OMkankosi bazikhulumela bona
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kukhona mhlawumbe ngenxa yesikhathi okwenzeka ngesikhathi sokubusa kukaMdlokombane. ISILO sabe sisondeze omama abayisi-6 kwathi bonke bahlala ezindaweni ezahlukene. Ngonyaka wezi-2002 usomlando nombhali uBhekizizwe kaNhlayenza “Nqama” Zulu wawuqopha umlando woNdlunkulu namazinyane eSILO ebhukwini, Inhlendla Yethusi kaZulu. ONdlunkulu bathi ngabo nangokufika kwabo koMkhulu:
UNdlunkulu uMaDlamini waseNaleni
Ndabezitha, mina igama lami nginguSibongile Winfred. Ngiyindodakazi kaMnumzane uThomas Dlamini, engizala kunkosikazi wakhe umaMzizi. Mina ngingowokuzalwa khona lapha endaweni kwaNongoma, esigodini saseNjimpela, esiphethwe nguMntwana uThimba Zulu kulapho ngakhulela khona. Ngaqala ukufunda esikoleni saseNjimpela. Ngasuka lapho ngayofunda eMaphophoma Higher Primary School. Kwathi uma ngiqeda lapho, ngase ngiyofunda kwaCeza Secondary School.
Kulapho okwathi ngisafunda ibanga lesishiyagalolunye, ngingakaliqedi, ngashiya, ngoba kwafika iSilo singakabekwa. Sangithatha ngingazi ukuthi ngisiwaphi. Kwathi uma ngibuza ukuthi ngisiwaphi, akwaze kwababikho gama esingitshela lona ngaphandle kokungiphendula ngokuthi isimo sibi.
Ngamafuphi nje, ngingathi ukukhothama kweSilo sakwaKhetha okwenza ukuthi iSilo kuthiwe masithathe isikhundla saso soBukhosi. Kwatholakala ukuthi ngeke sithathe isikhundla saso singakaganwa, kwase kuba ukuyeka kwami isikole. Kwathi ngawo unyaka engaphuma ngawo esikoleni sashada neSilo, ngenyanga kaZibandlela izinsuku zingamashumi amabili nesikhombisa onyakeni we-1970. Ngasinela eSigodlweni saKwaKhethomthandayo. Mina ngangizithandele insizwa nje ngingenalwazi lokuthi ngelinye ilanga iyogcina isiyiSilo sikaZulu. Kodwa kwathi ngenkathi sengilandiwe esikoleni kwayima ngiqonda kahle ukuthi lo muntu engimthandayo kuzohamba kuhambe agcine esebekiwe eSihlalweni sokuba yiNkosi yesizwe samaZulu.
UNdlunkulu okaMathe kwaDlamahlahla
Ndabezitha, mina igama lami nginguBuhlebuni Nokuthula, kepha ngaziwa kakhulu ngokuthi nginguBuhle. Ngizalwa ngu-Ernest Thintukufa Mathe, endaweni yaseBukhalini. UMnumzane uMathe kwakuyindodana yesihlanu kaMfundisi uThimothy Mathe, owayakhe endaweni yaseFefe. Ubaba wayeganwe yintombi yakwaMthethwa, egama layo kwakunguHelen. Mina ngingowesibili ezinganeni zakwethu eziyishumi. Ubaba yena wathutha endaweni yaseFefe, wayokwakha endaweni yaseBukhalini,eyayiphethwe nguMntwana uMkhwintshi Zulu.
Ngafunda eBukhalini School, ngaze ngaphumelela ibanga lesithupha khona, ngayofunda ibanga lesikhombisa eManzimtoti High School. Ngaze ngaqeda ibanga leshumi. Kwathi ukuphumelela kwami eManzimtoti, ngase ngiyofunda eYunivesithi yakwaZulu, Ongoye, lapho ngafika ngafunda khona iminyaka emithathu. Kwathi ukuqeda kwami esikoleni ngalotsholwa yiSilo ngezinkomo zoboya eziyishumi nesithupha. Ngasinela eSigodlweni sakwaDlamahlahla. Kwathi ekuganeni kwami, ngabamba iqhaza ekuthuthukiseni indawo yaseMahhashini.
UNdlunkulu uMntanenkosi kwaKhangelamankengane
Umake wami nguMntanenkosi uManoni owayeyindvodzakati kaMntanenkosi uKlebe weNgwenyama uMbandzeni. INgwenyama yangicamba ibito lokutsi nginguMantfombi ngoba iNdlunkulu uManoni yayisitele abafana abaningi kunamantfombatana. Leli lokutsi nginguShiyiwe lona kwatsi ngitotalwa, yiNgwenyama uSobhuza II yahamba, yaya eNgilandi iyokhuluma ludzaba lokukhululeka kwelive lemaSwati embusweni wamaNgisi. Ngasale ngatalwa mina, base bengicamba betsi nginguShiyiwe.
Ukungena kwakhe kwaZulu kwalandela isiko kanti nesizwe sonke sabe siyingxenye yalokho. Indaba kuthiwa yaqala eMkhosini WoMhlanga kwaNgwane lapho yakhiwa khona intombi kaMahlokohla.
“Kwatsi ngalolo lusuku loMkhosi WoMhlanga kwaLobamba, seva sekutsiwa aMakhosi asekhona avela letindvaweni letehlukene. Kwakuvamile-ke ukutsi kufike bantfu labaningi, ngobe bantfu bomhlaba basuke befisa ukubona ukutsi lolu siko lunjani futhi ngolwani? Ngingatsi lingelinye lamasiko lamakhulu akwaNgwane latsandvwa ngabavakashi bomhlaba.
“Yilapho-ke seva ukutsi naBukhosi bukaZulu bukhona. Natsi sesiyati ukutsi nangu lo dzadzewetfu lomdala) ukhona, ifanele yena yoBukhosi bakaZulu. Kutakutsi uma iNkosi yakaZulu ifuna kweshela itakuniketwa yena. Kwabe sekwenteka imphicabadzala sekugijimiswa mine. ‘Hhayi, bo! Musani ukuganga ngami! Futsi mine ngisemncane, kukhona odzadzewetfu ababukekayo kunami’. Mina ngangingeyena imtfwana obukeka kangako. Ngicabanga nokuthi ngangimubi vele, kangisiyena nomtfwana okungatsiwa usengeshelwa ngaMakhosi. Ngamangala kakhulu uma sekugijima tigijimi. Sengivinjezelwa ngake ngatiphika nelibito ngatsi kangisiyena Mantfombi mine. Yena ngowakwetfu ngiyamati. Ngingahamba ngiyonibitela nje uma nifuna yena. Kwasho ukutsi balitfolile libito lami laba bafana. Bangikhomba, batsi bafuna mine.
Odabeni lokulotsholwa kwakhe angene ngokusemthweni kwaZulu wathi: “Mina ngagana ngemuva kokuba sengitele uNomkhosi. Kuthe uma abakaZulu bebuta ukuthi sitsebe seNgwenyama yakaNgwane singaki, kwaba ngumzukuzuku eSigodlweni kaLobamba. Sitsike iSilwesikhulu uSobhuza kanye nabaNtabenkosi, uMtanenkosi akanasibalo. Kwala noma abakhongi begcitelela, becela ukuba uBukhosi bakaNgwane buphume nalivi, kepha uLobamba wema nje evini lelilodwa lokutsi uMntanenkosi akanasibalo. UBukhosi bakaZulu kabubone bona ukuthi lo mntfwana bamulobola ngazingaki? Siva kutsiwa tinkomo takhishwa yisive sonke samaZulu. Kodwa-ke etafika eSigodlweni eSwatini taba ngamakhulu ematsatfu neshumi. Kanti umgomo waBukhosi bakaZulu kwakuyikumikisa amakhulu amabili kuphela. Etinye-ke tabe setitala lapha endleleni tangena eSigodlweni setingamakhulu ematsatfu neshumi,” kusho okaMahlokohla.
INdlunkulu uMaNdlovu kwaLinduzulu
Mina nginguThandekile Jane. Ngiyindodakazi yoMfundisi uPaulos Sililo Ndlovu, wasendaweni yase-Edendale, eMgungundlovu. Ngizalwa yintombi yakwaZondi. Esiswini sikamama sasiyishumi nezingane ezine. Mina ngaqala ukufunda eNicholus Primary School. Ngedlula lapho, ngayofunda e-Edendale School, ngaqhubekela eGeorgetown School. Ngayoqedela ibanga leshumi ePholela Institution.
Kwathi ukuqeda kwami ibanga leshumi, ngase ngiyofundela ubuhlengikazi esibhedlela e-Edendale, lapho ngenza khona iDiploma in General Nursing. Kwathi ukuqeda kwami lapho, ngase ngiyofundela ukubelethisa esibhedlela saseMcCord eThekwini. Kangigcinanga lapho ngoba ngedlula ngayofundela ukuhlenga labo abagula ngengqondo (psychiatry) eMadadeni.
Ngabuye ngaqhubekela phambili, ngayokwenza iziqu zobuhlengikazi kwa-Unisa kanye neHonours Degree yakhona. Ngabuye futhi ngayofunda e-University of Natal, lapho ngenza khona izifundo zokufundisa abahlengikazi. Ndabezitha, kwathi ukuqeda kwami ukufundela ubuhlengikazi, ngase ngiyosebenza esibhedlela sase-Edendale. Ngasuka lapho, ngayosebenza eSiloam Hospital, endaweni yamaVenda, esifundeni saseLimpopo. Kwathi ngenxa yokubakude nekhaya, ngase ngibuya lapho, ngazosebenza eBenedictine Hospital kwaNongoma. Yilapho Mageba ngafike ngahlangana khona neSilo.
Lapha ngangisebenza njengoMhlengikazi Omkhulu, ngiqeqesha abahlengikazi. Ngabuye ngathola elinye ithuba lokuyophatha isikole sokuqeqesha abahlengikazi eMadadeni. Kwathi ukusuka kwami eMadadeni, ngase ngiyosebenza ePrince Mshiyeni, sengisondelela ukwenza amalungiselelo okugcagcela iSilo ngonyaka we-1988. Kwathi ngemuva kokugana kwami, ngase ngiyophatha isibhedlela saseNkonjeni kusukela ngowe-1988 kuya kowe-1995.
INdlunkulu uMaMchiza eNyokeni
Mina igama lami nginguNompumelelo, indodakazi kaMnu uVuyani Mchiza, endaweni yaseClydesdale, eMzimkhulu. Ngizalwa yintombi yakwaManyathi, eClermont. Ngazalelwa esibhedlela iMcCord eThekwini. Ngakhulela Ondini, lapho kwakusebenza khona ubaba eMnyangweni Wezemfundo. Ngaqala ukufunda ibanga lokuqala eGabangaye Lower Primary School, ngaze ngayogcina ebangeni lesikhombisa. Ngasuka lapho ngayofunda eMasibumbane High School, khona oNdini. Ngedlula lapho, ngayofunda eMbilane High School. Ngasuka lapho, ngase ngiyofunda ibanga lesishiyagalolunye neleshumi eMlokothwa High School, lapho ngaphothula khona ibanga leshumi.
Kwathi ngiqeda nje ibanga leshumi, ngase ngikhiwa yiSilo ngisemkhosini womhlanga eSwazini. Kwathi ngonyaka we-1992, iSilo sahamba, sayokokha umlilo kwaMchiza. Kwathi uma baseNdlunkulu sebemukeliwe kwaMchiza, iSilo sashaya amashumi amabili ezithole zodwa kanye nenkunzi yazo emhlophe ngaphezulu. Kwaqopheka umlando esakhiweni sonke saseClyesdale ngoba izinkomo lezo kwathi ngesikhathi sezehla enqoleni ezazithwelwe ngayo, ezintathu zase zizele. Lathi lishona lelo langa kwabe sekuzele ezinye izithole ezimbili esibayeni kwaMchiza, okwenza ukuba ngigcine sengilotsholwe ngezinkomo ezingamashumi amabili nesithupha. Ngagana ngawo unyaka we-1992.
INdlunkulu okaMafu ONdini
Igama lami nginguZola Zelusiwe. Ubaba wami ngu-Agrippa Osborn Mafu. Wayeganwe ngamakhosikazi amabili. Umama owagana ubaba kuqala kwaba nguMaKhumalo. Yena wathola abantwana abayisikhombisa bebonke. Izintombi ezine kanye nabafana abathathu. Igama likamama wami kwakunguRose Sehlephi intombi yakwaNgozo endaweni yakwaHlathi eSwazini. Esiswini sikamama siyisithupha sisonke. Umfana uyedwa namantombazane amahlanu. Ngaqala imfundo yami eSimunye Primary School ngase ngiqhubeka ngiyofunda St Marks High School endaweni yaseMbabane. Ngaqala ukuhambela uMkhosi WoMhlanga sengifunda ibanga uForm 5.
Kulapho ngabonana khona noNdlunkulu uMtanenkosi Mantfombi waseSigodlweni saKwaKhangela Ngaphumelela ibanga lika Matikulatsheni eSt. Marks. Ngingathi uNdlunkulu uMtanenkosi wangithanda khona lapho. UMtanenkosi weza ke wazongicela kubazali bami ekhaya bafike bangivumela abadala ukuba ngingamvakashela kaZulu. Kulapho ngaqala ukubona khona iSilo okokuqala. Wabe eseqhubeka wathi ufuna ngizohlala naye lapha eSigodlweni kwaKhangela. Kuthe sengilapha kwaKhangela wasecela ukuba ngibe yimpelesi emshadweni woMntwana uNtandoyesizwe. Ngasivuma leso sicelo soMtanenkosi.
Kwathi ngemuva komshado woMntwana uNtandoyesizwe kulapho-ke uMtanenkosi aphumela obala wathi: “Empeleni ukukuletha kwami ngalapha eSigodlweni kwaKhangela bengithanda ukuba uthathwe iSilo uzogana wandise umndeni woBukhosi.
UNdlunkulu wethula lenkulumo nje neSilo sikhona. Ngethuka kakhulu ngimangala ukuthi ngingazihlanganisa kanjani neSilo lokhu sona singumuntu omkhulu kangaka futhi siyiSihlalo soBukhosi bukaZulu. Naso iSilo sabe sesibeka sigcizelela inkulumo eyabe seyethulwe nguMtanenkosi ukuthi ngempela ivela enhliziyweni yaso. Ngabe sengisamukela kanjalo iSilo.
Kwathi ukuvuma kwami inkulumo yeSilo sabe sesithumela ekhaya kwaMafu sibazisa ukuthi bangamangali ngoba sengiyiphovela laso. Bethuka kakhulu ekhaya kodwa bathi ngoba kusho uBukhosi bangeze babuphikisa. Babanakho ukuthi kangiziyelanga eNkosini kepha kukhona uMtanenkosi okunguyena ozongifundisa konke futhi nguyena othe kangizoshada iSilo. Ithemba labo laba likhulu ukuthi uMtanenkosi uzongifundisa angivikele futhi uma izinto sezibalukhuni emzini.
ESigodlweni kuyejwayeleka noma uma usaqala inhlonipho yakhona isezingeni eliphezulu kakhulu. Mina ngaba nenhlanhla yokuthi uMtanenkosi kube nguyena owayengifundisa yonke imisikothi yaseNdlunkulu. Kwabalula nakimi ukuba ngizihlanganise nezinqubo zonke zangaphakathi eNdlunkulu.