Now Reading
Ukuqolwa kwendawo yasebaQulusini
Dark Light

Ukuqolwa kwendawo yasebaQulusini

Indawo yasebaQulusini okuyindawo yakwaZulu enhle ukuzedlula zonke ngokwamadlelo emfuyo yaqolwa ngamaBhunu ngemuva kwempi yaseTshaneni eyalwa mhla zi-5 kuNhlangulana 1884.

Impi yayiholwa nguMntwana uNdabuko ibhekene noZibhebhu owayesetshenziswa ngamaNgisi. Kwakukhona namaBhunu angama-200 ayezokwelekelela impi yoSuthu kodwa awazange azimbandakanye nempi ngenkathi sekuliwa. UZibhebhu wehlulwa amaBhunu aqala ukuthi afuna amapulazi ngoba nawo kade elwa. Alanda amanye ayekade engekho ngisho empini angama-800 aliqola lonke izwe lasebaQulusini elisuka oThaka, iWakkerstroom, limbandakanye iSimdlangentsha iPiet Retief, uPhongolo iBabanango, ikwaBhuquza, iRichards Bay. UMbuso wamaNgisi wenza isivumelwano namaBhunu mhla zingama-22 kuMfumfu 1887 wawavumela amaBhunu ukuba aqole indawo yamaZulu. Lokhu kwaholela ekuqanjweni kweNew Republic endaweni eyayiqolwe ngamaBhunu.

Ukwandiswa kwaMakhosi ngokuqokwa kwababengewona aMakhosi oSelo

Umbuso wamaNgisi aseNatali, wawufisa ukuba wonke aMakhosi akwaZulu ahlale ethembeke ngokugcwele. Lokhu akuzange kwenzeke ngoba maningi aMakhosi ayengezwani nomthetho wokubuswa kwawo ngoba leyo mithetho yayishaywa aMakhosi engalubekanga uvo lwawo kwazise yayaziswa kakhulu intando yeningi kwaZulu. Kwakuvunyelwa wonke umuntu ukuba abeke uvo lwakhe kuze kugcine kuvunyelwene. Ukukhinyabeza aMakhosi ayengathembekile embusweni wamaNgisi, uhulumeni wekoloni wawenza izinto eziningi njengalezi ezilandelayo: wawudala isiphithiphithi phakathi kweNkosi yesizwe nomakhelwane wayo. Kwakuthi-ke ngenkathi aMakhosi esebhekene ngeziqu zamehlo, imantshi yeseke iNkosi ethembekile, iNkosi engathenjwa izithole ibhekene nemantshi kanye neNkosi eyayixabene nayo. Leli su lokuqhatha aMakhosi lalimsiza kakhulu uhulumeni wekoloni ukuqhubeka nokubusa zonke izizwe zaMakhosi. Okwesibili, kwakuthi nxa aMakhosi ebanga imingcele yezindawo kwazise ayebusa emeveni, emigubaneni nasematsheni, uhulumeni avune ukuhleshulwa kwendawo yeNkosi ayeyibona ingathembekile. Ingxenye yayo wayeyinikeza iNkosi emhloniphayo. Okwesithathu uhulumeni wamaNgisi ekoloni yaseNatali owawubusa ngawo izizwe zaMakhosi kwakungukusungula izizwe ezintsha ngaphansi kwabantu ababekade beyizinduna zezimantshi. Lokhu uhulumeni wayekwenza ngokunikeza labo Bantu ingxenye yabantu ababezobabusa bese leso sizwe siyobekwa sibe udonga endaweni uhulumeni ayisolayo ukuthi ingahle idale umbhedukazwe.

Umphumela wokunqotshwa kukaZwide kaLanga Ndwandwe

Isizwe sakwaNdwandwe singakahlanganiswa noZulu wonkana sasibusa kuyo yonke indawo esenyakatho yomfula iMfolozi eMnyama kwazise kwaNongoma kwakuligama lomunye umuzi weNkosi uZwide. Isizinda soBukhosi sasiseMagudu, izintatshana ezengamele umfula uPhongolo. Ikhohlo, abakwaNxumalo bona isizinda sabo sasingaseTshaneni enyakatho yedolobha laseMkhuze. Kuthe uma abakwaNdwandwe behlanganiswa noZulu wonkana uZwide wabaleka waze wagcina efele ngaseNkomazi. Washiya indlalifa yakhe uSomaphunga owabamba iqhaza elikhulu kwaZulu. Indlalifa yakhe uMgojana yaqokwa ngamaNgisi yaba ngomunye wabaholi abayishumi nantathu. Amanye amadodana kaSomaphunga oMankulumana noHuqeni babamba iqhaza elikhulu ezingonyameni oCetshwayo noDinuzulu.

USojiyisa, uMaphitha kaSojiyisa nabakwaNzuza

Ngenkathi uShaka esuka kwaMthethwa ezothatha ubukhosi bakhe kwaZulu, isigodlo saseSiklebheni sakhelwa yena noSojiyisa. Amanxiwa aleso sigodlo asendaweni yaseMazimeleni eduze kwaseNtshidi lapho sekubusa khona iNkosi uMpiyezintombi Mzimela (osekhotheme). INdlovukazi uNandi nxa igana uSenzangakhona yaba yiNkosikazi yaseSiklebheni. Umthombo okwakukhiwa kuwo amanzi ekwakhiweni kwaleso sigodlo usekhona nanamuhla lokhu eduze kwamanxiwa. Lesi sigodlo sasakhiwe yiSILO uJama savuswa yiSILO uSenzangakhona. USojiyisa wayaziwa ngokuthi ungumntwana weSILO uJama kodwa unina wangeniswa esigodlweni esezethwele ngakho-ke ngokweSilo uDinuzulu enkantolo yamaJaji eGreytown ngowe-1909 ephendula umbuzo wokuthi kungani wayeganwe yinkosikazi uMahhayihhayi okaMafu, waphendula ngokuthi uyise kaSojiyisa empeleni kwakunguMhlaba. Lokho kwaba yisifuba saseNdlunkulu.

Waphuza ukuganwa uSojiyisa noma wayesemdala. Ngemuva kokubulawa kukaNgoza Mthembu inkosi yabaThembu ngamaMpondo, ingxenye yabaThembu yabuya yaphikelela kuShaka. Yona yabancoma kakhulu abaThembu ngokuvikela inkosi yabo ngobuqhawe kuze kube sekugcineni.

See Also

Kuleyo ngxenye eyabuyayo okwakukhona kuyo nendlalifa kaNgoza, yabekwa ngaphansi kukaSojiyisa eNgonyameni uShaka. Naziya izizukulwane zayo eMsinga. USojiyisa waganwa nguNobandile kaMbulu Sibiya wazala indlalifa yakhe uMaphitha eyanikezwa indlu esigodlweni saseMlambongwenya entshonalanga yaseSiklebheni eNtumeni, kwabo kaMntwana uMpande. Yakhulela khona yaze yayishiya leyo ndlu ngoba isiyozinza kwaNdwandwe ngemuva kokunqotshwa kukaZwide, inkosi yakwaNdwandwe, yiSILO uShaka. Waphinde wazala amadodana amabili uTokotoko noDombana. Wayemfushane kakhulu uMaphitha. Waganwa uKhundlase kaSothondose kaMalusi Nxumalo okunguyena owazala uZibhebhu indlalifa kaMaphitha.

Ngokunikezwa indlu eMlambongwenya uMaphitha kwabe sekuba kukwabo. Isigodlo saseMlambongwenya sasakhiwe nguSenzangakhona esakhela unina kaMpande, uSongiya okaNgotsha Hlabisa ababekade beyingxenye yabakwaNgcobo eMalangeni. Ukubeka kukaSojiyisa indlalifa yakhe eMlambongwenya kwadala isisekelo sobuhlobo phakathi kwendlu yakhe nekaSenzangakhona. UNandi waphuma eSiklebheni wayokwakha umuzi wakhe eMkhindini eduze komfudlana uMatheku, eningizimu yakwaBulawayo. EMkhindini kulapho kwakubekwa khona izintelezi zempi. Likhona emanxiweni aseMkhindini idlinza leNkosikazi uNandi.

UMaphitha uyozinza kwaNdwandwe

UMaphitha waphuma endlini yakhe eMlambongwenya ngemuva kokushona kukayise uSojiyisa nokuhlabana kwakhe empini yeNgonyama uShaka noZwide. Kuleyo mpi uMaphitha walwa ngobuqhawe waze wagwazwa amanxeba amaningi emzimbeni esiwombeni sempi egqumeni lakwaGqokli, uma ugudla iMfolozi eMhlophe entshonalanga yayo ngasesikoleni iJames Nxumalo. Kuthe sekuphele impi iSilo uShaka samqoka ukuthi ayokwakha lapho kwakukade kwakhe khona iNkosi uZwide Ndwandwe. Wakha umuzi wakhe omkhulu wawuqamba igama lokuthi kuseNkungwini. Kulapho ithuna lakhe likhona. Eminye imizi ayakha kuseKuvukeni, oPhanyekweni, eNkalakuthaba naseKuxedeni.

  • Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu 1. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za;  noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918
Scroll To Top