Now Reading
Bathi likhona icala kosolwa ngokuthungela iPhalamende abeNPA
Dark Light

Bathi likhona icala kosolwa ngokuthungela iPhalamende abeNPA

Anathi Mtaka

UPhiko LwezokuShushisa Kuzwelonke iINational Prosecuting Authority ithi iyazethemba ukuthi inecala eliqinile elibhekene nosolwa ukucekela phansi iPhalamende uZandile Mafe. NgoLwesihlanu, iNkantolo Yesifunda SaseKapa imnqabele ibheyili. INkantolo ithole ukuthi akazange aveze ubufakazi obukhethekile bokuthi akhululwe. UMafe ubhekene namacala ahlanganisa ukucekela phansi impahla ngomlilo owaqubuka ePhalamende eKapa ngenyanga edlule.

Uwaphikile amacala. Ithimba lomangalelwa lithi lizosiphikisa isinqumo seNkantolo sokuthi azikho izimo eziphoqayo zokukhululwa kukaMafe ngebheyili. Uboshwe kusanda kushiswa iPhalamende. UMafe usagcinwe esitokisini ejele lasePollsmoor ngemuva kokuthi ukuzivikela kwakhe kufake isicelo eNkantolo Enkulu sokuphuma kwakhe esibhedlela sabagula ngengqondo iValkenberg. Ummeli wakhe, uLuvuyo Godla uthi bazobhala izincwadi. “Manje ehhovisi lami, sizobhala izincwadi ngokushesha, ukuze sibhale okurekhodiwe ngokushesha futhi sizoya eNkantolo Ephakeme futhi sidlulise lolu daba ngokushesha. Lona ngumyalelo wethu ovela kuMnu uMafe. “

INPA yamukela isinqumo seNkatolo

I-NPA isamukele isinqumo seNkantolo Yesifunda SaseKapa sokwenqaba ibheyili osolwa ngokushisa iPhalamende, uZandile Christmas Mafe. Okhulumela iNPA eWestern Cape, u-Eric Ntabazalila uthi likhona icala eliqinile elibhekene nomsolwa.

“Isinyathelo esilandelayo wukuqinisekisa ukuthi siyalifakazela icala lethu elibhekene nommangalelwa ngaphandle kokungabaza. Sikholwa wukuthi sinecala eliqinile elibhekene nommangalelwa kanti ithimba labaphenyi nabashushisi abanamava namakhono esilihlanganisile lizofaka icala eliqinile enkantolo elizoholela ekushushiseni ngempumelelo.”

See Also

Osolwa ngokushiswa kwePhalamende nobushokobezi uMafe, ngomlomo wabammeli bakhe, uthi uzoyisa impi yakhe enkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni. UMafe usamile kwelokuthi wenziwa imbuzi yomhlatshelo futhi uhlose ukumangalela umbuso. Ummeli, uLuvuyo Godla uthi bazofaka isicelo semvume yokudlulisa icala ngokushesha. “Ingagqunywa inyanga noma izinyanga ezimbili. Kuzoncika kuhulumeni, ukuthi udinga isikhathi esingakanani, kodwa angeke kuphazamise uhlelo lokudlulisa lolu daba, nalapho uMnu uMafe engadingeki nokuthi aze afike mathupha. Sizomane sibhale irekhodi, ngemuva kwalokho sithole usuku eNkantolo Enkulu bese udaba luzolalelwa,” kuchaza uLuvuyo Godla.

INational Prosecuting Authority eWestern Cape ithi ngemuva kokuphikisana ngempumelelo nebheyili, isinyathelo esilandelayo wukuqinisekisa ukuthi iyawafakazela amacala ayo uMafe, ngaphandle kokungabaza. “Sebezoya ngisho eNkantolo Enkulu ezweni. Bazosithola khona. Sizoba ngabokuqala lapho. Sizosiphikisa leso sikhalazo. Asikholwa ukuthi noma iyiphi enye inkantolo ingafinyelela esiphethweni esihlukile kunalesi. Ngakho-ke sizoyiphikisa,” kusho okhulumela iNPA, u-Eric Ntabazalila.

Scroll To Top