Now Reading
Yazi amagama ezinkanyezi ngesiZulu
Dark Light

Yazi amagama ezinkanyezi ngesiZulu

Enye yezinto eziwubufakazi bokuthi aboHlanga babenobuhlakani babo ngamagama angumsinsi ababiza nabaqamba ngayo izinto. La magama asuke engaveli esingisini noma kolunye ulimi okungelona olwase-Afrika. Amanye amagama angumsinsi yilawo okubizwa ngawo izinkanyezi.

AboHlanga bakwaXhosa bathi  yiinkwenkwezi, aboHlanga abangamaShona le eZimbabwe bathi yinyenyedzi. AbeSotho bona banelabo elithi yidinaledi kuthi amaTsonga wona athi yitinyeleti , kube yimaledzi kuBaVenda , ilinaleri kubeTswana,  nenyota  ngesiSwahili. KubeNguni bakwaZulu zikhona izinhlobo zezinkanyezi kanti nazo zinamagama.

Ikhwezi: Le nkanyezi inkulu, ikhanya ngokugqamile. Iphuma entathakusa, ilandelana nendonsa.

Indonsa (Indosa): Le nkanyezi iphuma kuqala, ihole ezinye ngokushesha. Iphuma entathakusa khona kuze kuse.

Indonsakusa: Kuseyiyona indonsa.

Inqonqoyi (Inqongolozi): Nayo indonsa

Indonsamasuku: Inkulu, ibomvu, iphuma ebusuku sekulele wonke umuntu, sekuqala ukucathama abathakathi.

Inkwenkwezi: Inkanyezi ekhanye bha eyaye ivele ekuseni ngezikhathi zikaNtulikazi.

Intshola: Inkanyezi evela ekuseni kakhulu ngezikhathi zoMandulo. Iphuma ngesikhathi okuthiwa ngesokuqhuba izinkomo zokwebiwa. Yingakho kuthiwa iqhubankomo.

Iqhubankomo: Abanye bayibiza kanjalo intshola.

Isandulela: Inkanyezi ekhanya kakhulu evela ngokuphela kwentwasabusika

Isicelankobe: Inkanyezi evela ilandela ukushona kwelanga, sengathi ibisithi liyoshona nini. Icela izinkobe phela zisuke zisazobekwa eziko.

Umthala: Lezi zinkanyezi ziba ziningi zenze isixhobo. Zanda ehlobo. Ungalala zibheke endaweni ethile ebusuku, kuyabase sezibheke engxenye.

See Also

Ondweliyana (Ondwendweni):  Uhwezane lwezinkanyezi olukhanya sakufikiza.

Insansa: Uhlobo lwezinkanyezi olukhanya kakhulu.

Isilimela: Lezi zinkanyezi ziphuma zibe yisixuku noma isixhobo ngasenyakatho, zibe luthohto. Isilimela siphuma Phakathi kobusuku.

Isindwengama: Ulwezane lwezinkanyezi oluvela ngezikhathi ezithize.

Isiphambano saseNingizimu: Ziluhoyi, zenza umfanekiso wesiphambano obheke eNingizimu

Olunye ulwazi luthathwe ebhukwini iNgqolobane kaZulu

Scroll To Top