Ukubala ngeminwe


Uyazi ukuthi ukubala kwaqala kanjani? Esikhathini sakudala kusadliwa ngoludala, abantu babengenaso isidingo sokubala. Kwakungadingeki ukuthi baze babale ukuze bazingele izilwane zasendle ababephila ngazo ngokuya ngasethunjini futhi bembatha nezikhumba zazo.
Ngesikhathi ababephila kuso yayingekho ento ebizwa ngamahora, amasonto okanye izinyanga abazohlala bekulandela, impilo yabo yayikhululekile. Ekugcineni safika isikhathi lapho kwakudinga khona babale. Kokunye kwakuba yilapho bethena khona imfuyo beyibala ngamakhanda. Kuyilapho bedinga ukwazi ukuthi banezimbuzi nezimvu ezingaki.
Okungumfanyana okwakwelula ogama lakhe kungu-Amu wayefuna ukubala izimvu zakhe. Efika esibayeni sazo wavula kakhulu enzela ukuthi kukwazi ukuphuma imvu ngayinye ngesikhathi esisodwa. Ngesikhathi zide ziphuma ngayinye u-Amu wayethinta iminwe yakhe. Lapho seziphume zonke izimvu u-Amu wayeseyithinte yonke iminwe yakhe. Esezibuyisela esibayeni wayephinda futhi athinte iminwe yakhe, ukwenza isiqiniseko sokuthi ayikho elahlekile. Ngaleyo ndlela iminwe yaba wuphawu lokuqala ukumela izinombolo. Waqala lapho-ke ukuchuma umqondo wokubala ngezandla.
Ukubala ugcine eshumini
Ngesikhathi abantu beqala ukubala babedinga igama ngaleyo naleyo nombolo. Akukho okubambekayo ngisho nasemlandweni okusho ukuthi amagama ezinombolo uma kubalwa imvelaphi yawo isukaphi. Mhlawumbe ayehlanganiswa ngamagama. Noma kokunye kwakungamagama ayechaza okuthile, kodwa abuye asetshenziswe njengamagama ezinombolo.
Ekuqaleni abantu babebala ngeminwe. Ngenxa yokuthi babeneminwe elishumi babebala izinto kugcine eshumini. Babeqala ukubala ngomunwe wokuqala uma kufika koweshumi sekuphelile, baqale phansi futhi. Ishumi yilona okumanje kubalwa kugcine kulo ngokwejwayelekile. Ngaleyo ndlela izinombolo zokuqala ezilishumi zanikwa amagama akhethekile.
Ngokuhamba kwesikhathi abantu baqala ukubala bagcine ekhulwini ngoba kwase kungamashumi ayishumi ayesehlanganisa ikhulu. Base belinika igama elikhethekile. Inkululungwane yayikhethekile ngoba kwase kungamashumi amakhulu okuthile.
Lezi zinombolo eziyishumi zimqoka kakhuku ohlelweni lwethu lokubala. Cabange nje ngezinto ozaziyo ezihlukaniswe kayishumi noma izinombolo ezithile eziyishumi. Iminyaka eyishumi ishuminyaka. Ikhulunyaka – kuhlanganiswe iminyaka eyishumi kashumi. Izinombolo ezibalayo kunkombasivinini semoto zihamba ngeshumi.