukufunda noma ubuthanda ukuthi kwaziwe ukuthi usenyuvesi.
Njengomzali onengane engathathwanga esikhungweni semfundo ephakeme kubalulekile ukuthi ulime enkulu indima empilweni yengane. Kusemqoka ukuthi uyeseke futhi uyinake ingane yakho. Asikho isidingo sokuzithola ukwenkulu ingcindezi njengomzali ngoba ayikho into ongayenza ukuguqula isimo njengamanje. Okubalulekile ukuthi uyazise ukuthi ukhona empilweni yakhe futhi uzomeseka kukho konke afisa ukukwenza kulonyaka. Iningi labazali likhokha umoya uma ingane iqeda umatikuletsheni kanti indlela isuke isaqhubeka futhi iseyinde. Awukwazi ukubalisela ingane ngokudla njengomzali. Khumbula ukuthi kuseyingane yakho futhi udinga uthando lwakho olufana nalolu olunika ezinye izingane noma obomnika lona ngonyaka ondlule. Kubalulekile njengomzali ukuthi utholele ingane usizo uma uyibona ukuthi iyaludinga.
Izingane azingazibulali sikhona, bese siyazithukisa. Ngenkathi ingane ungayinaki bakhona abazoyinaka, kanti ngeke uthande uma abazomnaka sebemnika uthando kanye nezinto ongazithandi.