Now Reading
UDu Preez uyawathemba amava kaSune ekuholeni iMomentum Proteas
Dark Light

UDu Preez uyawathemba amava kaSune ekuholeni iMomentum Proteas

USune Luss ubhekene nomsebenzi onzima wokuthi ahole ngempumelelo iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane iMomentum Proteas.

IMomentum Proteas ngoLwesihlanu izoqala uchungechunge lemidlalo emihlanu ye-One Day International (ODI) neWest Indies, yonke imidlalo izobanjelwa enkundleni eyodwa i-Imperial Wanderers Stadium eGoli.

Le ntokazi igixabezwe ngalesikhundla ngoba uDane van Niekerk onguyena ukaputeni elimele kanzima.

Kuleli qembu omunye ongeke abonakale uLizelle Lee, osalulama njengoba ubetholakale nokhuvethe. Lo mdlali ungobaluleke kakhulu eqenjini, uyena kuyimanje ophethe umkomelo we-ICC Women’s ODI Cricketer of the Year.

Kanti abadlali abanamava okuzobe kubhekwe ukuthi benze kahle kule midlalo kukhona uShabnim Isail, uMignon du Preez noLaura Wolvaart.

Ngesikhathi egcina lamazwe ukutholana phezulu iMomentum Proteas yakwazi ukunqoba imidlalo emine kwemihlanu, iWest Indies yanqoba owodwa kweyayibanjelwe e Caribbean.

UClinton du Preez oyinhloko yabaqoki kwiMomentum Proteas uthe: “Sikhululekile ngeqembu esilikhethile. Sandisa iqembu lethu esinalo, njengoba kunabadlali abadlali abangekho nje sihlola amanye amakhono esithembe ukuthi azolisiza kakhulu iqembu kuya phambili. Kubaluleke kakhulu kithina ukuthi sivale isikhala sikaDané van Niekerk. Kuyajabulisa futhi ukuthi uRaisibe Ntozakhe ubuyele ukwazile ukuphinde adlale ikhilikithi yamazwe ngamazwe, kuzoba yithuba elihle kuye ukuvuselela umsebenzi wakhe omuhle ashiye ewenzil” kusho uDu Preez.

Ephawula ngobuholi bukaSune uthe: “USuné uye waphatha kahle ubukapteni ngesikhathi bengekho abaholi bethu, uDane noChloe lokho kusenze sangangabaza ukuthi siphinde simnike elinye ithuba lokuhola iqembu. Sihlalile naye sakhuluma ukuthi kuzomele asiqhamukele namaqhinga aseqopheleni eliphezulu ukuthi sikwazi ukuguqisa iWest Indies siphinde sense kahle kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba”

See Also

Sijabule kakhulu ngokubuyela kwakhe kule ndima yokuba ngukaputeni, i nginesiqiniseko sokuthi abadlali abadala eqenjini bazomeseka kakhulu. U-Chloé njengephini likakaputeni bazosebenzisana kahle naye” kushonya uDu Preez.

Selilonke iqembu leMomentu Proteas lithakwe kanje:

USune Luus (ukaputeni), Chloé Tryon (isekela kaputeni), u-Andrie Steyn, u-Anneke Bosch, u-Ayabonga Khaka, uLara Goodall, uLaura Wolvaardt, uMarizanne Kapp, uMasabata Maria Klaas, uMignon du Preez, uNadine de Klerk, uNonkululeko Mlaba, uRaisibe Ntozakhe, uShabnim Ismail, uSinalo Jafta, uTazmin Brits, uTrisha Chetty noTumi Sekhukhune

Scroll To Top