Isiphakamiso sehlandla lesibili likaRamaphosa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthole okunye ukugunyazwa ukuthi aqhubeke njengomholi we-African National Congress (ANC). Kulokhu kuphume komunye wabayisithupha abahamba phambili kuleli qembu, uMgcinimafa Jikelele uPaul Mashatile (osesithombeni). UMashatile uthi amalungu e-ANC anomuzwa wokuthi uRamaphosa kufanele azinikele elinye ihlandla ukuze aqhubeke nokulwa nenkohlakalo.
I-ANC izobamba ingqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela. UMashatile ubekhuluma eKapa esidlweni sasekuseni sangemva kweSONA esihlelwe yiProgressive Business Forum. UMashatile uthi uRamaphosa usemkhankasweni wokulwa nenkohlakalo kusukela ethathe izintambo.
Ngenyanga edlule, izifunda ezine ze-African National Congress (ANC) eLimpopo zalandela isimemezelo sikaSihlalo wesifundazwe, uStanley Mathabatha ngobuholi bukazwelonke be-ANC ngoMgqibelo. Ngesikhathi iqembu ligubha iminyaka eli-110 lasungulwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, uMathabatha uthe iLimpopo izogunyaza umengameli weqembu uCyril Ramaphosa ukuthi athathe ihlandla lesibili njengomengameli we-ANC.
Enkulumeni yakhe yokwamukela izivakashi ngoMgqibelo emcimbini wangoMasingana ziyi-8 – uSihlalo wesifundazwe uStanley Mathabatha wathi iqembu lizogunyaza lowo ophethe ukuthi athathe ihlandla lesibili. Lokhu kwasusa inkulumompikiswano ezinhlakeni zeqembu. “Esikushoyo nje maqabane wukuthi uma sekuvuleka ikhethini ukuthi siqale sikhankasele ubuholi kumengameli we-African National Congress. Akungatshazwa nakancane ukuthi thina njengeLimpopo sizokhankasela uCyril Ramaphosa.”
Ukuphakamisa amagama ngaphambi kwesikhathi
Ngemuva kwesimemezelo saseLimpopo, umhlaziyi wezepolitiki u-Enoch Maponya uthe ukugunyazwa ngaphambi kwesikhathi kwalabo abazongenela ukhetho kungaba nomthelela kwezepolitiki.
“Kungcono amalungu e-ANC alinde kuze kube yiqembu eliwavumelayo ukuthi aqale ukukhankasela labo abazobamela. Lesi simemezelo singakavuthwa siyisu lokufaka izicelo zomsebenzi ngaphansi kukaCyril Ramaphosa. Uma kwenzeka ukuthi ikhandidethi ukukhathazeka kungaphumeleli, ikhandidethi ewinile uyokuthola kunzima ukumufaka esakhiweni esisha, njengekhabhinethi, njalo njalo. Lokhu sikubone ngowezi-2017, ngemuva kokuthi izinhlaka ezifana nophiko lwentsha ye-ANC, uphiko lwabesifazane, iMKVA ziqale phezulu ukunxenxa uNkosazana Zuma kwathi uma engawinanga, ezinye zazo, uma zingawini eziningi, azifakwanga ohlakeni olusha olungaphansi kukamengameli uCyril Ramaphosa.”
IFrans Mohlala House iyikomkhulu le-ANC esifundazweni eLimpopo. Kulapho-ke kuthathwa khona izinqumo zokugcina ze-ANC esifundazweni. Isinqumo esikhulu esithathiwe ngesokuthi wonke amagatsha e-ANC eLimpopo kuzomele eseke uMengameli Cyril Ramaphosa ihlandla lesibili engqungqutheleni elandelayo yokukhetha ubuholi be-ANC. Izifunda zithi zizokweseka uStanley Mathabatha – ongusihlalo we-ANC esifundazweni ukuthi abe yingxenye yabayisithupha abaphezulu be-ANC.