Yize iBafana ingekho kowe-AFCON kodwa bakhona abazomela elakuleli eCameroon


Yize iBafana Bafana yehluleke yancama ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon kodwa lokho akuchazi ukuthi iNingizimu Afrika angeke ibe yingxenye yalo7; mqhudelwano omkhulu ez km I’llwenikazi i-Afrika.
IBafana iqede endaweni yesithathu eqoqweni layo emidlalweni yokuhlungela i-Afcon lapho ibithakwe khona neGhana, Sudan neSao Tome and Principle.
Lokhu kuholele ekutheni uMolefi Ntseki akhonjwe afika ngayo. Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela ibheka abazomela iNingizimu Afrika ku-Afcon yize iBafana ingekho.
Roger De Sa:
UDe Sa wayekhona ngesikhathi iBafana Bafana yekhala yemuka nesicoco se-Afcon ngo-1996.
Ngo-2002, ngokubambisana noCarlos Queiroz bafake iBafana kweyeNdebe yoMhlaba eJapan/Korea.
Njengamanje yibona abahola iqembu lesizwe laseGibhithe. UDe Sa uyiphini likaQueiroz.
I-Egypt abayicijayo iboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, Sudan neGuinea-bissau. UDe Sa uzobe angemele elaseGibhithe kuphela uzobe ephephezelisa nefulegi laseNingizimu Afrika.
Victor Gomes:
Inhlangano eyangamele ibhola Afrika iConfederation of African Football (Caf) imemezele onompempe abangu-23 abafutha impempe ku-Afcon eseCameroon. Kulo mqhudelwano uyaqala ngeSonto. INingizimu Afrika izomelwa nguGomes. Lo mpempe waziwa ngokuthi akayihleki into engahlekisi. Iphenathi nekhadi elibomvu ukukhipha manje. Yize, iBafana ingekho kodwa uGomes nguyena ozomela uMzansi.
Zakhele Siwela:
USiwela osebuya nakwiNdebe yoMhlaba akazange asale ngaphandle ngesikhathi iCaf imemezela abasizi bonompempe abangu-31. Lapha eNingizimu Afrika nguyena kuphela oqokiwe.