ISpar Proteas isiqalile ukuzicijela imidlalo Yendebe Yomhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lakuleli lebhola lomnqakiswano iSpar Proteas lizoqhubeka nokuzilungiselela imiqhudelwano emibili emikhulu ozokuba kulo nyaka nangonyaka ozayo.
Kulo nyaka kunomqhudewano omkhulu ozokuba khona obizwa ngokuthi iCommonwealth Games, kuthi ngonyaka ozayo kube neNdebe YoMhlaba ezokuba lapha eNingizimu Afrika.
Elakuleli lizozilungiselela le miqhudelwano ngoweNetball Quad Series, lona wona uzoqala kusukela kusasa ngoMgqibelo uze usongwe mhla zili-19 kwephezulu eLondon. Mane amazwe azobe ekulo mqhudelwano, lapho kubalwa i-England engosokhaya, i-Australia, iNew Zealand kanye neNingizimu Afrika.
Ukaputeni weSpar Proteas uBongiwe Msomi, uthe uzimisele ukuqhubeka nokuhola leli qembu ngaphandle nangaphathi kwenkundla. Wathi bazimisele ukuphakamisa ifulegi lakuleli eNgilandi.
“Nyakenye yize sinqobe isicoco se-Africa Netball Cup kodwa kube wunyaka onenselelo eqenjini lesizwe, kodwa lokho sesikudlulisile esesikubheke ngabomvu manje ukumela elakuleli kuQuad Series nesizobhekana kuyona namazwe asezingeni eliphezulu uma kuziwa kulo mdlalo. Uma sikhuluma iqiniso, umuntu kufanele akujabulele ukungenela iQuad Series. Ukuphuma emqhudelwaneni wase-Afrika nokudlulela kowomhlaba, lokho kuyasijabulisa ngoba kusenze sikhule kulo mdlalo nokuyinto esiyidinga kakhulu” kusho uBongi.
Lesi sihlabani seSpar Proteas nyakenye siqokwe njengenhlusa labadlali balapha e-Africa kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba, uqokwe iWorld Netball.
Eqhuba uthe: “Yisikhathi esijabulisayo kulo mdlalo lapha eNingizimu Afrika, ngoba abadlali abaningi kakhulukazi abancane bazoba semathubeni amaningi okuba semlandweni. Sizilungiselela ngokusemandleni ethu ngoba siyazi ukuthi sibhekene nani kuza iNdebe yoMhlaba. Kusobala ukuthi sinezinhloso zokuthuthukisa lapho esingenzi kahle khona ngaphambi kokuthi kufike iNdebe Yomhlaba. Okumnandi ukuthi sizobe siyidlala phambi kwabalandeli bethu, sifuna ukwenza kahle impela abantu balapha eNingizimu Afrika baziqhenye ngathi” usho kanje.
Usonge ngokuthi “Yisikhathi esijabulisa kakhulu kithina lesi kulo nyaka nangonyaka ozayo, sizobe sisebenzisa wonke amathuba ukudlala, ngithemba ukuthi ukhuvethe olufike lwashintsha izinto eziningi emhlabeni angeke lawaphazamisa amalungiselelo ethu kanye nalemqhudelwano esiyibhekile” usho kanje.
Le ntokazi izindaba zayo ziphethwe inkampani iRoc Nation, le nkampani iphethe abadlali abaseqopheleni eliphezulu abanye babo uSiya Kolisi ongukaputeni wamaBhokobhoko, uTemba Bavuma noLungi Ngidi abangabadlali bamaProteas.
Imidlalo ihlelwe kanje:
15 kuMasingana
I-England neSouth Africa
iNew Zealand ne-Australia
16 kuMasingana
i-Australia neSouth Africa
i-England neNew Zealand
18 kuMasingana
iSouth Africa neNew Zealand
i-England ne-Australia
Selilonke iqembu elizomela elakuleli e-England lithakwe kanje:
Abaphambili: uSigrid Burger, u-Ine-Mari Venter, uLefebre Rademan, u-Elmere van der Berg noJessica du Plessis
Abaphakathi: uKhanyisa Chawane, u-Izette Griesel, uTshinakaho Mdau noBongiwe Msomi ongukaputeni.
Abasemumva: uSimone Rabie, uMonique Reyneke, uPhumza Maweni, uNicola Smith noZanele Vimbela

