Now Reading
Icala nokungqubuzana kwempucuzeko
Dark Light

Icala nokungqubuzana kwempucuzeko

Selokhu kwathi nhlo kukhona ukungqubuzana phakathi kwezimpucuzeko okungaba ngeyasentshonalanga neyase-Afrika. Lokhu kubuye kwavela njengoba bekuthethwa ingxenye yokuqala yecala elithinta ISILO sikaZulu esebuzile. Indaba isuka kuhlobo lomshado okuthiwa ISILO sazifaka kuwo.

Kukhona abathi (abameli bakaNdlunkulu uMaDlamini Omdala wangena emshadweni ‘wesilungu’ osho ukuhlanganisa amafa. Baqhubeka bathi ISILO esebuzile sasivimbelekile ukuba sigcagce umgcagco wesintu nanoma yimuphi omunye umuntu uma nje umshado phakathi kwaso noNdlunkulu usekhona ngokusemthethweni.

Okunye abakushoyo yikuthi umabimafa wenza noma achithe noma yini ehlinzekwe encwadini yefa okungahambisani nomshado ohlanganisa amafa. Umshado okukhulunywa ngawo wabe ungomhla zingama-27 kuZibandlela ngowezi-1970.

Abameli bakaNdlunkulu bakhuleke ukuba inkantolo inqume ukuthi umshado omhlophe phakathi kweSILO noNdlunkulu usemthethweni yini.

See Also

Ngabe usemthethweni kangakanani, ngabe ISILO esebuzile sasivimbelekile ngokuba khona komshado omhlophe ukuba sigcagce ngokwesintu kusukela kummangalelwa wokuqala kuya kowesihlanu, ngabe ukugcagca nabanye oNdlunkulu ngokwesintu kwakusemthethweni yini.
UNdlunkulu nabameli bakhe bami kwelokuthi umshado neSILO nowabe wenganyelwe nguSobaba u-AH Zulu wamaSheshi wawusho ukuthi nguye yedwa ngakho banxusa ukuba inkantolo yamukele incwadi yomshado ilandela iSigaba 3 seLaw of Evidence Amendment Act of 1988. Eminye imithetho abathi kayisetshenziswe nxa kubukwa lolu daba yiBlack Administration Act of 1927 neMarriages and Matrimonial Act of 1988.

Lokhu nje okungenhla kusho ukuthi kulindeleke ukuba inkantolo inqume ukuthi ngabe umshado wesintu oyingxenye yosikompilo nosikonkolo lwempucuzeko yaboHlanga iyashayisana yini nowesilungu. Uma ishayisana kusho ukuthini kumalungelo alabo abakholelwa kuyo. INkantolo kuyomele ibheke ilungelo likaNdlunkulu uMaDlamini nawabanye oNdlunkulu kanye nelikaZulu (ISILO) lokuba yilokhu esabe siyikho ukuba nguMzulu.

Scroll To Top