Awugwansile umbele ngokuthengiswa kweClover
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Unobhala Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) uZwelinzima Vavi (osesithombeni) uthi kuyamjabulisa ukuthi uNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni, u-Ebrahim Patel, usevumile ukuphenya izinsolo zabasebenzi ezibhekiswe kumdidiyeli wobisi, uClover.
I-SAFTU ithi uClover uhoxile emigomeni yesivumelwano sokuhlanganisa. I-Clover yathengwa ngowezi-2019 yiMilco, eholwa yinkampani ezinze e-Israel iCentral Bottling Company. Amaqembu avumelene ngokuthi kumiswe iminyaka emithathu ukudilizwa kwabasebenzi kanye nokudalwa kwamathuba emisebenzi angama-550 ngohlelo lukaMasakhane.
Amabhonasi angakhokhelwa
Babalelwa ezi-5 000 abasebenzi bakwaClover abangaboni ngaso linye nabaqashi babo kusukela ngoLwezi nyakenye. Umbango wezisebenzi ungowokuthola amabhonasi angakhokhelwa nokuvalwa kwezinye izimboni. I-SAFTU ithi iningi lamalungu ayo alikaholelwa isheke le-13 nguClover nakuba iCCMA ivune abasebenzi ngesonto eledlule. Le nyunyana iphinde isole inkampani ngokudonsa imali kumalungu ayo ngaphandle kwesizathu.
Esinqumweni sayo, iCCMA ithe uClover akakwazi ukusiyeka isibopho anaso sokuholela abasebenzi nakuba kuqhubeka ukungaboni ngaso linye phakathi kwalezi zinhlangano.
UVavi uthi bayizi-2 000 abasebenzi abangase balahlekelwe yimisebenzi ngenxa yokuhlongozwa kokuhlelwa kabusha kukaClover. “Kumanje uNgqongqoshe usevumile ukuthi kuqalwe uhlelo lapho izinsolo zethu zizohlolwa ngophenyo lweCompetition Commission. I-DTI izobe isithintana neKhomishini Yezokuncintisana ukuze isho amaqiniso asezithebeni ukuthi imigomo yesivumelwano sokuhlanganisa yephulwa manje ngabakwaMilco kanye noClover. Kuyasijabulisa lokho,” kusho uVavi.
Buyisela emuva ukuthengwa yiMilco
UNobhala Jikelele weSAFTU uthi abasebenzi bafuna uhulumeni amise ukudilizwa kwabasebenzi, ukuvalwa kwamafemu kuphinde kuhoxiswe nokuthathwa kweMilco. UMilco uthole uClover ngesivumelwano sezigidigidi ezi-R4.8. “Izindawo zokusebenza eziyisithupha sezivele zibhekene nokuvalwa indawo yokusebenza eyodwa isivele ivaliwe kanti nefemu eyodwa eLagtenberg izovalwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo zingama-30 kuMasingana. Ngakho-ke sithe isimo sifuna ukuthi iKhomishini Yezokuncintisana kumele iphenye futhi uma ithola ubufakazi njengoba sikholelwa ukuthi izokwenza, kufanele ikuhoxise ukuhlangana.”
UVavi uthi iSAFTU izobamba isithangami sabezindaba ekomkhulu layo eGoli ngelesi-2 ntambama ngoMsombuluko ukuze yethule uhlelo olubanzi lokusebenza.