Now Reading
ISILO esiphahlwe ngamalanga amabili: UMdlokombana neGwalagwala sebekhulume ngale kwethuna ngeSihlalo
Dark Light

ISILO esiphahlwe ngamalanga amabili: UMdlokombana neGwalagwala sebekhulume ngale kwethuna ngeSihlalo

Isinqumo seNkantolo sehlukanise inhloko nesixhanti. Kungekudala iBhubesi lizongena eSibayeni


Ngalesi sikhathi ngonyaka owedlule uZulu wabe umagange. Imibiko yabe ivela eNdlunkulu ngomlomo kaNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene ngokuqhubekayo ngesimo sempilo yeSILO esidala, uMdlokombana. Kwabe kukukhulu ukukhathazeka njengoba kwabe kuqala ukuthi iSILO singene esibhedlela sibatshazwa ukugula. Kwase kuyisikhathi esingaphezu kwenyanga sisesibhedlela. Leli kwabe kulisonto lokugcina kande ukuba izwe lonke lizwe elingakaze likucabange ukuthi kungenzeka ngesethu isikhathi – ukuthi selishonile ilanga kaZulu, iSILO sesiNyandezulu.

Nokho emuva kwesikhathi esingangesonto isizwe sikhumbule ukwebuza kweSILO esidala iNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu kuleli sonto ibangule iva ebeselihlabe uZulu isikhathi esicela onyakeni. Ngomlomo kaMehluleli uMadondo iNkantolo ihlukanise inhloko nesixhanti ecaleni elinguNombolo: 2751/2021P. La macala ngokuhlela kweNkantolo abehlukene izigaba ezintathu; elokuqala belithinta incwadi yamafa eyasayinwa ngoLwezi ngowezi-2016 nokwakuwumlayelo wokugcina weSILO esidala emndenini waso. Ingxenye yesibili ibimayelana nodaba obelufakwe ngaMakhosazane eSILO esidala esawathola eSigodlweni KwaKhethomthandayo. AMakhosazana lawa okunguNtandoyenkosi Zulu kanye noNtombizosuthu oganele kwaDuma. Abekhala ngokuthi akuyona iNdlondlo esayine encwadini yamafa. Isigaba sesithathu bekuyicala ebelifakwe ngumnewabo weSILO esidala uMntwana waseKwezi  uMbonisi Zulu. 

UMehluleli uMadondo uwachithile amacala amabili elikaNdlunkulu uMaDlamini noMntwana uMbonisi. Kuleli lesithathu uMehluleli wedlulisele isinqumo esingujuqu eNkantolo ezolalela izethulo zomlomo. Lokhu uMehluleli uthe ukwenza ngoba kube nokuphikisana kongoti ekuthenini ngabe yiSILO esidala yini esasayinayo. Isinqumo odabeni lukaNdlunkulu uMaDlamini besibhekwe ngabovu ngaMakhosi ezizwe noHulumeni imbala ngoba ukube isicelo sakhe siphumelele bekuyosho ukuthi amasiko ezizwe zaboHlanga athize ayezophazamiseka. Abekukhulekela eNkantolo uNdlunkulu wukuthi umshado wakhe uthathwe njengokuyiwo osemthethweni kuthi laba abanye oNdlunkulu bangabi nesabelo esilingana nesakhe, yena athole ingxenye elingana nekaMdlokombana. Lokhu uMadondo ukuchithe ngezizathu ezahlukene kepha esibe mqoka yileso sokuthi uma iNkantolo isivuma kuyoba nomthelela ongemuhle kwabanye oNdlunkulu kanye nakuBantwana babo njengoba bekuyosho ukuthi batholakale ngaphandle komshado. Okunye akugcizelele yikuthi inqubo kaZulu nayo ivikelekile emthethweni yezwe. Ukugcizelele ukuthi kukhona okusilele ezethulweni zakhe uNdlunkulu nokwenze isicelo sakhe kwalula ukuba siphikiseke.

 Kulolu lwamadodakazi eSILO esidala,  iNkantolo ithe yize aMakhosazana abefuna ukumisa uhlelo lokubekwa eSihlalweni abazange bakuphikise ukuthi amalungu omndeni waseNdlunkulu aqoke uMntwana uMisuzulu njengeNgonyama yamaZulu. AMakhosazana, nokho, aphumelelile ukumisa ukufezeka kwezifiso ezisencwadini yefa zikaZwelithini kuze kube nesigcawu sasenkantolo esizoqinisekisa ubuqiniso bayo. Incwadi yesivimbelo izothatha izinsuku ezili-15 ngaphambi kokuthi iphelelwe yisikhathi.

Engxenyeni yomnewabo weSILO esidala iNkantolo ibimile ekutheni akanalo ilungelo njengoba engeyona ingxenye yombango futhi kungekho nomuntu obanga noqokwe njengeSILO.

Izindleko nomphumela

Yize kwabanye kukhona umuzwa othi yize iNkantolo inqumile kepha akekho ophumelele njengoba oxabene ngumndeni. Inkantolo inqume ukuthi elibalahlile icala kuyomele bakhokhe izindleko zecala. Ngokuthola kwelaboHlanga izindleko zicela esigidini njengoba kubalulwa nokukhokhelwa kwabameli basemajajini. Elimlahlile njengokulayela kweNkantolo uzokhokhela abameli bakhe kanye nabalabo akade edudulana nabo. Bese kuvele kukhona izinkulumo ezithi kukhona abaxhasa labo abakade befake icala omunye nje wabameli ElaboHlanga elikhulume naye ukuqinisekisile ukuthi kungahle kube nenkinga. 

“Abaholi kuzo zonke izinhlangothi ngizwe bekhala ngenkokhelo, bekukhona abebede bephosa kepha akwanele iningi imali esele yabameli nokusazophuma izincwadi zifuna inkokhelo” kusho lo mmeli obe nesivumelwano ukuthi ngeke lidalulwe igama lakhe. Ngokwamaphepha izinhlangothi bezimeleleke kanjena; abakwaB.M Thusini Inc, C/O: Pranesh Indrajith Attorneys bamele: uMntwana uNtandoyenkosi Zulu, uMntwana uNtombizosuthu Zulu-Duma. 

Kuthi abakwaStrauss Daly Inc, C/O: Ngcamu Incorporated bamele; iNdlovukazi uMantfombi Zulu, Amalungu aseNdlunkulu neSILO  uMisuzulu. AbakwaWerksman Attorneys, C/O: Ngcamu Incorporated bamele iSanlam Trust (PTY)LTD.

 Abameli bakwaNgcamu bebemele neNdlovukazi uThandekile Ndlovu, iNdlovukazi uZola Mafu noMehluleli uJerome Ngwenya ngokwencwadi yamafa iSILO esidala esamjuba ukuba alekelele ekwabiweni kwefa.

Uswazi olunzima kwaKhetha

Esinye isinqumo esizokwenza kube lukhuni yileso sokuthi akuke kume ukwabiwa kwamafa oMdlokombana kuze kube kuphethwa ingxenye yokugcina yecala njengesicelo samadodakazi aKwaKhethomthandayo. Lokhu kusho ukuthi obethembe ukuthi uzokhokhela abameli ngemali engahle ivele ekwabiweni kwamafa angeke akwazi. 

See Also

KuNdlunkulu nezingane zakhe kwaKhethomthandayo isimo singahle sibe sibi njengoba encwadini yamafa uMdlokombana wathi oyoke aphikisane nalokho akubhalile kuyomele aphucwe konke ayemnike khona. Lokhu kusho ukuthi uma kugcina ngokuthi nezingane zilahlwe yicala umuzi waKwaKhethomthandayo uzolahlekelwa yikho konke obekuyisabelo sawo okungasho nokulahlekelwa yindawo yokuhlala. Lokhu kuzoba ngesifanayo nakuBantwana okunguMntwana uThembi, uMntwana uVulindlela, uMntwana uMbonisi nabanye ababe ngofakazi ekuphikiseni uMdlokombana. Nokho konke lokhu kuncike esinqumweni ngencwadi yamafa.

UMengameli uzokwenza ngakhona

Kungekudala nje emuva kwalesi sinqumo seNkantolo kulindeleke ukuba uHulumeni enze ngakhona njengoba ebukeka ecashe ngesithupha nje ethi akakwazi ukukhipha incwadi yokwamukela oyiSILO ngoba kunombango”. Kagcinanga lapho uHulumeni kepha waqoka ithimba elabe liholwa nguMnu uWillies Mchunu. UMehluleli uMadondo ukuveze kwasobala ukuthi kukho konke ukukhuluma obekukhona udaba lweSihlalo nozohlala kuso alungeni ezindabeni zamafa. Ukugcizelele ukuthi akukho okuvimba ukuba iNkosi ingene eSibayeni.   

 Ngesonto eledlule ElaboHlanga liqale umkhankaso wokuphoqa uMengameli wezwe ukuba enze ngakhona. Encwadini ebhalelwe uMengameli ElaboHlanga lithe: “Egameni likaZulu osewalala, ophilayo nosazozalwa kanjalo nabeNguni bonke kanye naboHlanga sithi uMengameli akenze ngakhona akhiphe incwadi le okuthiwa ikuye ngokomthetho.   Kuwumbono wethu ukuthi uma lesi simo siqhubeka isiko liyobe libulewe ngokuphindaphindiwe ikakhulukazi nxa kuyoshaya umhla zili-12 kuNdasa ingekho eSihlalweni ngokwemithetho yezwe iNkosana kaZulu.

“Kungumbono wethu futhi ukuthi isiphetho kulolu daba siyosho ukubuya kokuhlonipheka kweSihlalo esavikelwa ngokhokho bethu endulo. Khona lapho kuyosho ukuhlonipha uMdlokombana oluphawu lobunye kuZulu wonkana”, kusho incwadi yaboHlanga. Iphethe ngokuthi: “Siyohlonipheka nxa lokhu ukwenza lungakashayi usuku lokugubha unyaka kwebuza uMdlokombana. Ngokwenza njalo uyobe usihloniphile wahlonipha ngisho okhokho besenhlabathini abakha leli lizwe neSihlalo ngezingazi zabo. Yithi izizukulwane nezindlamvuzo zabalingani beSihlalo esabunjwa yiLembe nokhokho bethu endulo”.  

Ngokuthola kwelaboHlanga kungekudala uMengameli wezwe uzovumelana nombiko kaMacingwane nongatholanga bufakazi obutheni obekungamisa ukuba iSILO esiseSihlalweni samukelwe nguHulumeni. Uphenyo lethimba likaMacingwane lahluleka lancama ukuhlanganisa ababengaboni ngasolinye. Okunye ithimba elaphuma kunamagama amabili labuye lathola nelinye igama elabe liphakamisa enye yamadodana eSILO kwaDlamahlahla. Khona lapho kwabuye kwakhona nesiphakamiso kwabanye eNdlunkulu sokuthi akube nebamba. Kukho konke lokhu ElaboHlanga lithole ukuthi ithimba likaMchunu lincome ukuba uMengameli amukele iSILO esisesihlalweni vele ngokwesiko nangesimemezelo soMntwana waKwaPhindangene egameni leNdlunkulu. Ngale mpelasonto kuzoba noMkhosi WaMaganu eSigodlweni eMachobeni nayilapho kulindeleke ukuba kunatshwe kabanzi ngeminye yemisebenzi ezayo kulungiselelwa ukuba kungenwe esibayeni kanye nomsebenzi wokugubha usuku iSILO esidala esahamba ngalo, umhla zili-12 kuMasingana ngowedlule.

Isinqumo senkantolo yaseMgungundlovu sivumelane nokwashiwo yiSILO esidala encwadini yamafa nesaqoka iGwalagwala, INdlovukazi uMaDlamini naleso yona iNdlovukazi esakushoyo ekutheni ngubani okumele ahlale eSihlalweni.

Scroll To Top