Now Reading
UMatekane uhlaba ikhwelo kwelobugebengu
Dark Light

UMatekane uhlaba ikhwelo kwelobugebengu

UNdunankulu waseLesotho uSam Matekane usenxuse abantu bakuleli ukuthi bangazibandakanyi ezenzweni zobugebengu. Abanye abantu baseNingizimu Afrika basole abantu baseLesotho ngokubandakanyeka ezenzweni zokumbiwa kwemigodi ngokungemthetho okuholela ezinhlobonhlobo zobugebengu.

Uthe okumqoka kuye wukudala amathuba omsebenzi azovimba izakhamizi zaseLesotho ukuthi ziphume ngobuningi bazo ziyofuna ukuqashwa kwamanye amazwe, ikakhulukazi iNingizimu Afrika. Ezinseleleni zamanje zezepolitiki nezokuphepha emhlabeni jikelele. “Esizokwenza njengenye yezinto eziza kuqala kithi. … ukubuyisa bonke abakulelizwe abahambile.”

UNdunankulu omusha uthi ubheke ukusebenzisa amanzi ayindathane eLesotho ukuze aqale ugesi weHydro Electric. “Lokho kungenye yezinto eziseqhulwini. Sizosebenza ukuze siqinisekise ukuthi bonke abantu baseLesotho  bayawathola amanzi.”

Mayelana nezinselelo ezikhona emhlabeni jikelele kwezepolitiki nezokuphepha, uMatekane uthe abaholi bomhlaba kumele basebenzise izingxoxo ukuxazulula izingxabano ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba, ethi ukuchema nengxabano ngeke kuholele ezixazululweni ezihlala njalo.

See Also

Ukusho lokhu ngesikhathi izwekazi lase-Afrika lingaphansi kwengcindezi yokuthi lithathe uhlangothi empini eshubile yase-Ukraine njengoba iRussia ihlasele leliya lizwe ekuqaleni kwalo nyaka. “Okufanele sikwenze emhlabeni wonke ukuze sibe nokuthula wukuqinisekisa ukuthi asizihlanganisi namanye amazwe alwayo….

UNdunankulu waseLesotho kulindeleke ukuthi abonakale okokuqala ngqa emazweni e-COP27 e-Egypt ngoLwezi. UMatekane uqinisekise izakhamuzi zalelizwe ukuthi bazozibona izinguquko ezinsukwini ezili-100 ezizayo.

Scroll To Top