UMengameli waseBrazil akayizwa eyokugonywa kwezingane



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uJair Bolsonaro ugxeke umlawuli wezempilo waseBrazil u-Anvisa ngoLwesine ngokugunyaza ukugonywa kwezingane ezineminyaka emi-5 kuya kweli-11 ngokumelene nokhuvethe, ngolunye usuku ngemuva kokuthi uNgqongqoshe Wezempilo ethule izinhlelo zokugoma lelo qembu leminyaka.
Ongabaza ngomgomo uBolsonaro uthe engxoxweni yomsakazo ubengakaze ezwe ngezingane ezibulawa ubhubhane lokhuvethe futhi waphinda wathi indodakazi yakhe uLaura, oneminyaka eli-11, ngeke igonywe. UBolsonaro wabeka ukuthi imigomo ingaba nemiphumela engemihle ezinganeni, kodwa akazange anikeze ubufakazi.
I-Anvisa kanye nabalawuli bezempilo emhlabeni wonke bathole ukuthi imigomo yokhuvethe iphephile kusukela eminyakeni emihlanu kuya phezulu. “Ingabe uzoyigoma ingane yakho lapho amathuba okuthi ishone esecishe abe angekho? Yini ebangela lokhu? Yiziphi izithako zomuthi wokugoma?,” kusho uBolsonaro.
NgoLwesithathu uMnyango Wezempilo umemezele ukuthi usuthenge imigomo yezingane eyizigidi ezingama-20 eyakhiwe ngabakwaPfizer Inc kanti ukugoma ngokuzithandela kwezingane ezineminyaka emihlanu kuya kwengu-11 ubudala kuzoqala ekupheleni kwenyanga.
U-Anvisa ugunyaze umgomo wePfizer wezingane ngoZibandlela zili-16, wathola ukugxekwa okushubile okuvela kubantu abamelene nemigomo kanye noMengameli, owaphakamisa ukuthi izingane zigonywe kuphela ngencwadi kadokotela. UMnyango uwuchithile lo mbono njengongenakwenzeka.
Ukudinga incwadi kadokotela kuzokwenqabela ukugoma ngesikhathi lapho okuhlukile kobhubhane lokhuvethe ethathelana kakhulu i-Omicron isiqala ukusabalala eBrazil, kusho ochwepheshe bezempilo esigcawini sokulalelwa kwecala.
Ngokomkhandlu kazwelonke wonobhala bezempilo bakahulumeni okungenani izingane ezingama-300 ezineminyaka emihlanu kuya kweyi-11 zishonile eBrazil zisuka kukhuvethe ekuqaleni kukaZibandlela.
Amasosha aseBrazil ahluke kuMongameli kuleli sonto mayelana nendlela yokubhekana nokhuvethe. Iyalele amasosha ukuthi agonywe, agqoke imaski futhi agcine ibanga lomphakathi, futhi yawaxwayisa ngokusabalalisa izindaba ezingamanga ngalo bhubhane.