Now Reading
Zinkani zababili: Ukungqubuzana kwabo kungaholela izwe empini
Dark Light

Zinkani zababili: Ukungqubuzana kwabo kungaholela izwe empini

NgoLwesithathu, kuvele ukuthi abavumelani abaholi ababili abanohlonze baseSomalia ngemuva kokuthi beqoke abantu abahlukene ukuba bahole ezobunhloli zalesi sizwe esingazinzile kwezepolitiki oPhondweni lwe-Afrika.

Ukungezwani phakathi kukaMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed noNdunankulu uMohammed Hussein Roble, ngenxa yokuphenywa kwecala lokubulala, kukhomba ukwanda kwezingxabano phakathi kwabo ezweni elihlaselwe yizimpi nemibango yemindeni.

NgoMsombuluko ngesonto eledlule, uNdunankulu uRoble umise uMnuz Fahad Yasin, onguMqondisi weNational Intelligence Service Agency, wathi wehlulekile ukuletha umbiko ngodaba lwelunga yalenhlangano elanyamalala ngoNhlangulana.

UNdunankulu uqoke omunye umuntu, okunguBashir Mohamed Jama, njengenhloko yesikhashana yale nhlangano. Kodwa uMengameli ubize lesi senzo sikaNdunankulu ngokungahambisani noMthethosisekelo futhi waqoka omunye umuntu wesithathu, okunguYasin Abdullahi Mohamed, njengenhloko ngoLwesibili.

Oqokwe nguMengameli uthathe izintambo emcimbini wokwabiwa ngoLwesithathu, kusho le nhlangano enkundleni yokuxhumana uTwitter. Ezokuphepha ezizungeze ikomkhulu lale nhlangano beziqinile, ngokusho kwezakhamuzi zendawo.

Ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu uNdunankulu uqoke owayenguNgqongqoshe Wezezimali u-Abullahi Mohamed Nur njengoNgqongqoshe omusha Wezokuphepha Kwangaphakathi, kusho ihhovisi lakhe

See Also

isikhathi sakhe seminyaka emine ngeminyaka emibili, okwenza amaqembu ezempi athembeke kumuntu ngamunye ukuba athathe izikhundla eziphikisana enhlokodolobha, iMogadishu. Ukungqubuzana kwaxazululwa ngenkathi umengameli ebeka uRoble ukuthi aphathe ezokuphepha futhi ahlele nokhetho olubambezelekile lwezomthetho nolwezomengameli. Leyo nqubo bekufanele iphothulwe ngenyanga ezayo kodwa ezinsukwini ezimbalwa ezedlule yabuyiselwa emuva futhi. Esitatimendeni ngoLwesibili, uMengameli wamemezela u-Yasin, ongumuntu uNdunankulu uRoble ayemxoshile, njengomeluleki wakhe wezokuphepha.

Futhi ngoLwesibili, uRoble usole uMohamed “ngokuvimbela uphenyo olunempumelelo” ngecala lika-Ikran Tahlil Farah, okuyilungu elalahleka ngesikhathi lisebenza emnyangweni wezokuphepha we- cyber we-ejensi yezobunhloli. Umndeni wakhe (Ikran Tahlil Farah) uphumele obala wathi uyakholelwa ukuthi wabulawa, futhi bathweswe icala i-ajensi. Le nhlangano ayikaphenduli kulokhu kusolwa komndeni.

NgoLwesithathu umndeni wafaka icala enkantolo yamasosha efuna incwadi egunyaza ukuboshwa kwezikhulu ezine zeNISA, kubalwa nomphathi oxoshiwe uYasin, abasola ukuthi unesandla noma unecala ngokunyamalala kukaFarah, kusho iSishayamthetho uMahad Mo amed Salad etshela abezindaba.

Scroll To Top