Bafike ngezinkani ukuzolekelela uNdunankulu eLibya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhide lwezimoto zabashokobezi luthuthele eTripoli lusuka edolobheni laseLibya iMisrata ngoMgqibelo ukuyosiza uNdunankulu wesikhashana phakathi nokucindezela kwePhalamende ukuthi limketule esikhundleni ukuze livune owalo ozongenela ukhetho. UNdunankulu wesikhashana u-Abdulhamid al-Dbeibah ufunge wagomela ukuthi uzokwehla emandleni kuphela ngemuva kokhetho futhi usichithile isinyathelo sePhalamende kuleli sonto sokuqoka owayenguNgqongqoshe Wezangaphakathi uFathi Bashagha ukuthi ahole uhulumeni omusha.
Ukufika kwabashokobezi kugcizelele ubungozi bokuqubuka kwezimpi eLibya njengoba kuqhubeka le nkinga, kulandela ukugqugquzelwa kwamaqembu ahlomile aseka izinhlangothi ezahlukene zezepolitiki emasontweni adlule. Uhide lwezimoto lwangoMgqibelo, oluhlanganisa izimoto ezingaphezu kwekhulu ngokusho kofakazi beReuters, lufike ngemuva kokuthi uDbeibah phambilini ngoMgqibelo esole iphalamende ngokuthi “libhekene nakho konke ukuchitheka kwegazi nezinxushunxushu” eLibya eminyakeni yamuva nje.
USomlomo WePhalamende, u-Aguila Saleh, usole uDbeibah ngenkohlakalo nangokufuna ukusebenzisa isikhundla sakhe ukuze afeze izinjongo zakhe kunokuba enze izinguquko ezizwakalayo. ILibya ibinokuthula okuncane kusukela ngesikhathi iNATO ivukela uMuammar Gaddafi ngowezi-2011 futhi kwaphinde kwaba khona ukuhlukana phakathi kulelizwe ngowezi-2014 phakathi kwamaqembu alwayo empumalanga nasentshonalanga.
Ngesikhathi sempi, iPhalamende lalihambisana kakhulu namabutho azinze empumalanga eLibyan National Army (LNA) kaKhalifa Haftar. Amabutho ahlomile amakhulu avela eMisrata ayekolunye uhlangothi, esekela uhulumeni owawuhlonishwa umhlaba wonke ngaleso sikhathi eTripoli. UDbeibah ubekwe ngonyaka odlule njengenhloko kaHulumeni Wobumbano Lwesizwe, okuwuhlaka olwasungulwa ngenqubo esekelwa yi-UN ukuhlanganisa izikhungo ezihlukene zaseLibya kanye nokwengamela ukulungiselela ukhetho ngoZibandlela .
Ngemva kokuwa kwenqubo yokhetho ngesikhathi sezingxabano zamaqembu mayelana nemithetho, iphalamende lathatha isinyathelo sokulawula inqubo yezombangazwe ngokumemezela “umhlahlandlela” omusha okhethweni futhi esikhundleni sikahulumeni wesikhashana. Kuleli sonto icele uBashagha ukuthi asungule uHulumeni omusha ngemuva kweseshini lapho uSomlomo ethe sekuhoxe oyedwa kuphela wabe esevotela lowo owayenguNgqongqoshe Wezangaphakathi ngokuphakamisa izandla ngokushesha. UBashagha wandizela eTripoli ngoLwesine ebusuku ngaphambi kwenqubo yokubunjwa kukaHulumeni wamasonto amabili futhi wathi ulindele ukuthi uDbeibah anikeze amandla ngokuthula. UDbeibah uthe ngesonto elizayo uzomemezela umhlahlandlela wakhe wezwe obandakanya ukhetho kuleli hlobo.
Isikhundla seNhlangano Yezizwe Ezihlangene kanye nemibuso emikhulu sizoba bucayi ekunqumeni umphumela womzabalazo kuHulumeni wesikhashana ngemva kweminyaka yamazwe angaphandle ehileleke kulo mbango. I-U.N. ithe isakubona ukuba semthethweni uholo lukaDbeibah kanye neGNU kanye nenqubo yezepolitiki ebiyingxenye yayo. Kodwa-ke, i-UN ithe ngoLwesihlanu ukuthi uNobhala Jikelele u-Antonio Guterres usibonile isinyathelo sePhalamende sokuqoka uBashagha, kanye nesinyathelo sePhalamende kanye nenye inhlangano, iHigh State Council, ukuhlela indlela ebuyekeziwe ebheke okhethweni.

