Now Reading
Akakufihli ukuthi bangathanda ukudlulela kuLast16 uNduli weRockets
Dark Light

Akakufihli ukuthi bangathanda ukudlulela kuLast16 uNduli weRockets

I-TS Galaxy FC isizithwese ijoka lokuphinda iqumbe phansi iKaizer Chiefs emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ezoba kusasa ngelesi-6 ntambama eFNB Stadium, eGoli.

Ngowezi-2019, iRockets agila izimanga ethela othulini iChiefs kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokwenza lokhu azifaka emlandweni ngokuba yiqembu lokuqala eligijima kuGladAfrica Championship ukudla ubhedu kuNedbank Cup ekubeni lidlala esigabeni esiphansi. Namanje iGalaxy iyona ephethe lowo mlando ebholeni kuleli.

Exoxa nelaboHlanga, uSihle Nduli (osesithombeni) odabuka KwaMakhutha ukubeke kwacaca ukuthi angeke bakufake emqondweni abakwenza ngowezi-2019 kodwa bazimisele ngokudlulela kuLast 16.

“Into endala eseyadlula mfowethu. Sadlala neChiefs sayishaya ngowezi-2019. Ngaleso sikhathi yayibophele abanye abadlali nomunye umqeqeshi (Ernst Middendorp) kanti manje babophele elinye iqembu labadlali. Nathi ngokunjalo sineqembu elisha nomqeqeshi omusha uSead Ramovic. Yebo, yona ikhona engqondweni kodwa asisayicabangi kakhulu,” kubeka uNduli.

IChiefs ibhekene nesomiso sezinkomishi. Selokhu yagcina ukunqoba isicoco ngowezi-2015 ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.

Amakhosi avele asephuthwe yisicoco seMTN8 kanti asele kakhulu kuMamelodi Sundowns ezihola phambili esicongweni.

“IChiefs yiqembu elikhulu. Sizoyihlonipha njengeqembu elikhulu kodwa hhayi enkundleni. Into esiyibheke kakhulu wukunqoba nokuthi sidlale kahle,” kusho uNduli.

La maqembu adlale ngokulingana nge-0/0 emlenzeni wokuqala weligi eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga.

“Indaba yokunqoba iNedbank akuyona into esicabanga ngayo kakhulu. Okubalulekile wukunqoba umdlalo wokuqala. Kumele sibhekane nomdlalo owodwa ngesikhathi. Ngeke sivele sigijimele kowamanqamu singakadlali ngisho nomdlalo owodwa,” kuchaza uNduli.

IGalaxy idonsa kanzima kule sizini emidlalweni yeligi. Iyona ebambe ibhuleki kulogi.

“Uma ungumdlali webhola udlala esigabeni esikhokhelayo into emqoka wukunqoba yonke imidlalo oyidlalayo kungakhathelele ukuthi udlala kumuphi umqhudelwano,” kuqhuba uNduli.

IChiefs iyona enezicoco eziningi emlandweni weNedbank Cup. Isinqobe eziyishumi nantathu.

“Ukusebenza kanzima nokusebenzisa amathuba esiwatholayo yikona okuzoba ngukhiye ekutheni siphumelele uma sesibhekene neChiefs,” kusho uNduli.

See Also

Ngesizini edlule iChiefs iyona ekhiphe iGalaxy kuTop 8. Iqumbe phansi iRockets ngeli-1/0 eMbombela ngegoli likaSamir Nurkovic.

IGalaxy ibidinga iphuzu ukuze izibekisela indawo kuTop 8. 

“Angeke sizihluphe ngokwenzeke ngesizini edlule. Okwenzeke ngesizini edlule kwenzeke ngesizini edlule. Kithina umphumela wangesizini edlule usufana nomlando,” kuchaza uNduli.

Ngowezi-2019 wabamba elikhulu iqhaza ngesikhathi ezakhe zithela othulini Amakhosi kowamanqamu eThekwini. UNduli uphethe irekhodi lokuba ngumdlali omdala kubona bonke emlandweni weGalaxy. Wajoyina leli qembu laseMpumalanga ngesikhathi lisungulwa ngowezi-2015.

“Wonke umuntu uzimisele ngokulwela indawo yakhe eqenjini. Amalungiselelo ethu omzuliswano wesibili ahambe kahle kakhulu. Nabaqeqeshi bathole ithuba elihle lokusisiza ekutheni silungise lapho sidinga ukulungisa khona. Umdlalo sesiwulungele njengeqembu,” kulandisa uNduli.

IGalaxy isanda kulahlekelwa nguMxolisi Macuphu ojoyine iRoyal AM. “Ukuhamba kukaMacuphu angeke kusiphazamise. Sinabo abanye abagadli abangasishayela amagoli. UMthobisi Mngomezulu useshaye amagoli amane, uWayde Lekay naye useshaye amagoli amane kanti ukhona noMenzi Ndwandwe onamagoli amabili no-Augustine Kwem. Yena sizomkhumbula ngoba ubesefana nelunga lomndeni wethu kodwa ukuhamba kwakhe kuzovulela abanye amathuba,” kusho uNduli.

Scroll To Top