Now Reading
AmaProteas avikele irekhodi lawo elihle uma ebhekene nelaseNdiya eMzansi.
Dark Light

AmaProteas avikele irekhodi lawo elihle uma ebhekene nelaseNdiya eMzansi.

Ayaqhubeka nokudlondlobala amaProteas ngaphansi kobuholi bukaDean Elgar.

AmaProteas athele othulini elaseNdiya ngamawikhethi ayisikhombisa eNewlands emdlalweni wokugcina kwemithathu yochungechunge lwama-Test.

Elakuleli liphumelele lolu chungechunge ngo 2-1. ElaseNdiya yilona elanqoba umdlalo wokuqala eSuperSport Park, eCenturion, ePitoli.

AmaProteas abuyise izinduku kowesibili enqoba ngamawikhethi ayisikhombisa.

Womabili amazwe alibhekise eKapa azi kahle kamhlophe ukuthi uzophumela nguyena ozodla ubhedu kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test.

Ngosuku lokuqala elaseNdiya linqobe ithosi laqoka ukubhetha kuqala. Ku-Innings yokuqala libeke ama-run ama-223 ebhodini kwathi amaProteas abhalisa ama-210.

ElaseNdiya lingene ku-Innings yalo yesibili lihamba phambili ngama-run ali-13. Kweyesibili lishaye ama-run ali-198 okusho ukuthi amaProteas adinga ama-run ama-212 ukuze aphumele.

UKeagan Petersen ogcine eqokwe njengomdlali ovelele nguyena ubambe iqhaza elikhulu empumelelweni yamaProteas.

Ku-Innings yokuqala ushaye ama-run angam-72 kwathi kweyesibili waphuma esenze ama-run angama-82.

Elakuleli liqale usuku lwesine lidinga ama-run ali-111 ukuze linqobe. Bese lilahlekelwe ngamawikhethi amabili. ElaseNdiya belidinga amawikhethi ayisishiyagalombili ukuze enqobe.

AmaProteas abhethe kahle kwazise afinyelele esibalweni sama-run ama-212 ngesiwombe sesibili osukwini lwesine.

UTemba Bavuma noRassie Van Der Dussen yibona abathathe elakuleli balibeka empumelelweni.

See Also

Bobabili bagcine bengakhiswanga. UBavuma ushaye ama-run angam-32 kwathi uVan Der Dussen wabhalisa angama-41.

UPetersen uqokwe njengomdlali wochungechunge ngemuva kokushaya ama-run ama-276 emidlalweni emithathu kwathi uRabada waqeda enamawikhethi amaningi. Uthathe angama-20.

AmaProteas ashaya elaseNdiya kweyama-Test asanda kuthela othulini iWest Indies ekuhambeni.

Ngenyanga ezayo, elakuleli lizovakashela iNew Zealand bese libuya libhekane neBangladesh ekhaya.

Njengamanje iNdiya namaProteas sebezobhekana emidlalweni emithathu yosuku olulodwa eKapa. Owokuqala ungoLwesithathu ePaarl ngo-10.30 ekuseni.

Scroll To Top