Ukuvalwa kwezikhungo zemfundo ephakeme kulimaza aboHlanga
UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Kungumsebenzi wethu sonke njengesizwe ukuqinisekisa ukuthi ukhuvethe alwedluleli kwabanye abantu ngokufaka izifonyo uma siphakathi kwabanye abantu. Kusemqoka ukuthi sibambisane size sisinqobe lesi sifo. Ukuzikhandla kukaHulumeni kusukela safika lesi sifo kuleli kuyancomeka futhi kuyabonakala. Angifuni ukwanda kakhulu ngoba angiyena udokotela futhi nginolwazi oluncane ngezifo. Engikwazi kangcono kanye nengikukhathalele yimfundo nokubona aboHlanga befundile. Okubuhlungu ukuthi ukhuvethe luguqule okuningi empilweni yethu kanye nendlela esiphila ngayo.
Ezemfundo kuleli kanye namazwe amaningi kushayekile. Ucwaningo olwenziwe uMnyango Wezemfundo emazingeni aphansi kuleli luveze ukuthi baningi abafundi abashiye phansi isikole emabangeni aphansi. Into ebuhlungu kakhulu ukuthi kulolu cwaningo, aboHlanga bahamba phambili ngezibalo zabantu abashiye phansi isikole. Ukhuvethe lwenze izibalo zabantu abashiye phansi isikole zanyuka kakhulu kunakuqala. Kungakho kubuhlungu ukubona uMnyango Wezemfundo emazingeni aphezulu oholwa uDkt uBlade Nzimande ungakuboni ukuhlukumezeka kwabafundi boHlanga behlukunyezwe yilesi sifo.
Ukuvalwa kwezikhungo zemfundo ephakeme ngenxa yokhuvethe nakulonyaka kuzolimaza kakhulu aboHlanga. Okwenzeka esikhungweni semfundo ephakeme i-UKZN akufanele ngabe kusenzeka namanje. Angisiboni isidingo sokuthi izikhungo zemfundo ephakeme ezingaphansi kanye nezixhaswe nguhulumeni zinqabele abafundi ukuthi bevakashele lezi zikhungo uma befuna ukufaka izicelo zokufunda noma ukubhalisa. Angifisi ukuzwakala sengathi ngithi ukhuvethe alukho futhi alubulali abantu, kodwa engiqonde ukukuveza ukuthi asikho isidingo sokuthi kuvinjwe abafundi ukuthi baye ezikhungweni bayobhalisa. Izwe lonke livuliwe futhi uhulumeni uyehlisile imithetho ebophezela izindawo eziningi ukuthi zivalwe.
Ukuvalwa kwalezikhungo kucindezela ilungelo lomuntu omnyama futhi kwenza ukuthi angakwazi ukuthola ithuba lokufunda. AboHlanga abaningi abanazo izinsiza kanye nemali yokufunda kanye nokubhalisa ngezobuchwepheshe. Abaningi abakwazi ngisho ukufaka izicelo zokufunda ngezobuchwepheshe, okwenza ukuthi basalele ngaphandle noma bephumelele ngamalengiso. Ithuba lokufunda liyilungelo lanoma ngabe ngubani. Ukuvalela abantu abasha ngaphandle usebenzisa ukhuvethe njengeshoba lokuziphungela akuyona into enhle.
Ngiyakhumbula ngifika enyuvesi ngingazi nokuthi ngizobe ngifundelaphi. Ukube kwakungekho abafundi abebaphambili kunathi, abantu abafana noKhumza Khumalo, uMnikeni Phakathi, uNtobeko Khumalo, uThinta Cibane, uSiyabonga Nkontwane, kanye nabanye abaholi babafundi, ngabe sabuyela emakhaya singaphathanga lutho esandleni.
Kunengane esuka emakhaya ongazi nokuthi kumele ikhethe ziphi izifundo. Uma uthi abafake izicelo zokufunda baphinde babhalise ngokobuchwepheshe kufana nokuthi uyabethuka ngoba abazi nokuthi baqale ngaphi. Singakefiki isifo ukhuvethe ubukwazi ukuya ezikhungweni ezahlukene ubuze yonke imibuzo onayo futhi uthole ukwelulekwa ngayo yonke into. Kuyihlazo ukuthi izikhungo ezifana namanyuvesi anjenge-UKZN zingahlanganyela owoHlanga ngokuhlupheka. Isikhungo semfundo ephakeme engifundisa kuso sabavulela ngonyaka odlule abafundi emagcekeni aso futhi asikaze sibe nenkinga ngaleyo ndlela.
Kungikhanyele ngokusobala ukuthi uHulumeni wethu ukhomba indlela aphinde ajike. Ungeke uthembise imfundo yamahhala bese ucasha ngokhuvethe uma abantu abasha sebefuna ukufunda. Kimi kuzwakala kabi ukuthi kunengane ezohlala ekhaya ingafundi ngenxa yokuthi ayilutholanga usiso ngoba kwakuvalwe izikhungo ngenxa yokhuvethe. Okubuhlungu ukuthi izikhungo aziqashanga abantu abasha abazokwelekelela laba abakhona ukuze kuphendulwe izincingo zabantu abashaya ngoba befuna ukubuza imibuzo. Izikhungo ezifana ne-UNISA zibukisa ngabantu abamnyama. Kubantu abafola imigqa emide minyaka yonke kugcwele aboHlanga ngaso sonke isikhathi. Kunokuthi izikhulu zizibuze ukuthi kungani abantu bakhetha ukufola bashiswe yilanga, kugxekwa abantu bakithi kwenziwe sengathi iphutha likubo kanti ukubhalisa online akuyona into abayaziyo. Kulabo abakwaziyo ukubhalisa online kukhona bashodelwa imali yako ukungena ku-inthanethi.
Angimelene nokuphila impilo yesimanjemanje kodwa ngimelene nobandlululo kanye nokukhipha inyumbazane abantu bakithi. Izikhungo ezizimele zenza enkulu inzuzo ngoba abazali abaningi babhalisa izingane zabo ezikhungweni ezizovumela ukuthi zifundiswe othisha. Ngicabanga ukuthi usuyabona ukuthi kungani ngithi owoHlanga ukhishwa inyumbazane. Mina nawe siyavumelana ukuthi akusibo bonke abantu abamnyama abangakwazi ukukhokha izimali ezikhokhwa kulezikhungo ezizimele. Lokhu kusho ukuthi umuntu omnyama ukhishelwe emnyango ngoba engenamali kodwa zibe zikhona izikhungo zikahulumeni. Anginankinga nezikhungo ezizimele futhi angimelene nazo ikakhulu ngoba ngisebenza kwezinye zazo, kodwa ngidabukiswa ukubona umuntu omnyama wakithi ecindezelwa noma izwe selakhululeka.

