UBavuma udadula imfihlo yokwenza kahle kwakhe
Uvula isifuba ngefomi yakhe enhle uTemba Bavuma odlala ingcwenga yekhilikithi kulezi zinsuku.
UBavuma oyiphini likakaputeni wamaProteas uDean Elgar uhlezi endaweni yesithathu kubadlali asebeshaye ama-run amaningi kuchungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test phakathi kwelakuleli nelaseNdiya.
Kuma-Innings amane, uBavuma useshaye ama-run ali-161. Uno-50 ababili kanti usakhishwe kabuki kuphela kuma-Innings amane.
Emdlalweni wesibili we-Test obuse-Imperial Wanderers, lo mdlali obhetha endaweni yesihlanu ugcine engazange akhishwe enama-run angama-24. Ku-Innings yokuqala ushaye ama-run angama-52.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi ngibhetha kahle kulezi zinsuku. Ibhola ngilibona kahle okwenza izinto zibelula uma ngisenkundleni,” kusho uBavuma.
Emdlalweni wokuqala washaya ama-run angu-50 ku-Innings yokuqala kwathi kweyesibili wagcina engakhishwanga enama-run angu-35.
“Akukho okutheni engikwenzile noma okwehlukile engikwenzayo. Ngicabanga ukuthi isikhathi sokuphumula singisizile kakhulu. Ngijabule ukuthi konke kuyakhanya futhi ngiyethemba ukuthi ifomi yakhe enhle izoqhubeka,” kubeka uBavuma.
Njengamanje usefana nethemba lamaProteas ngendlela adlala ngayo. Ngaso sonke isikhathi uma elakuleli lisenkingeni uBavuma nguyena otakula amaProteas.
“Ukunqoba kujabulise wonke umuntu eqenjini. Iqembu lesizwe laseNdiya ngelinye la maqembu enza kahle kakhulu futhi libalwa nahamba phambili emhlabeni. Ngakho ukushaya iqembu elifana nabo kwenza wonke umuntu ajabule eqenjini. Akulula ukubhekana nelaseNdiya.” kuphetha uBavuma.
AmaProteas azogadulisana nelaseNdiya emdlalweni wesithathu we-Test eNewlands kusasa ngo-10 ekuseni.
Lo mdlalo uzophenduka uwafawafa njengoba la mazwe ebambene ngo 1-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test.
ElaseNdiya linqobe umdlalo ngama-run ali-113 emdlalweni wokuqala obuseSuperSport Park, eCenturion, ePitoli kwathi owesibili wanqontshwa iNingizimu Afrika ngamawikhethi ayisikhombisa eGoli. AmaProteas azama ukuvikela irekhodi lawo elihle uma ebhekene nalaseNdiya emdlalweni yama-Test lapha ekhaya. Akakaze ashaywe ngelaseNdiya kweyama-Test.