AMakhosi eNdlu yakwaMandlakazi nokubaluleka kwawo

Isizwe sakwaMandlakazi ngeseNkosana yaseKhohlwa loBukhosi bukaZulu. UMandlakazi yigama lo muzi woMntwana uSojiyisa kaJama.
Lo muzi wawakhiwe enhla nokhalo lwesigodlo seSilo uMageba. Inxiwa lawo lingaphesheya kwejika lokuqala uma uhamba ngomgwaqo osuka eMakhosini wenyukela eBabanango. Empumalanga yaleli nxiwa kukhona igquma elincane elaziwa ngokuthi kukwaMpondo. Arnatshe lapho okwakwakhiwe khona isibaya sezinkomo asabonakala ngokucacile nanxa amaningi awo athathwa ngabelungu bayokwakha ngawo izindlu zabo.
UMntwana uSojiyisa nguyena olikhanda lesizwe sakwaMandlakazi. UMntwana uSojiyisa uzalwa yiNgonyama uJama kuNdlunkulu wayo wesibili ogama lakhe u ongiya indodakazi yoMntwana uFakazi kaMageba. !Silo uJama saganwa yile ntombi ngokuphoqwa yisiko lokuthi sona ngokwesikhundla saso singuMlomongathethi manga. Elaso izwi alibuyi lilambatha. !Silo uJama sayikha le ntombi emkhosini womhlanga sathi ayifakwe kumaphovela esigodlo sayo. Kuthe uma isifakiwe leyo ntombi kumaphovela eSilo kwayima kuzwakala ukuthi izalwa nguMntwana uFakazi kaMageba.
Njengoba ngokosiko yayingasenakukhishwa esigodlweni seSilo kwabe sekuguqulwa isibongo sayo yase ibizwa ngesikanina sasemaNcwangeni. Unina wayo wayegane uMntwana uFakazi, owayeyisikhulu esasiphethe indawo yaseSihlungu. Unina wale ntombi kwakuyindodakazi kaFungaliphi wasebukhosini basemaN cwangeni. Abozalo lwalwendlu lapho kuzalwa khona unina kaNdlunkulu uNongiya ngibhale lo mlando besekhona oNotshwadi Mncwango abakhe endaweni yase Vungama. UMntwana uSojiyisa waganwa yiNdlunkulu uNobandile okaMbulu wakwaSibiya kwaMthwadlana. Wazala amadodana amathathu okungaBantwana uMaphitha, noTokotoko noDomba kanye neNkosazana yakhe uMntwana uManhla. !Silo uShaka kwathi uma sesinqobe iNkosi uZwide, sase sijuba uMntwana uMaphitha ukuba ayosiphathela le lizwe laso lakwaNdwandwe. UMntwana uMaphitha ibutho lakhe kwakuyiWombe,alinqunywa yiSilo uSenzangakhona kwaNobamba.
Abelungu kuthe uma befika lapha KwaZulu bafica le ndawo yoMntwana uMaphitha ibizwa ngokuthi kukwaNdwandwe. Kwathi uma nabo sebebhalisa izinombolo zezimoto zakulendawo bathi ngezakwaNongoma Ndwandwe (NND). UNongoma lana abanye bathi yigama lomuzi weNkosi uZwide owawusendaweni yaseMaphophoma eNtshonalanga kwalapho kwehluka khona umgwaqo oya eQonqo. Kanti futhi abanye bathi yigquma elincane eliseduze komgwaqo uma usuka eSikhaleni esontweni laseSheshi ubheke eMaphophoma.
Kuleli gquma kunesikanekiso lapho kwehlukana khona izwe lasoSuthu naseMatheni kanye nelakwaMandlakazi. UMntwana uMaphitha waganwa yiNdlunkulu uKhundlase indodakazi kaSothondose kaMayusi kaMkhatshwa wakwaNxumalo. UNdlunkulu uKhundlase yena wazibula ngeNkosazana uNsabeka okwathi sekukubi, sekubonakala ukuthi ingane yomfana akayitholi sekuqaliwe ukukhuluma lapha emzini weNkosi, wasekhulelwa wazala ingane yomfana egama layo uMntwana uZibhebhu. UMntwana uZibhebhu ibutho lakhe kwakunguMxhapho. Yena wayeyinduna yebutho loDloko. UMntwana uZibhebhu waganwa yiNdlunkulu uGeja uMaSithole indodakazi yeNkosi uMatshana eQhudeni. INdlunkulu uGeja okaMatshana wazala amantombazane amahlanu. Wazibula ngeNkosazana uNomazulu kepha akaze ayithola ingane yomfana. Kwabuye kwalandwa enye indodakazi kaMatshana egama layo kwakunguShesha. Yona ayaze yaba namntwana.
UMntwana uZibhebbhu wabuyela khona koMatshana ngoba iNdlunkulu uGeja yathi izintombi ezizalwa nguyise zisekhona ukuzalela uMntwana uZibhebhu iNkosana. Kwalandwa indodakazi yesithathu yeNkosi uMatshana eyafakwa khona kuNdlunkulu uGeja.
UNdlunkulu okaMatshana kwathi ukuba kubonakale ukuthi usezithwele wasebuyiselwa kubo eQhudeni. Uhanjiswa nje ngoba kwakwesatshwa ukuthi uma elapha eBhanganomo kunokwenzeka kuthi lokho ayekumumethe kuphuluke. Kwathi ukuba aphumelele okaMatshana iNkosi uJobe Sithole yase ithumela izigijimi zazobika eBhanganomo ukuthi uNdlunkulu usethole insizwa.
INkosi uMntwana uZibhebhu wathi namuhla ngithole uBhokwe umbuzi zasenhla. Izithunywa zazifike noNdlunkulu uShesha okaMatshana wesibili. Izithunywa zabuyela emuva. UNdlunkulu uShesha kwakuyintandokazi yeNkosi uZibhebhu. Kwathi ukuba afike iNkosi yamfuna elawini. UNdlunkulu wabaleka wayocasha eNkungwini. INkosi yamlandela iyomfuna khona kwathiwa wedlulele kwaBhekumthetho. Kuthiwa yedlula yaphikelela kwaBhekumthetho. Kuthe lapho ifika khona bamkhomba eManqeshaneni. INkosi imfuna nje phela ifike ihlale kulowo muzi esifike kuwo ngoba phela oweSilo wayebusa. Yedlula yaphikelela eManqeshaneni yathola ukuthi uNdlunkulu kade elapho kepha usebuyele eBhanganomo. Kuthe uma isifika eBhanganomo wamthola ekhona. OkaNdaba wayimema intandokazi yakhe elawini. Kuthe ebusuku kwezwakala uNdlunkulu esebiza izinduna, ekhala isililo esikhulu. Kuthe uma izinduna zingena lapho kwakuphumule khona iNkosi uMntwana uZibhebhu zathola ukuthi isikhotheme.
UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Bethi akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba
INkosi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha wakhothama izinsuku zingu 27 kuNcwaba 1904. Lokhu kwashaqisa izwe lonke lakwaMandlakazi lapho iqhawe likaZulu likhothama lingalwanga. Bathi abadala kwathi uma sekubuzeka kuNdlunkulu okaMatshana ukuthi kwenzenjani wabatshela ukuthi kuthe ngaphambi kokuba asuke eQhudeni waya enyangeni lokhu wayezizwe engaphilile. Inyanga yafike yamgcaba yasithi angalingi ahlangane neNkosi izinhlanga zisemanzi. Wathi yilokho obekumenza abalekele iNkosi ngoba ubesaba ukuyitshela lokhu wayengacelanga kuyo ukuya enyangeni. UNdlunkulu wayengenanhloso yokubulala iNkosi kepha kuyacaca ukuthi naye wayezilungisa njengenkosikazi ezobonana nesithandwa sakhe.
Kwakhishwa izithunywa zayobikela iSilo uDinuzulu esigodlweni oSuthu. Izithunywa lezo zaziholwa yinduna uMziki wakwaJele. Induna uMziki ithi kwathi uma befika esigodlweni bangeniswa ngaphakathi bathola iSilo sihlezi nebandla elalisotha. Wathi bayibikela iN gonyama ukuthi bathunywe ngumuzi wakwaMandlakazi ukuba bazobikela iSilo ukuthi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha usekhotheme.