Now Reading
Uphume phambili uDjokovic eNkantolo
Dark Light

Uphume phambili uDjokovic eNkantolo

Kube injabulo yodwa uNovak Djokovic waseSerbia enqoba impi yokuqala emzameni wakhe wokuvunyelwa ukuthi angene e-Australia, ukuze avikele isisoco se-Australian Open yize engalugonyelwanga ukhuvethe.

Bebebaningi akade beseka lo mdlali okleliswe phezulu emhlabeni, ukuthi alinqobe leli cala abhekene nalom 

UDjokovic ngoLwesine olwedlule wehlelwe umshophi wokuthi aphucwe amaphepha okungena e-Australia. Namhlanje ekuseni ekuseni iJaji lakhona u-Anthony Kelly, likhiphe isinqumo sokuthi kumelwe abuyiselwe kuyena amaphepha.

Leli jaji liphinde layalela uHulumeni wase-Australia ukuba akhokhe izindleko zaleli cala futhi uDjokovic akhululwe esikhungweni abehlaliswe kusona.

Ngokwamaphepha ka-Djokovic, isizathu esenza angagonywa wukuthi usanda kutholakala negciwane lokhuvethe ngoZibandlela odlule.  

Abameli bakhe bathi ngokwemihlahlandlela umuntu osekuqinisekisiwe ukuthi unokhuvethe ngokuhlolwa kohlobo lwe-PCR (Polymerase Chain Reaction) akudingeki ukuthi agome izinyanga eziyisithupha.

UDjokovic nguyena ophethe irekhodi lezicoco eziningi ze-Australian Open njengoba esenqobe lo mqhudelwano izikhawu eziyisishiyagalolunye.

Njengamanje kubukeka sengathi usekhululekile ukuthi avikele isicoco sakhe kodwa uhulumeni wase-Australia usengamvimba ukuthi angene ngezinye izindlela.

See Also

Uma lokho kwenzeka, uzongena ohlwini lwabadlali abahamba phambili abangeke babe yingxenye yalo mqhudelwano kulo nyaka njengoSerena Williams nodadewabo uVenus, uRoger Federer, uStan Wawrinka, uDominic Thiem nabanye.

UDjokovic useyinqbe yonke imiqhudelwano yeGrand Slam. Uma kukhulunywa ngemiqhudelwano yeGrand Slam, kubalwa izindondo ezinkulu i-Australian Open, iWimbedon, i-US Open neFrench Open.

I-Australian Open useyinqobe kayi-9 (ngonyaka wezi-2018, 2011, 2012, 2013, 2015, 2016, 2019, 2020 nangowezi-2021), iWimbledon ayinqobe kayi-5 (ngonyaka wezi-2011, 2014, 2015, 2018 nangowezi-2019). I-US Open uyinqobe kathathu (ngonyaka wezi-2011, 2015, 2018 nangowezi-2021), kuthi iFrench Open yona uyinqobe kabili ngonyaka wezi-2016 nangonyaka wezi-2021. Uphinde abe nendondo yethusi ayinqoba eBeijing ngonyaka wezi-2008

Scroll To Top