Now Reading
Abuyise izinduku amaProteas
Dark Light

Abuyise izinduku amaProteas

AmaProteas abuyise izinduku ngesitayela e-Imperial Wanderers, eGoli ngoLwesine ngesikhathi eguqisa iqembu lesizwe laseNdiya ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wesibili kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest.

Elakuleli belilandela emuva nge 1-0 kulandela ukuthelwa othulini ngelaseNdiya ngama-run ali-113 emdlalweni wokuqala weTest obuseSuperSport Park, eCenturion, ePitoli. Kowesibili ibamba likakaputeni waseNdiya uKL Rahul linqobe ithosi lathatha isinqumo sokubhetha kuqala. Ngemuva kwama-over angama-64, amaProteas alikhiphe lonke iqembu laseNdiya selihlanganise ama-run angu-202. URahul udlalise okomholi ku-Innings yokuqala yelaseNdiya eshaya ama-run angama-50. Amawikhethi ezikaMarc Boucher athathwe nguMarco Jansen owole amane kwathi uKagiso Rabada noDuanne Olivier bathola amathathu umshwibi ngamunye.

Ngemuva kwalokho kubeyithuba lelakuleli  lokubhetha. UKeagan Petersen noTemba Bavuma babeke amaProteas endaweni engcono. UPetersen uthole ama-run angamashumi amahlanu okokuqala selokhu eqale ukudlalela elesizwe. Ushaye ama-run angama-62 kwathi uBavuma wabhalisa ebhodini angama-50.

AmaProteas agcine ephume wonke ku-innings yawo yokuqala eseqoqe ama-run angama-229 kuma-over angama-80. Amawikhethi elaseNdiya athathwe nguShardul Thakhur owise ayisikhombisa kwase kuthi uJasprit Bumrah, uRavi Ashwin noMohammed Shami bathola eyodwa umshwibi ngamunye. INdiya ingene ku-Innings yesibili ikweleta ama-run angama-27. Ikwazile ukuwakhokha kungakawi neyodwa iwikhethi.

Ku-Innings yesibili elaseNdiya lihlanganise ama-run angama-266 seyiphume yonke kuma-over angama-61. Izinsika zeqembu uChet Pujara no-Anjinkya Rahane yibona abafake elakuleli ngaphansi kwengcindezi. Bahlanganise ama-run angaphezu kwekhulu bebobabili enkundleni. UPujara ushaye angama-53 kwathi uRahane wamuhluza angama-58. AmaProteas abejaha ama-run angama-240 ukuze anqobe. Avale usuku lwesithathu eselahlekelwe ngamawikhethi amabili ka-Aiden Markram nekaKeagan Petersen. Enkundleni bekukhona ukaputeni weqembu uDean Elgar obenama-run angama-46 noRassie Van Der Dussen obeseshaye ali-11.

See Also

ElaseNdiya belidinga amawikhethi ayisishiyagalombili ukuze linqobe kanti amaProteas abedinga ama-run angama-122 ukuze anqobe. Usuku lwesine aluzange luqale kahle. Imvula ibiyidliva eGoli. Ize yakhawuka ngemuva kwehora lesithathu. Ngemuva kwehora lesine womabili amazwe abuyele enkundleni. U-Elgar noVan Der Dussen baqhubekile nomsebenzi omuhle. U-Elgar uphakamise ibhethi ethola angama-50. Nokho uVan Der Dussen ugcine ehambile. Ukhishwe nguShami esenama-run angama-40 nge-over yama-54. Ukaputeni weqembu ujoyinwe nguBavuma enkundleni. Bobabili bagcine bekwazile ukuweza amaProteas ngelibanzi. INingizimu Afrika iphumelele ngamawikhethi ayisikhombisa ngemuva kokujaha ngobuchule isibalo sama-run angama-240 ebisibekelwe ngelaseNdiya. Kuyithathe ama-over angu-68 ukufica lesi sibalo sama-run. Ngaleyo ndlela, iqophe umlando ishaya iNdiya okokuqala eWanderers.

Emidlalweni emihlanu eyedlule amaProteas abengakaze ayishaye iNdiya kweyama-Test eWanderers. Isibalo sama-run angama-240 kuphinde kwaba yisibalo esikhulu kunazo zonke esezake zajahwa amaProteas eWanderers. U-Elgar ugcine eqokwe njengomdlali ovelele. Akazange akhishwe. Emabholeni ali-188, uzitholele ama-run angama-96. UBavuma naye akazange aphume. Ubhalise ama-run angama-23 emabholeni angama-45. Njengamanje la mazwe asebambene nge 1-1. Azotholana phezulu kokawafa wafa eNewlands Park, eKapa ngoLwesibili. AmaProteas akayazi induku yelaseNdiya kweyamaTest ekhaya.

Scroll To Top