Now Reading
Uyiqhatha ngesinqe? UMnyango uthi akwabelwe umnewabo weSILO ipulazi
Dark Light

Uyiqhatha ngesinqe? UMnyango uthi akwabelwe umnewabo weSILO ipulazi

Ayaqhubeka amalumbo enzeka eNdlunkulu kaZulu selokhu kwasithela uMdlokombana ezinyangeni ezili-11 ezedlule. Kungemalumbo nje kuphela kepha nokusolana. Kuqale ngokuthi kuphikelelwe ezinkantolo ngezindaba ezithinta igceke kusuka ekwabiweni kwamafa kanye nayilapho abeNkosi bedudulana khona ngeMikhosi kaZulu, ukuthi ngubani okumele ayengamele. Kukho konke lokhu uHulumeni ubukeka eqhubeka enindeka njengoba selokhu kwaqala umbango kwezinye izinkalo imilomo iyavunana ekutheni esikhundleni sokuba wakhe kunalokho uyabhidliza. Okwakamuva ukukhuluma kuthinta iminyango emqoka kaHulumeni nebhekele izindaba zeSihlalo ngqo. Lapha kuthinteka iThrasti YeNdlunkulu KaZulu eKZN (ZRHT), iHhovisi LikaNdunankulu (OTP), uMnyango Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya (DALRRD) kanye neBhodi le-Ingonyama Trust (ITB).

Okufike kudale imvunge yikuthi konke lokhu kwenzeka ngaphansi komnyango owodwa nophethwe nguMhlonishwa uThoko Angela Didiza uMaMsane. NgokukaHulumeni lo Mnyango wengamele izindaba ezithinta inhlabathi kanye nezolimo kuzwelonke kanye nesabelo seNgonyama, i-ITB. Omunye obe esegaxela kuba yiHhovisi likaNdunankulu nalo elimanaphanapha zinhlamba ngezinsolo ngalokhu abanye abathi yimiga eliyigila koMkhulu.
Indaba yakamuva ibe ngombiko ongamakhasi amabili nosihloko sithi: Feeedback on the Meeting held with the Department of Agriculture, land Reform and Rural Development.

Lo mbiko elaboHlanga elinawo ubhalwe nguloyo oyiSikhulu Esiphezulu Sezezimali (CFO) kwaZRHT, uMnu uSipho Buthelezi. Kuvele ukuthi lo mbiko ube yingqibamasondo yemihlangano emibili obe mhla zili-14 namhla zingama-21 kuMasingana nonyaka. Ngokomthetho uhlaka lolu iZRHT lwabe lwenziwe nguHulumeni wesifundazwe ukuba lukhongele iNdlunkulu imali lisebenzisa imiklamo eyahlukene. USihlalo walo nguSolwazi uSihawu Ngubane elekelelwa nguDkt uJM Mthethwa, kube nguMntwana uMbonisi Zulu, uSolwazi uMusa Xulu, uSolwazi uS Mtshali, uNks uGugu Ngcobo kanye no-Adv uTrikamjee.

Kulo mbiko kuyavela ukuthi lolu hlaka lunindeka kulokhu kukhuluma nje, yingenxa yesinqumo salo lwamhla ziyisi-9 kuZibandlela ngowezi-2021 nayilapho lwanquma ukuba ekukhongeleni iNdlunkulu kungawumqondo ophusile ukuba bakake amabhizinisi athinta ezolimo nafaka amapulazi lapha kweleNdlovukazi uMthaniya. Ekuhlwayeni kwabo kube sekuqhamuka izindaba zokuthi kabaqalaze eduzane ngoba akhona amapulazi amabili asondelene noBukhosi. Lokhu ngokombiko kwadalulwa nguMnu uZungu oyiMeneja Yesifunda iVryheid, eZululand.

Kula mapulazi abalulwayo kukhona: Ipulazi eMakheni: Leli pulazi lingama hektha ali-113 futhi kwakufanele liqashiswe noma lidluliselwe eNgonyameni eseyebuzile. Elesibili libizwa ngokuthi
iBlood River eNquthu. Leli lona lingamahektha angama-600 futhi kusamele kusayinwe isivumelwano sokuqashisa seminyaka engama-30 phakathi kukaMntwana uMbonisi Zulu neDALRRD, ngoNhlolanja wezi2022. Ngokwezincomo zoMnyango umbiko uthi: “I-DARLLD incoma ukuthi iThrasti YeNdlunkulu KaZulu kufanele icabange ngokusayina isivumelwano sokusebenzisana noMntwana uMbonisi ekusebenziseni ipulazi, noma ingxenye yalo ukuze iqhube ezolimo ngokwezomnotho. Imininingwane ngokukhokhela ipulazi kuqhutshwa ngokwezomnotho kuzodingidwa emhlanganweni ophuthumayo weBhodi obekelwe ukuba ube
khona ukuqala kukaNhlolanja wezi-2022.

Ngokwalokhu okungenhla, kunconywa ukuthi abaphathi, iBhodi noMntwana uMbonisi babuye bahambele ipulazi ngaphambi komhlangano ophuthumayo.”

Lokhu kukhuluma okukulo mbiko sekudale imidlinzo eminingana kusolwa okuningi. Phezulu eqhulwini kusolwa ukuthi uMnyango kaMhlonishwa uDidiza ube budedengu kulolu daba njengoba usungahle ushise izwe uZulu ubabaza ukuthi sekungathi kumapeketwana bese
kuphathwa inhlabathi yeSILO esidala. Udaba nje lwepulazi eliseMakheni oMdala waliqala kusekhona uMhlonishwa uGugile Nkwinti nokube yishwa ukuthi ebuze lungasaphethwanga.
Okunye ukusola kukulo uhlaka oluholwa nguNomafu (uSolwazi uNgubane) nakhona okusolwa ubudedengu ekutheni sekungathi umnewabo weSILO esembangweni wangaphakathi nasezinkantolo futhi elilungu lebhodi leZRHT bese ufudumala kweyokuthi ngohlaka loBukhosi usengahle ‘ahlomule’.

ElaboHlanga likhulume noSolwazi uNgubane limbuza ukuthi umlilo lo uqalephi. Uvumile ukuthi yebo kukhona umbiko obhalwe yiHhovisi lakhe nokho okuthe ungathunyelwa kuye wabe usuputshuka ngandlela thize.

See Also

“Engingakusho wukuthi njengeBhodi asikaluxoxi sisazoludingida. Thina asihlangene nokwabiwa kwamapulazi. Okwethu wukusimamisa isikhwama saseNdlunkulu, ukuze iNdlunkulu ikwazi ukuziphilisa. Siyazi ukuthi uma singangena kulokhu kungasidalela ukukhuluma njengoba siyazi ukuthi kulokhu kukhuluma kukhona nelungu leBhodi,” kuphetha uSolwazi.

ElaboHlanga libe seliqonda ngqo eMnyangweni ophethwe nguMaMsane nokuphendule onguMkhulumeli kaNgqongqoshe uMnu uReggie Ngcobo. IQadi liveze ukuthi bakuzwile lokhu kukhuluma nosekwenze ukuba kube nezinhlelo zokwenza uphenyo.

“Sizoluphenya udaba olwenzeke KwaZulu-Natal sisebenzisana neHhovisi lethu ngakho. Okuyothi singaluphetha maduze bese sibikela umphakathi.” Kusho uNgcobo nokuqinisekisile ukuthi akukho akwaziyo okusasayiniwe.

ElaboHlanga limthintile uMntwana uMbonisi nothembise ukubuyela kulo nokho okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyanga kithi.

Scroll To Top