Ubonga abashayeli bamatekisi uSihlalo weSantaco



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Kushone abantu abangaphezu kwe-100 ezingozini zomgwaqo eNingizimu Afrika ngempelasonto yamaholidi ePhasika.
Esitatimendeni uMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal uthe ngalesi sikhathi kushone abangama-47 kwaboshwa abangama-60 kulesi sifundazwe ngenxa yokushayela bedle amanzi amponjwana. Kulezi zibalo zabadlule emhlabeni abekho abashone ngengozi yetekisi.
USihlalo weSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal uMnu uBoy Zondi (osesithombeni), ekhuluma nelaboHlanga uveze ukujabula ngendlela abashayeli abaziphathe ngayo kula maholidi.
“Kuyintokozo ukubika ukuthi njengamanje KwaZulu-Natal ayibanga bikho ingozi edlule nomphefuulo ebibandakanya amatekisi okuyinto esijwayelekile uma kuyiPhasika,” kusho uZondi.
UNondaba, abakwaZondi, echaza ukuthi ngabe lokhu akwenziwa yini ukuthi besisincane isibalo sabantu abebesebenzisa izithuthi zomphakathi kwazise amakholwa abengayi ngobuningi ezinkonzweni nokuthi imigwaqo ibingekho matasa kakhulu uthe: “Ziningi izinto ezenzekile, okokuqala siyimboni sikhulume kakhulu nabashayeli, okwesibili saphuma isifundazwe sonke sisebenzisana namaphoyisa senza izivimbamgwaqo lapho ebesibheka izimoto ezingekho esimweni somgwaqo bese kubuye kube ukuthi ukuhamba bekungekuningi.”
Uqhube wathi: “Kodwa asikusho ukuthi bezikhona izinkinga kangangokuba kunezimoto ezili-118 KwaZulu-Natal ezinikezwe amathikithi okungamatekisi angama-68 zakhishwa emgwaqeni, ezingama-78 zaboshwa. Akukhona ukuthi konke bekuhamba kahle. Esikubongayo ukuthi ezimotweni eziningi ebezisemgwaqeni izingozi azibanga khona kodwa bebesakhona abangokhanda limtshela okwakhe njengoba kunalezi zinombolo ezigcine ziphoqelela ukuthi kube nezinyathelo ezenziwayo kubona.”
Mayelana nokuthi bazokwenzenjani ukuvimba izingozi ezidlula nemiphefumulo emgwaqeni uthe: “Akungabi into yemboni yodwa le. Ngike ngithi wonke umuntu akalekelele imboni noHulumeni ukukhuza abafowethu abasenza izinto ezingasile embonini ngoba asikwazi ukuthi sibe namehlo yonke indawo. Sicela wonke umuntu onethuba lokukhuza akhuze lapho kubonakala senza khona amaphutha. Kodwa ngakolwethu uhlangothi sisazoqhubeka nokukhuza, sibagqugquzele ukuthi bashayele izimoto ezisesimweni somgwaqo, bayeke ukushayela bedle amanzi amponjwana, bayeke ukweqa ijubane elibekiwe emgwaqeni.”
Njengoba isifundazwe sinoMphathiswa Wezokuthutha omusha uNkk uPeggy Nkonyeni uZondi uthe: “Akekho umphathiswa esike simcwase kusuka kowokuqala uNdebele kuze kuzoba imanje. Thina siqala ukumunikeza inkinga uma naye esinikeza inkinga futhi asinankinga yokumunikeza inkinga. Uma sibambisene kahle ebona ukuthi kumele asilekelele, siyabambisana naye. Nomama uNkonyeni ngeke simjahe efika sizoxoxa izinto kahle kodwa uma sibona ukuthi izinto azihambi ngeke singabaze ukuveza ukuthi nathi siyazwela.”
Umshayeli wetekisi elihambela eThekwini naseMgungundlovu uMnu uSibani Ngobese, ephawula ngokwenzeke ngempelasonto yePhasika uthe: “Bekumnandi ukubona amaphoyisa egcwele umgwaqo, sibonile ukuthi siphephile ngisho nakubafana bamaPolo. Vele thina njengoba sihamba amabanga amade asilayishi ngokweqile, abebezithola bephambene nomthetho bekuwubudedengu bomshayeli nje ngoba obasi batshelwa ithina ukuthi imoto idingani.”
Njengoba kushiwo kuthiwa akuyiwa nganxanye kungemanzi, akubona bonke abashayeli abathokozile ngomsebenzi wamaphoyisa njengoba omunye wabo ohamba amabanga amafishane uMnu uMthobisi Mavundla yena ethe: “Amaphoyisa awasicabangeli, athatha ngisho amabhakede esigeza ngawo izimoto athi sihlalisa abantu, uma ungaphalazile nje kahle, abhala umshayeli ithikithi ngokuthi umsizi wakhe uhlezi kulona.”