Ikhala ngomkhuba oseNdlini iNkosi yamaMpondo



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Ikhala ngobuthakathi ngaphakathi eNdlini Yobuholi boMdabu iNkosi yamaMpondo yesizwe samaBhala esifundazweni i-Eastern Cape iNkosi uMwelo Nonkonyana esanda kukhishwa ngevoti njengoSihlalo waMakhosi kuyona iNdlu Yobuholi boMdabu kulesiya sifundazwe.
INkosi uNonkonyana ikhulume neBAYEDE ngesikhathi iseNkantolo Ephakeme eMthatha ngoLwesibili lapho ibiyofaka khona isicelo sayo sokuphikisana nesinqumo saMakhosi esifundazwe ngoba ikhala ngokuthi kakulandelwanga imigudu efanele yokumnikeza isikhathi sokucubungula izizathu ezibekiwe okucashwa ngazo njengembangela yokukhishwa kwakhe esihlalweni.
Phakathi kwalezi zizathu kubalwa ukuqhubeka nokuba ummeli ngokugcwele yize umthetho uthi kufanele umuntu ophethe isihlalo abekuso athole imvume ebhalwe phansi uma kukhona eminye imisebenzi afuna ukuyenza eceleni.
Okunye okwaphakanyiswa yiNkosi uXolile Ndevu enguNobhala weNdlu, ukwephula umgomo wemvalelwakhaya lapho abantu babengavumelekile ukucanasa ngenxa yokhuvethe kodwa iNkosi uNonkonyana yabonakala emngcwabeni wesihlobo sayo okwakugcwele abantu ababengaphezulu kwama-50.
Yize wamiswa uMphathiswa WoMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu kulesiya sifundazwe, uMnu uXolile Nqatha, kodwa laphinde lachithwa icala lakhe wabuyiselwa esihlalweni.
Isitatimende esikhishwe yiNdlu yamaBhala ngaphansi kweNkosi uNonkonyana siyazikhahlela lezi zizathu. “Okokuqala nje kabanalo ilungelo lokusebenzisa isizathu sokuphula umthetho wokuvalwa kwezwe ngoba angizange ngitholwe nginecala ngaso, kwacaciswa futhi saba nesivumelwano noMphathiswa ukuthi lokho kungcwatshiwe akukho noyedwa ongakuvusa akusebenzise ukulwa nami, ” kusho iNkosi uNonkonyana.
Ithe kungamampunge ukuthi isengummeli ngoba yagcina ukuya enkantolo ngonyaka wezi-2017 emuva kokubekwa njengoSihlalo weNdlu Yabaholi boMdabu.
Noma kunjalo iNkosi uLanga Mavuso ebiyiPhini leNkosi uNonkonyana nefudumeze isihlalo seNdlu, ithi bayibuza iNkosi uNonkonyana ngodaba lokuthi igcine nini ukuba senkantolo yaphendula ngelithi ayisakhumbuli kodwa kukhona isikhathi lapho yayiyomela indodana yayo.
“Kodwa-ke kuyilungelo lakhe ukuphikisana nesinqumo esithathwe aMakhosi uma efisa ukwenza kanjalo ngeke simvimbe,” kusho iNkosi uMavuso.
Ibuzwa ukuthi basisebenzise kanjani isizathu sokwephula umthetho wokhuvethe yize yatholwa ingenacala uMnyango ithe: “Thina singaMakhosi kasiwona uMnyango, yena wavumelana noMnyango hhayi thina esisibone kuyisizathu esibalulekile.”
Ithe futhi kawukho umthetho abawuphulile ngoba ophethe umhlangano uyakwazi ukusebenzisa iningi uma kunemibono eshayanayo njengoba kwenziwa nakulowo mhlangano aMakhosi angama-25 avotela ukuthi iNkosi uNonkonyana ikhishwe kanti abayisi-7 kuphela ababephikisana nalokho.
INkosi uNonkanyana iqhubeke yathi lokhu kuyimbangela yoqhekeko olungaphakathi eNdlini Yobuholi boMdabu njengoba nomuzi wayo oseFlagstaff kwaBhala wathunyelwa ngomuthi “uvutha” washa ngoba kwakunezisifo zokuthi ihaqwe umlilo ife nomndeni ingabikhona kulowo mhlangano eyagcina ikhishiwe kuwo ngoba bengakwazi ukubekezela.
“Kulo mhlangano abangivotela kuwo ukuthi angiphume babefuna ukuthi kube kuwukudluliswa komyalezo wokuthi ngikhotheme,” kusho iNkosi uNonkonyana.
Ithe ukuhlakazeka kwendlu kwabonakala ngesikhathi ithatha isihlalo kuphuma abanye ukuthi kunabangaphathekile kahle njengoba nezinto okwakufanele ukuthi ongena ehhovisi azinikwe okufana nemoto, indlu yokuhlala kanye nomshayeli kuthathe isikhathi ukuthi izithole njengoba ingakabinaye namanje umshayeli.
“Kade obeyisekela lami iNkosi uNdevu ihlangene neNkosi uMatanzima bezama kaningana ukungikhipha bagcina sebedunga iNdlu yobuHoli boMdabu,” kusho inkosi.
Ithe izizathu abazibekayo kazinaso isisekelo kepha banentshisekelo angayazi yokungakwazi ukulinda. “Kodwa konke lokho kuyoqondiswa yinkantolo,” isho kanje.
Noma kunjalo iNkosi uMavuso ikubeke kwacaca ukuthi noma kwenzekani bona bayaqhubeka nomsebenzi njengoba bezohlala ngoLwesibili kubekwe uSihlalo omusha. “Samnikeza umshayeli wathi akamfuni ngoba ebeshayelela usihlalo wangaphambilini wanquma ukushayelelwa yindodana yakhe,” kusho inkosi uMavuso.
Ibuzwa ngezinsolo zokuthakatha ngaphakathi eNdlini yaMakhosi ithe yona ayazani nokuthakatha ukuthi yinto enjani ngoba ayikakakuboni.
Okhulumela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uMnu uMamkeli Ngam, uthe kungcono kukhulunywe naMakhosi ngoba yonke into isiqediwe.