Now Reading
Kunyenyeza izwi lomzali encwadini kaTumi Morake
Dark Light

Kunyenyeza izwi lomzali encwadini kaTumi Morake

‘LE ncwadi ingumgudu wokuzwakalisa izwi likamama wami,” Lawa ngamazwi kasomahlaya ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kuthelevishini uTumi Morake. Le ntokazi eyazalelwa esifundazweni iFree State, yafudukela eGoli eminyakeni edlule yethule incwadi ethembisa ukuthi iqukethe zonke izigigaba zempilo yayo yangasese kuze kube manje. Ngokusho kukatumi le ncwadi esihloko sithi, “And Then Mama Said” ibuyisa izigameko ezihlukahlukene ezihambisana nokukhula adlule kuzo empilweni. Izoqala ukutholakala emasontweni amabili ezayo. Ephawula ngomongo wayo uthe udlulisa izwi likanina nezimfundiso zakhe abengeke abe yilutho ukube wazishaya indiva.

UTumi oseke wabonakala emidlalweni kamabonakude njenge The Queen wethembisa ukudalula konke okumphathe kabi empilweni yakhe. “Ngagconwa kakhulu ngomzimba wami kuqoshwa uhlelo lwemishado i -Our Perfect Wedding, baphinda abantu bakhuluma abakuthandayo ngesigameko sokucwasa ngokobuhlanga esasithinta uSteve Hofmeyer kuJacaranda FM. Umshado wami owawungahambi kahle nokubi abantu ababekusho ngibe sengozini yemoto, besho nokusho ukuthi ngabe kungcono ukube ngafa kuleyo ngozi,” kuqhubeka lo somahlaya wodumo.

Ebuzwa ukuthi ukubhala ngalezi zigameko akumvuselanga yini iminjunju yomphefumulo uphendule wathi: “Ngifana nomuntu obeseyihamba okwesibili le ndlela. Ngesikhathi lezi zigameko zisanda kwenzeka ngakuthola ukwelapheka ngokwesimo somqondo. Empeleni bese kumnandi nje kimina ukubhala ngalezi zigameko.”

Uqhubeke wathi akakaze abe nesifiso sokubhala incwadi ngempilo yakhe kodwa abelokhu enaso esokukhumbula umama wakhe ngandlela thize.

“Umama wami wayeyingqalabutho ngezindlela eziningi, wayengeyena usozigidi kodwa engumama oyingqayizivele ngezindlela eziningi. Uyabona ke ukuthi uma ngizalwa ngumama onjalo mina ngingaba kanjani wumuntu nje. Impilo yami yonke ngisebenze kanzima ukuthi ngibe yilo muntu enginguye. Umuntu osezingeni lakhe yedwa, njengomama wami,” kuphetha uTumi.

See Also

Uthi akufisayo ukuthi abazofunda incwadi yakhe baqonde ukuthi usebenze kanzima ukufinyelela lapho ekhona nokuthi akukho okutholakala ngenhlanhla empilweni kodwa impumelelo iyasetshenzelwa. “Ngibe nenhlanhla yokuthi empilweni yami yonke ngibe nabantu abahlale bezimisele ukungithwala lapho nginqwamana khona nobunzima. Yikho ngingumuntu wabantu, ikakhulukazi labo abayingxenye yezihlwele ezikhuthalele ukuza emicimbini yami. Bangikhumbuza lapho ngiphuma khona, ngiyibo luqobo,” kuphetha uTumi.

Ungusomahlaya onempumelelo kwakwenzayo. Ungumlingisi, umethuli wezinhlelo zethelevishini nombhali wemidlalo yethelevishini. Useke wazuza indondo iGolden Horn for Best Achievement in Scriptwriting in a TV Comedy. Incwadi yakhe esihloko sithi, “And Then Mama Said”, kuzobe kungeyokuqala ayibhalile.

Scroll To Top