Now Reading
Uthi likhulu ithemba ngabadlali base-Afrika uDe Sa
Dark Light

Uthi likhulu ithemba ngabadlali base-Afrika uDe Sa

Ngokubona kwakhe ibhola  baningi abadlali basezwenikazi abasethubeni lokuqokwa njengomdlali ovelele.


Iqembu lesizwe lase-Egypt lithelwe othulini yiSenegal kowamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon ekuqaleni kwenyanga. URoger de Sa odabuka eNingizimu Afrika ubeyiphini lomqeqeshi we-Egypt uCarlos Queiroz.

UZipho Singela uxoxe noDe Sa engxoxweni ekhethekile ngokuba yingxenye yeqembu lesizwe lase-Egypt, ukusebenzisana nesilomo seLiverpool, uMohammed Salah nekusasa labo noQueiroz kwelase-Egypt.

Ingxoxo yabo ihambe kanje.

Zipho Singela (ZS): Ngabe ungasichaza kanjani isikhathi sakho neqembu lesizwe lase-Egypt ku-Afcon ebiseCameroon?

Roger De Sa (RDS): I-Afcon akuwona umqhudelwano olula. Ngaso sonke isikhathi ihlale ishubile futhi ihlabahlosile. Kumele uhlale uhlomile ngoba akudlalwa nje ibhola kuphela kodwa ziningi izinto ozifundayo novuleleka kuzona. Okumqoka wukwenza iqembu lakho likuqonde ukuthi kukhona izingqinamba elizohlangabezana nazo ngaphandle kwenkundla. Uma uneqembu elizimisele ukunqoba usuke usethubeni lokwenza kahle. I-Afcon ifuna uqine ngokomqondo. Yilokho nathi esikwenzile. Sizamile kodwa sahluleka kowamanqamu. Ngokwami ngikholwa wukuthi iSenegal ibikufanele ukuba ngompetha bomqhudelwano. Sidumele ukuthi asinqobanga kodwa sikwamukelile ukuthi akuzange kuhambe kahle.

ZS: Ngabe ukushaywa ngamakhadi abomvu kwenu noQueiroz kuwaphazamise kangakanani amalungiselelo omdlalo wamanqamu?

RDS: Angicabangi ukuthi ukungabi khona kwethu ebhentshini kwenze umehluko omngako kowamanqamu. Njengethimba labaqeqeshi konke okuphathelene nomdlali sikwenza phakathi nesonto. Ngosuku lomdlalo izinto esisuke singazenza zitshintshe umdlalo ziyabaleka. Indaba yokungahlali ebhentshini kowamanqamu ayizange ibe nomthelela omubi eqenjini. Uyazi kwesinye isikhathi uma uhlezi ezihlweleni umdlalo uwubuka kangcono. Ubuchwepheshe besimanje nabo benza izinto zibelula ngosuku lomdlalo. Sengiyabona manje ukuthi kungani abaqeqeshi bebhola lombhoxo behlala ezihlweleni. Umdlalo bawubuka kangcono. Kuneminye imidlalo eyenza into efanayo. Ngokwami ukungabi khona kwethu ebhentshini akuliphazamisanga iqembu.

ZS: Abantu base-Egypt ngabantu abahlale bephokophele impumelelo. Ngabe bayinambithe kanjani indaba yokushaywa kowamanqamu?

RDS: Abantu base-Egypt bayalazi ibhola. Lapha sikhuluma ngabantu abayizigidi eziyishumi. Ibhola liyabasanganisa. Balithanda ngenhliziyo yabo yonke. Alukho olunye uhlobo lwezemidlalo oludlula ibhola. E-Egypt ibhola lifana nosiko lwakhona. Ngemuva kokuguqiswa yiNigeria emdlalweni wokuvula abathandi bebhola babedumele. I-Egypt ihlale idlulela esigabeni somkhumulajezi ku-Afcon. Besinengcindezi ngemuva kokushaywa iNigeria. Sikwazile ukuvuka sizithuntuthe kulandela ukushaywa yiNigeria. Siwubambile umgqigqo. Asidlalanga ibhola elihehayo kodwa sidlale ibhola elidingakala emqhudelwaneni womkhumulajezi. Emiqhudelwaneni womkhumulajezi udinga ukunqoba yonke imidlalo oyidlalayo kungakhathalele ukuthi udlala kanjani. Umdlalo nomdlalo ubuneqhinga lakhona. Wonke amasu esiqhamuke nawo asebenzile saze safinyelela kowamanqamu.

ZS: Nizophinde nitholane phezulu neSenegal enishaye kowamanqamu we-Afcon kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba. Niqala ekhaya bese niqeda ekuhambeni. Yini ezoba ngukhiye kulo mdlalo?

RDS: Imidlalo yasekhaya ihlale imqoka. Umphumela womdlalo wokuqala yiwona azosidwebela isithombe sokuthi sizohamba ibanga elingakanani kweyokuhlungela iNdebe YoMhlaba. Ngeke kube lula ngoba iSenegal ibophele isikwati esiqinile. Iningi labadlali bayo bagijima ku-Uefa Champions League masonto onke. Banomqeqeshi (Aliou Cisse) osehlale neqembu lesizwe iminyaka eyisishiyagalombili. Banazo zonke izinsiza ezingabenza baphumelele. Mina ngiyethuka ukuthi bayaqala ukuphakamisa indebe. Ngokwami kumele ngabe kudala bezitamuzela ngezicoco kule minyaka emihlanu eyedlule. Kuzoba nzima. Siyaqonda asilona iqembu elithwelwe ngeqoma. Sizoqhubeka silwe njengeqembu elingabhekiwe.

See Also

ZS: Ngabe kunjani ukusebenza nomdlali ofana noMohammed Salah?

RDS: UMohammed Salah uzithobe ngendlela eyisimanga. Akazithwele. Uma usebenza naye kuyefana nokuthi usebenza nabanye abadlali. Ungumdlali omqoka eqenjini kodwa uyalalela. Konke enimtshela kona usebenza kanzima ekutheni akwenze. Wenza izinto ngendlela elula. Uyazinikela futhi akayisabi ingcindezi. Uyibhubesi enkundleni.

ZS: Mangakanani amathuba okuthi uSalah aqokwe njengomdlali wesibili odabuka e-Afrika ovelele emhlabeni?

RDS: Ngeke ngithi uMo Salah kuphela. Baningi abanye abadlali bokuzalwa e-Afrika abanethuba lokuqokwa njengomdlali ovelele emhlabeni. Ngabe ngenza iphutha uma ngibala uSalah kuphela. Okuhle wukuthi iningi labadlali bethu lapha e-Afrika benza kahle emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Sekuseduze ukuthi sibone umdlali wase-Afrika eqokwa njengomdlali ovelele emhlabeni. Konke kuzoncika empumelelweni yabo namaqembu abo.

ZS: Siyabonga, Roger.

RDS: Kubonga mina.

Scroll To Top