Isakhiwo sesikhashana asingabi esaphakade
Enye yezimbongi yaloba inkondlo ethi, “Sadabukisa Isizwe.” Le nkondlo ijulile futhi iyamthinta umuntu obonayo ukuthi indlela abanye abantu abakubuka ngayo idalwa yindlela oziveza ngayo kubo. Uma uziveza njengesihlupheki, abantu bayokwazi njengento engakwazi ukwenza lutho ngokwayo kodwa edinga ukuphila ngokudatshukelwa. Kwesinye isikhathi bayokudabukela ngoba bebona ulambile kodwa ipuleti lokudla liphambi kwakho. Abanye bayokwazi njengohlobo lomuntu okwaziyo ukuphila ezingeni noma ngabe liphansi kangakanani ungakhombisi ukuzwela. Bayaye bakuthathe njengomuntu olivumayo izinga eliphansi lempilo abangeke balivume abanye.
Kunamazinga aboHlanga abaphila kuwo ezinye izinhlanga ezingaphili kuwo. Uma kwenzekile owolunye uhlanga waphila kulelo zinga yithina besizwe esikhombisana ngaye sakumangala ngoba sazi kuyithi abagqoka leso sicathulo sibalingane. Abanye phela banomqondo wokuthi ondlebezikhanyilanga bona abadalelwanga ukuphila ngaphansi kwezinga elithile.
Kula masonto ambalwa edlule ngithe ngihamba edolobheni ngahlangana nomfana wangapha ngakithi. Kuthe uma sesixoxa naye ngabe sengithi ngizomgibelisa sigoduke naye ngoba sakhelene emakhaya. Ube esengichazela ukuthi akasahlali ekhaya, usezitholele indawo lapho esehlala khona. Wachaza ukuthi kunezinto ezithile abangezwananga ngazo nomndeni wabe esezikhethela ukuphuma ekhaya. Ngamthatha ngaye ngamshiya eduze kwalapho ehlala khona, endaweni abayibiza ngomazakhele, lapho izindlu zakhona zakhiwe ngendlela okusengathi ezesikhashana. Abanye bayibiza ngomjondolo. Empeleni nayo le nsizwa encane yathi kimi seyinomjondolo wayo. Angithandi ukulisebenzisa leli gama lomjondolo ngoba ngiyazi ukuthi akulona igama abalithandayo abaningi.
Sesehlukene wangifikela umqondo wokuthi hleze baningi abahlezi ezindaweni ezifuze lezi bebe besuswe yizingxabano zasemndenini. Abanye kungenzeka ukuba bashiye izindawo ezinkulu zasemakhaya ezingakhiwe ngoba nje bengasafuni ukuhlala eduze nemindeni yabo bexoshwa yizizathu ezehlukene. Abanye ngokunjalo bafuna indawo lapho bezoziphatha khona bengashayelwa muntu omdala umthetho. Kungabe yindlela enhle yini leyo? Akusikho okwami ukwehlulela, kodwa ngicabanga ukuthi kusuke kuphele ukubekezelelana.
Ngithanda ukuba namhlanje sike sibuke ukuthi izakhiwo ezivumbuka ngokushesha zibukeke njengezinto zesikhashana zinamthelela muni empilweni yaboHlanga. Abanye bazalelwa khona bakhulela khona baze nabo bakha ezabo izakhiwo khona. Ngenye indlela ayikho enye indlela yempilo abayaziyo ngaphandle kwalena abazalwe bakhulela kuyo. Empeleni sekunezizukulwane ezingayazi enye impilo.
Kulesi sikhathi esiphila kuso kuyinto elula ukuthi kusuke ingane encane ingafuni ukuphathwa nokukhuliswa ikhuzwa phakathi komndeni. Ngenxa zokwehla kwezisekelo zenhlonipho nokulalela abadala kulula ukuthi umuntu aphume ekhaya angakhuzeki afike endaweni ethize agxumeke isakhiwo esisukuma ngelanga elilodwa asibize ngekhaya lakhe. Lapha le ngane ayishayelwa muntu umthetho, iyazilawula ngoba akukho mndeni ozomenza azihloniphe futhi ahloniphe. Uma engagxumekanga isakhiwo ndawana thize, umthola esemgwaqweni esengumalalepayipini ebalekela imithetho yekhaya ebeyimbumba ukuba akhule eqondile. Ngalokhu engikusho ngenhla angiqondile ukuthi bonke abahlala emgwaqweni nabahlala ezindaweni ezibizwa ngemijondolo babalekela ukuphathwa. Kuyaziwa ukuthi banezizathu ezehlukene. Kodwa ngiqonde ukwakha isithombe esithile esibhekene naboHlanga. Ngenkathi ngikhula bengiyaye ngibabone nabelungu ababebizwa ngohobo behlala emgwaqweni, begqoka izinto ezingcolile futhi ezibukeka zigugile. Angisajwayele ukubabona kulesi sikhathi, angazi ukuthi sebashonaphi. Sekwande laba boHlanga asebenikwe igama lokuthi amaphara. Awusaqondi phakathi komuntu olethwe wusizi nalowo othole ithuba lokukhangezwa noma lokwenza ubugebengu.
Kuyaye kungiphathe kabi ukuthi laba bantu ngaboHlanga kuphela, futhi bayaziwa lapho belala khona. Uma kudingeka bangabonwa nangokhalo kukhona abenza lowo msebenzi. Ngike ngezwa ukuthi uma kunemicimbi emikhulu emadolobheni bayaye basuswe bayobekwa ndawana thize ukuze bangabonakali futhi bangabi luhlupho emphakathini oqhamuka kwamanye amazwe. Lokho kungishiya nginemibuzo yokuthi kanti eqinisweni bayekwe ngamabomu yini ukuba babe luvanzi emigwaqweni yasemadolobheni? Uma kunesikhathi lapho beqoqwa khona bayothukuswa engxenye, babuye badedelwe, kusho ukuthi lukhona uhlelo olukhona. Umbuzo okhona ngothi lolu hlelo lubhekephi. Bayogcina besukile nje noma besusiwe emgwaqweni? Laba abahlala emijondolo, bona bayogcina besukile nje kulolu hlobo lwezakhiwo? Omunye wemibuzo engifikelayo ngothi, kungabe aboHlanga kuphela abanosizi emakhaya? Kwenziwa yini kube yibo kuphela abakha lolu hlobo lwezakhiwo ezibizwa ngemijondolo? Baphi abahluphekayo bamaNdiya? Maphi amaphumalimi ahluphekayo? Kwenziwa yini bona bangabonakali bevumbuka sebengamaphara? Kwenziwa yini bona bangabonakali sebakha eyabo nabo imijondolo? Kungabe thina boHlanga sesihlupheke kakhulu ukwedlula wonke omunye umuntu? Yini eyenza kube ngaboHlanga kuphela abanale nkinga?
Le mibuzo angiyibuzi ngoba ngiqhuba usuku nje, kodwa ngiyibuza ngoba ngibona ukuthi inomthelela ekuhlonishweni nasekuhloniphekeni kwethu njengesizwe. Uma ubhekisisa kahle uyobona ukuthi kunokuba sinciphe lesi simo, siya ngokuya sidlondlobala. Abakhuluma ulimi olumnandi bayaye bathi, impandla ikhwela ngamanhlonhlo. Lesi simo esesimandla kangaka namuhla siqale kancane sagcina saguquka safuya izigebengu.
Ezinye izinto umuntu azenzayo uma ephethwe wukuhlupheka nosizi zingamenza ehlelwe yisithunzi sakhe sobuntu nesokuhlonishwa njengomuntu. Kungishiya nemibuzo ukuthola ukuthi ngaboHlanga kuphela abahlala kulezi zakhiwo eziyilolu hlobo. Akusikhona lapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa cishe emhlabeni wonke lapho zitholakala khona lezi zakhiwo zesikhashana. Bahlalaphi abezinye izinhlanga uma beswele izindawo zokuhlala. Kungabe yithi sodwa yini boHlanga esikwazi ukwenza izinto ezenza ongaphandle abone sengathi thina singabekezelela noma yiluphi uhlobo lwempilo, sizithole nje kuyisekhaya noma abanye bengaboni khaya.
Ngike ngezwa ukuthi abanye kuyaye kuthi noma besuswa emgwaqweni bebekwa endaweni ezobenza baphile kangcono, baphinde beqe baphindele emgwaqweni. Izinto ezinjengalezi zenza abanye abantu babadabukele aboHlanga, basibone njengesizwe esihluphekayo futhi esidinga ukunakekelwa ngabanye abaziveza sengathi bona abanazo izinkinga esinazo. Omunye umuntu ukudatshukelwa kuyakuqhubezela ukudabukisa ngoba ugcina efisa kwaziwe ukuthi yena uyahlupheka. Ukuqiniswa kwemithetho, nokungamdabukeli umuntu ngokwedlulele kungamenza umuntu azi ukuthi kunengxenye yempilo okumele ayilwele futhi ayilubalubele.
Angikholwa ukuthi lezi zinkinga ngeke ziphele uma uHulumeni nezinhlaka ezithile zezwe nezesizwe bezimisela besebenza ngomgomo owodwa wokulwa nezinto ezilimaza isithunzi somuntu. Sengathi okwamanje alibangulwa leli liva kodwa liyathotshwa ukuze umuntu aqhubeke ahambe lingaphakathi. Ngenkathi singalibanguli lenza omkhulu umonakalo ngaphakathi kwesizwe.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd