Now Reading
AbeNguni bamnyama futhi bahle
Dark Light

AbeNguni bamnyama futhi bahle

Sanibona, igama lami nginguNobenguni uNtombizabeNguni uma seliphelele. Ngineminyaka eli-16 ubudala. Umama wami uthi leli gama likaNobenguni ngaliqanjwa ngugogo wami owathi kimi ubona ‘intombazanyana ezokhula ilangazelele ulwazi’ nokuzoyenza ihlakaniphe ibe bukhali ngaphezu kweminyaka yayo. Intokazi eyembathe ubuhle babeNguni.”

Ngivela emndenini omkhulu wabeNguni athi ugogo wami uma engixoxela athi singabeNguni abavela eNkabazwe, eJuba kude le. Uthi kubeNguni lapha eNingizimu Afrika kukhona awakwaXhosa, awakwaNgwane, angamaMpondo, angamaNdebele kanye nangamaZulu. Ugogo uthi lona ngumndeni wami omabalabala.

Kuleli sonto kuvulwe izikole ezindaweni ezisogwini njengaKwaZulu-Natal nokwenza manje zonke izikole zivulwe eNingizimu Afrika nokusho ukuphela kwamaholidi! Lapha eNingizimu Afrika ziningi izikole kanjalo nezingane zesikole. Kukhona lezo ezingaphansi kukaHulumeni kanye nalezo ezizimele.

Kukhona ngisho ezixube izinhlanga. Zonke lezi zikole zibalulekile kungakhathaleki noma sisemakhaya, emadolobheni noma elokishini. Zonke zinothisha abazikhandlayo nezingane ezomele ukuthola ulwazi njengawe. Noma ngabe ufunda kusiphi salezi zikole kukhona into eyodwa emqoka nofana ngayo nabanye – wena ungowoHlanga, umnyama futhi umuhle. Ungumfanekiso omuhle kaNkulunkulu owavela kuqala sonke singakabibikho. Unezinwele ezinhle okwazi ukuziluka noma yini oyithandayo. Isikhumba sakho sihle futhi sigezekile, siyashelela. Futhi uphuma ekhaya elikuthandayo nasemphakathini okufisela konke okuhle.
Abangani bakho ekhaya nasesikoleni nabo bahle. Abanye bade, abanye bakhulu ngomzimba kanti abanye bafushane. Abanye bahlala endlini enkulu kanti abanye bahlala endlini engenkulu noma emjondolo, bonke bahle kanti nonke nibahle.

Uyakhumbula ngikutshela ngogogo wami? Ugogo wami usemdala futhi uyathanda ukungifundisa okusha ngami kanye nangalokho okusizungezile. Ugogo uhlale ethi kukhona imfundo yasesikoleni enhle, aphinde athi kukhona nenye enhle kakhulu etholakala ekhaya. Ugogo lemfundo yasekhaya uthi imqoka njengaleyo yasesikoleni ngoba iyasakha kokuningi. Ugogo ubuye athi kuhle ukuthanda ulimi lwakho nalibiza ngolimi lwebele athi salincela komama bethu. Uthi ulimi luqukethe umlando wakho kanti futhi linguwe uqobo. Uphinde athi amasiko ami amqoka ngoba ayingxenye yami futhi ahambisana nakho konke okuhle.

Ugogo uhlale ekugcizelela ukuthi mina ngingumzukulu wamaqhawe, esilisa nawesifazane. Uthi la maqhawe aphila futhi asaphila kimi ngisho ngingawaboni. Uthi mina ngiwubufakazi bokuthi nawo ake aphila. Khona lapho athi ngizalwa ngamaqhawe angaMakhosi, iziNdlovukazi kanye namadelamzimba. Kuleli sonto nje ungikhumbuzile ukuthi ngalempelasonto ngomhla zingama-22 kuMasingana kuzobe kukhunjulwa ubuqhawe bokhokho bethu, uZulu owavikela iSihlalo soBukhosi eSandlwana ngonyaka we-1879.

See Also

Kule ngosi sizofundisana okuningi, lokho nami engikufunde kugogo nalokhu engikufunda empilweni yansuku zonke. Ngethembise ukuthi nawe uzobuza abadala lapho ekhaya ngemuva lakho bese uyangithumela ukuze sifundisane. Lapha sozokhuluma futhi sifundisane ngokuningi, yikho kumele umeme nabanye abaneminyaka eyisi-7 kuya kweli-15. Ungacela nase sikoleni sakho ukuthi bathole IBAYEDE – Iphepha laboHlanga ukuze okunye okubhalwe kule ngosi kufundwe ekilasini lakho noma ningibhalele ngalokho enikwenzayo noma enifisa sikwenze njengale ngosi yethu.

Sikhumbule njalo ukuthi thina beNguni sibamnyama futhi sibahle!

Scroll To Top