Now Reading
Ukuqonga kwenani labafuna umsebenzi lisekuqaleni konyaka
Dark Light

Ukuqonga kwenani labafuna umsebenzi lisekuqaleni konyaka

Ukuqala konyaka kuvame ukuletha ithemba elivuselelwe kubantu abaningi baseNingizimu Afrika abangasebenzi. Izikhungo ezibhekele ukuqashwa kwabantu zithi zibona ukwanda kwezicelo zomsebenzi ekuqaleni konyaka. Kodwa lezi zinhlaka zixwayise ngokuthi ukufuna umsebenzi kulezi zinsuku nakho kudinga ikhono abaningi abangenalo.

Iminyaka emibili edlule ibingeyinhle neze imakethe yemisebenzi. Ukuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika kwaba kubi kakhulu ngenxa yobhubhane lokhuvethe. Abaningi balahlekelwa imisebenzi futhi basazabalaza ukungena kabusha emakethe yezabasebenzi. Yize kuqala unyaka kuyisikhathi lapho abantu abaningi benomdlandla wokubheka umsebenzi, ungoti wezabasebenzi uthi akumele kube nesikhathi sokungenzi lutho sokufuna umsebenzi. Kodwa-ke, izinkampani ezizimele nazo kufanele zize ephathini ekwakheni amathuba emisebenzi amaningi.

Umhlaziyi wenqubomgomo nezomnotho uMamokgethi Molopyane uthi, “Bengihlezi ngiphikisa ukuthi akukwazi ukuthi umkhakha kaHulumeni noma uHulumeni uzama ukudala amathuba omsebenzi angakwazi ukulekelela imvelo evumela ukuthi kudaleke amathuba omsebenzi, kodwa kufanele kuqhamuke imboni ezimele. futhi siyazi ukuthi eminyakeni engaphezu kweyisi-8, bekungenzeki lokho, ukuguquguquka kwesimo sezombangazwe kunjengokungathi kube nokungabaza engxenyeni ezimele ukufaka imali ekutshaleni imali emsebenzini, ukwakha izinhlelo.”

Izikhungo eziqashela abantu imisebenzi zithi iphutha elikhulu elenziwa abafuna umsebenzi wukuthatha ngokuthi izikhungo eziqashayo zizobatholela umsebenzi. Nokho, akunjalo. OweRecruitment Agency South Africa uSean Hughes uthi, “Abantu abaningi abafuna umsebenzi abaqondi ukuthi izikhungo zokuqasha zikhona ukuze zisize ekutholeni umsebenzi, asikwenzi lokho sisiza izinkampani ukuthi zithole abantu, ngakho abafuna umsebenzi bafona ezinhlakeni zocingo. Ngabe unaso isikhala futhi asinaso futhi kusobala ukuthi lowo ofuna umsebenzi uyayehliswa.”

Abaningi abafuna umsebenzi bathi badikibele ngethemba lokuthola umsebenzi. Kodwa abanye bathi nakulokhu kumele baqhubeke nokuthungatha imisebenzi. “Ngihlela ukuphuma ngiyofuna umsebenzi ngoba kade ngizama ukuthola umsebenzi, abantu banabantu babo abafuna ukubaqasha. Nokho ngisazoqhubeka nokuzama ukufuna umsebenzi yize ngingazi ukuthi ngizowuthola noma cha,” kusho umgadli.

Omunye ofuna umsebenzi uqhube wathi, “Uyaphuma uyofuna umsebenzi kodwa uma ufika khona uthole ukuthi kunolayini, ushiye iCV yakho bakutshele ukuthi bazofona. Kodwa ugcina ulinde lolo cingo ukuze uthole ukuthi abakufoneli.” “Anginalo ithemba ngohlelo lokuqashwa njengoba sekukhona abokufika emalokishini manje ngakho ngibone kungcono ngiqhubeke nokusika utshani ukuze ngikwazi ukuzondla.” kuchaza ofuna umsebenzi.

See Also

Abafuna umsebenzi bayelulekwa ukuthi bawathathele phezulu amaCV abo. Intsha eningi yaseNingizimu Afrika iyehluleka ukuthola umsebenzi ngenxa yokuthi ayinalo ikhono elidingekayo lokuthola umsebenzi futhi ingenalo ulwazi lokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuthuthukisa amathuba ayo okuthola umsebenzi.

UMqondisi wakwa-Advaita Vidya, uSinead Chetty uthi, “Kumele baphumele lapho bazifake khona esizindeni semininingo salezi zinkampani eziqashayo ngoba into yokuthi siseNingizimu Afrika sibheka izinga labantu abangasebenzi futhi sicabanga ukuthi oh nkosi yami lapho. Ayikho imisebenzi laphaya, akukho lutho engifuna ukungitshela lona kodwa ake ngikutshele ukuthi kunento okuthiwa imakethe yemisebenzi efihliwe.” Izinga labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika lenyukele erekhodini elisha eliphezulu lama-34.9% engxenyeni yesithathu yonyaka odlule.

Scroll To Top