Now Reading
Ingabade: Umlando omfushane ngelomhlaba waboHlanga
Dark Light

Ingabade: Umlando omfushane ngelomhlaba waboHlanga

Inhlosongqangi yaboHlanga yababeyi-ANC nababengeyona isabizwa ngeSouth African Native National Congress, iSANNC, yayingobunye baboHlanga nodaba lomhlaba.

Kuvela ukuthi uDkt uPixley ka-Isaka Seme waphawula ngobumbano lwaboHlanga abangabeTswana, abangabeSotho, abangabaPedi, abangamaVenda, abangamaTsonga, abangamaShangane, abangamaSwati, abangamaNdebele, abangamaXhosa, abangamaZulu nabanye boHlanga.

Kwathunyelwa abaholi be-ANC, eyayibizwa ngeSouth African Native National Congress, kuHulumeni wamaNgisi e-England, ngowe-1914. KwakunguMengameli wokuqala uDkt UJohn Langalibalele ‘uMafukuzela’ Dube,ephelezelwa uDkt uWalter Rubusana, uSaul Msane, uThomas Mapa noSolomon Tshekiso Plaatjie.  

Babeyokhononda ngomthetho wokuphucwa nokubuyiswa komhlaba omuhle waboHlanga. Umhlaba ababeqhwagiwe noma abaphuciwe ngendluzula ngabamhlophe, zili-19 kuNhlangulana we-1913, ngomthetho owawunguNombolo 27, osukwini lwangoLwesine ngaphandle kwesinxephezelo ngowe-1913.

Akufihliwe ukuthi abanye boHlanga, abasizwa nguHulumeni wedemokhrasi, badlala ngalawo mathuba omhlaba wokulima. Yize babesebenza kuwona noma babeyizisebenzi ngaphansi komlungu. Umhlaba wagcina usuwugwadule namahlathi.

Behluleka ukuwulawula umhlaba,badla imali, bangayisebenzisa ngokuyikhona sebengabalimi. Behluleka ukuholela izisebenzi nokunye,kwafadalala izinto.

Yize kunjalo uhulumeni wedemokhrasi, umengameli wezwe basazoqhubeka nokunxephezela nokuxhasa aboHlanga odabeni lomhlaba bethanda noma bengathandi.

Njengokubakhela, nokubanxephezela ngezindlu, ngemali nolunye uxhaso. Bakwenza omengameli babelungu ebelungwini bakubo.

Bese uHulumeni ebanezinhlaka ukulandela nokusiza abanikwe umhlaba ukuqinisisekisisa ukuthi bawulime ngempela,benza ngokuyikho yini.

AboHlanga bayeka ukulushabeshekela udaba lomhlaba ngowe-1955, emva kokuba sebashona ababengabaholi bokuqala ababeye e-England, ngaphandle kweNkosi u-Albert Luthuli eyayisadla anhlamvana, ivalwe umlomo ngamaBhunu,

Ngenkathi sekunezinye izinhlanga ezingebona aboHlanga, kuyosungulwa umqulu wenkululeko eKlipspruit zingama-26 kuNhlangulana we-1955.

Laba baholi ababeye e-England babenesizotha, babenenhlakanipho kaMdali ukwedlula abasiholayo kule nkathi yekhulu nyaka.

Kufakazelwa izinto ezinhle eziningi labo baholi beSANNC abazibukelayo, zaba wusizo kowoHlanga wazuza nanamanje.

Babengazabalazeli ukuba baphile kangcono kunabanye boHlanga ngoba bevunyelwa yizimo. Baze bakhohlwe ukuthi bayini, bangobani,babehlalaphi njengoba kwenza abamanje.

Abamanje abazibonakalise ngamaqhaza kwezemfundo, ngezikhwama zosizo lwezenhlalakahle.

Sinengcosana yabaholi, yosopolitiki boHlanga ababukelile abawusizo kwaboHlanga yize benamaningi amathuba okukwenza,uma bekhathalele abantu abaphilayo.  

Isicaphuno esisencwadini iThe Death and Life of Malcolm X, kaPeter Goldman futhi sashicilelwa eSahlukweni sama-21, ekhasini lama-304,encwadinii ebizwa Zulu States Man, ngomlando woMntwana waKwaPhindangene iNkosi, uNdunankulu kaZulu,uMangosuthu Buthelezi eyabhalwa nguBen Temkin.  

Ukuthi uJomo Kenyatta owayenguMengameli waseKenya, wabalula isisho esidala saboHlanga esithi: Abafileyo bayakwazi okwenziwa ngabaphilayo kodwa abaphilayo abakwazi okwenziwa ngasebafa.

Lapho uKenyatta waphimisa amazwi athi: Abaphilayo (boHlanga) uma bengakwazi ukunakekela amathuna abakubo asebafa, abasoze babanakekela abantu abaphilayo. Kwakungenkathi uJomo Kenyatta evakashele ithuna likaMalcolm X, ukuyolihlanza,nokususa ukhula. Lesi sisho sabadala esasiphimiswe uKenyatta siyakufakazela ukuthi lapha e-Afrika sinabaholi, sinosopolitiki boHlanga abangabakhathalele sakubo abamnyama besaphila.

See Also

Ukube babebakhathalele abaphilayo bengamaqembu aboHlanga aphikisayo nengxenye yabe-ANC,babezovota beyimbumba, mhla ziyisi-7 kuZibandlela ngowezi-2021 osukwini lwangoLwesithathu, eNingizimu Afrika.

Kwakufanele babe yimbumba osopolitiki abamnyama ngodaba lomhlaba owaqhwagwa bangasithola izinxephezelo kohulumeni wamaNgisi kanye nowamaBhunu. Ukuze ePhalamende kuphumelele ukuchibiyelwa komthetho ongunombolo wama-25, we-1996, wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

Uma osopolitiki boHlanga babekhathalele aboHlanga, kwakudingeka babeke eceleni ukuthi i-ANC babengadlelani nayo,yayineningi lamalunga ayo ephalamende, nangasayethembi ngoba yayingasathembekile nakwabanye ezweni.

Akusasizi  ukugxeka i-ANC ephathiswe uhulumeni. Bazobuzwa ngabavoti ngowezi-2024 ukuthi benzani ngalolo suku. Kwazise aboHlanga bayiningi ngokwamaqembu ezepolitiki ePhalamende nakomasipala. Hleze abavoti sebeyazisola ukuthi babewavotelelani amaqembu aboHlanga.

Bangazikhohlisi, bakhumbule nosopolitiki boHlanga, ababevotelwe ngokwamaqembu epolitiki ikakhulukazi ngaboHlanga, okhethweni loHulumeni Bendawo, olwalungomhla lulu-1 kuLwezi wezi-2021.

Sekuku-ANC ehola uHulumeni,yenze njengoba kwenza ohulumeni babamhlophe okwakungowamaNgisi nowamaBhunu, abenza kwaba lula emphakathini wabamhlophe ukuthola umhlaba.

Aqaphele imigogo uHulumeni azocushwa ngawo, ngomthetho onguNombolo 25,ukuthi umhlaba kufanele uthathwe ngaphandle kwezinxephezelo.

Inhlosongqangi yosopolitiki boHlanga eyokuhlakaza aboHlanga nezinye izinhlangano zepolitiki namaqembu epolitiki. Bahlakazana bodwa, bahlakaza namaqembu abenze baba abayikhona ngokwentuthuko yezemfundo nemali nokwehlukahlukene.

Sekuyakhanya ukuthi ezinye izinhlanga ezazithi zizwelana naboHlanga ngowe-1955, zaziqonde ukubathena amandla ngelomhlaba nokunye okuvuna abantu abamnyama kuze kube yile nkathi

Scroll To Top