Amanyuvesi amaningi avule ngokuvala amasango


Isibalo esikhulu sabafundi abafuna ukuqhuba izifundo emanyuvesi, isibalo esincane samanyuvesi ezweni, ukwehliswa kwemaki lokuphasa kwabafundi nempoqo yokuba abafundi bagome ngaphambi kokwamukelwa emanyuvesi nezinye izikhungo zemfundo ephakeme kungenzeka yini ukuthi yikho okunomthelela weziteleka ezithe chithi saka emanyuvesi akuleli. Cishe mahlanu amanyuvesi amakhulu ezweni athathe isinqumo sokuvala thaqa ukubhaliswa kwabafundi ngasekuqaleni kwaleli sonto emuva kokuqubuka kwemibhikisho ehambisana nodlame.
EThekwini kuvalwe iDurban University of Technology, iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, iNyuvesi yaseFree State noma ingavaliwe thaqa kodwa ukubhaliswa kwabafundi kumisiwe, ngesifanayo nase-University of Johannesburg neNyuvesi yaseLimpopo.
Kukhona ukukhuluma okuthi ngasekuqaleni kwesonto lezi ziteleka zingabe sezinabele nakwamanye amanyuvesi okuzodala ukubambezeleka kokuqala kokufunda. Zihlukene izikhalo zabafundi kulezi ziteleka kodwa eziseqhulwini ukuhamba kancane kohlelo lokubhalisa ngenxa yokuthi abavunyelwe ukuziyela ezikhungweni bagqugquzelwa ukuthi babhalise ngohlelo lwe-Online.
Okunye okugqamile ukubhikisha kwabafundi abathi amanye amanyuvesi agxambukela kumalungelo abo akuMthethosisekelo okuzikhethela ngempilo yabo njengoba bephoqwa ukuthi abagome ngaphambi kokubeka unyawo lwabo kuwo. Emasontweni amabili edlule uNgqongqoshe Wezemfundo ePhakeme, iSayensi Nobuchwepheshe uDkt uBlade Nzimande wamemezela ukuthi umgomo kuseyiwona okuqinisekisiwe ukuthi uvikela ukhuvethe. Nakuba uNzimande engalibekanga ngembaba elokuthi abafundi bazophoqwa ukuthi bagome ngaphambi kokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme, kepha inkulumo yakhe yayithi asikho isidingo sokuthi abafundi bangakuboni ukubalulela komgomo. Wakuveza ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme yizona okunamathuba amaningi okuthi kungathelelwana kuwo ngalolu bhubhane ngenxa yesibalo esikhulu sabafundi.
Engakaligwinyi izinhlangano zabafundi zafunga zagomela ukuthi zizolwisana nalo mbono kuze kube sekugcineni uma uMnyango uqhubeka nawo. Umholi we-African Christian Democratic Party (ACDP), uMfu. uKenneth Meshoe usamile ekutheni abafundi kumele bavikelwe elungelweni lwabo lokuzikhethela.
Ephendula enkulumweni yangeledlule engobume besize kaMengameli uRamaphosa uMeshoe uthe,”uHulumeni kaRamaphosa uyishaya phambili uyishaye emuva ngoba nguye owayethe akekho umuntu ozophoqwa ukugoma kwiqiqi sekunguye futhi omemezela ukuthi sekuyimpoqo ukugoma,” Uthi abafundi akumele baphoqwe ukugoma ngaphambi kokungena emanyuvesi ngoba lokho kwephula ilungelo labo.
EDurban University of Technology abafundi bangqongqise ngomlilo izimoto ezine bacekela phansi impahla befuna kuvulwe amasango kuqedwe nomthetho wokuthi abakwazi ukuzifikela mathupha.
Okhulumela le nyuvesi uMnu u-Alan Khan uthe kuvalwe uphiko iSteve Biko, iML Sultan neRitson kanti akukaziwa ukuthi kuzobuyelwa nini. UKhan uthe kucekelwe phansi izimoto zabasebenzi kwalinyazwa nempahla, futhi bayasola nokuthi ikhona inhlese yobugebengu.
Ekhuluma nabafundi kulesi sikhungo uSihlalo wenhlangano yabafundi i-EFF Student Command uNkululeko Mzobe ugqugquzele abafundi ukuthi bangapheli umoya noma bangalala emasangweni enyuvesi uma nje kuzokwamukelwa izicelo zabo. NgoLwesibili le nhlangano yabafundi ikwazile ukulwa yaze yatholela abafundi indawo yokukhosela nakuba ukubhalisa kusamisiwe. “Sibatholile okhiye ukuze nikwazi ukungena ezindleini lapho nizokwazi ukuthi nisebenzise iWi-Fi”. kusho uMzobe.
Uziqhelelanisile nezigameko zodlame nokungqongqiswa ngomlilo kwezimoto. ENyuvesi yaKwaZulu-Natal nakhona ukubhaliswa kwabafundi kuvaliwe emuva kwezigameko zodlame. Iqulu labafundi livale izindlela ezingenela kule nyuvesi nalapho omunye umsebenzi wenyuvesi ekhishwe ngesidlozana emotweni kwaze kwangenelela abomthetho. Nalapha abenyuvesi bathe ikhona inhlese yobugebengu kokuqhubekayo.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto kuxoshwe abafundi emagcekeni eNyuvesi yaseFree State okuvele ukuthi abagomile. Kusuke isidumo iningi labafundi abangagomile bethi angeke baphume ngoba kulilungelo labo ukukhetha ukuthi bayawuthatha yini umgomo noma cha. Emasontweni amabili edlule le nyuvesi yamemezela ukuthi isizokwenza kube ngumgomo ukuthi wonke umfundi othathwa kuyo nosebhalisile agome. Lokhu kwakulandela ukunqoba kwenyuvesi enkantolo ngomgomo kubafundi nabasebenzi bayo.
Inhlangano yomphakathi iFree State for Choice (FS4C’s) yayifake enkantolo inyuvesi iphikisana nesinqumo sokwenza kube yimpoqo ukugoma kwabafundi nabasebenzi bayo. INkantolo Enkulu yaseBloemfontein yasichitha isimangalo sale Nkantolo. Esinqumweni sayo iNkantolo yaveza ukuthi iFS4C yehluleka ukuveza okubambekayo okuthi isicelo sayo siyaphuthuma. Emuva kwalesi sinqumo inyuvesi yaqala yakwenza kwaba ngumgomo ukwamukela kuphela abafundi abagomile.
Esitatimendeni eyasikhipha inyuvesi yathi, “Nakuba iziphathimandla zenyuvesi zisihlonipha isinqumo senkantolo, kodwa besingakholelwa ukuthi isinqumo esithathwe yinyuvesi bekungaze kuyiswane enkantolo ngaso. Inyuvesi iyakuqinisekisa ukuthi ukusayinwa komthetho ozoba yinqubomgomo uzoqala ukusebenza zili-14 kuNhlolanja wezi-2022.” Kuphetha isitatimende.