Imibhikisho yaseTunisia ingaletha izinguquko kwezepolitiki
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinkulungwane zabalandeli bakaMengameli waseTunisia uKais Saied zihlangane enhlokodolobha nakwamanye amadolobha ukuxhasa ukumisa kwakhe kwePhalamende zathembisa nokuguqula uhlelo lwezepolitiki, kusho abagxeki bakhe abathi kube yisenzo sokuvukela umbuso. Lo mbukiso uhanjelwe okungenani abantu abayizi-8,000 maphakathi neTunis bekukukhulu kakhulu selokhu uSaied athatha amandla okuphatha ngoNtulikazi lo mbukiso wokwesekwa ngabasekeli bakhe owenze imibhikisho emibili eyabe ikhona amasonto amabili elandelana kwafana nengekho.
Izinkulungwane zabanye abalandeli baSaied zihlanganyele eSfax, kusho ofakazi nabezindaba basendaweni, kanti abanye bahlanganyele eSidi Bouzid, eGafsa naseMonastir. Ukuphikisana nezenzo zakhe nakho kukhule kakhulu emasontweni adlule njengoba iningi labasunguli bezepolitiki, inyunyana yabasebenzi enamandla kanye nabaxhasi bakwamanye amazwe kuphume ukumelana nokumiswa kwakhe kwezingxenye zomthethosisekelo. USaied uvame ukukhombisa ukuxhaswa ngumphakathi ngezinyathelo zakhe zokulwa nezikhulu zezepolitiki kanye nohlelo lokwabelana ngamandla phakathi kukaMengameli nePhalamende athi luphazamise intando evamile.
Ababhikishi baphakamise amafulegi aseTunisia futhi baphatha izingqwembe ezithuka i-Ennahda, iqembu lamaSulumane elikhulu kunawo wonke ePhalamende futhi elisebenze njengomphikisi omkhulu waSaied. Ingoma eyodwa ebizwa ngokuthi umholi we-Ennahda kanye noSomlomo wePhalamende uRached Ghannouchi, onxuse lendlu emisiwe ukuthi iqale kabusha umsebenzi wayo, “njengombulali.” UMengameli wafaka iTunisia enkingeni yoMthethosisekelo ngoNtulikazi ngokumisa iphalamende elikhethiwe, waxosha undunankulu wase ethatha isikhundla sokuphatha.
Ngenyanga edlule ubeke eceleni okuningi koMthethosisekelo wathi angaphasisa umthetho ngesimemezelo, efaka ukungabaza inzuzo yentando yeningi yaseTunisia kusukela ekuguqulweni kwayo kwangowezi-2011 okwadala ukuvukela kwe “Arab spring” ezweni lonke lamaSulumane.
Ukungenelela kukaSaied kwalandela iminyaka yokuntengantenga komnotho kanye nokukhubazeka kwezepolitiki, okwabhebhethekiswa wubumpofu bokuvaleka ngonyaka owedlule, umkhankaso wokugoma oqala kancane kanye nemibhikisho yasemgwaqeni. Abantu abaningi baseTunisia basola lezo zinkinga kubantu abonakele, abazithandayo, futhi babona uSaied, ozimele, njengompetha wabantu abangelutho.
Phakathi kwabasekeli bakhe, ukungenelela kukaSaied kuthathwa kabanzi njengokusetha kabusha obekudingeka kokuzama kwentando yeningi okwasungula izintshisekelo. Ngenkathi ukuvota kwemibono kukhombisa ukuthi izenzo zikaSaied kunokusekelwa okubanzi, ukubambezeleka kwakhe isikhathi eside ukumemezela umugqa wesikhathi sokuqedwa kwalesisimo sekuqale ukuqinisa ukuphikisana naye.
Iningi labantu abasezingeni eliphezulu kwezombusazwe kanye nenyunyana yabasebenzi enamandla i-UGTT bathi kumele aqale ukubonisana kabanzi uma ehlela ukuchibiyela umthethosisekelo, njengoba evezile ukuthi uzokwenza kanjalo. Yize umbhikisho wangeSonto uhlelwe yizishoshovu ezinkundleni zokuxhumana, amaqembu amancane amathathu ephalamende kuhlanganisa ne-Achaab ayesekela, ethi ukukhubazeka ohlelweni lwezepolitiki kuphoqe uSaied ukuthi angenelele. Ngesonto eledlule uSaied waqoka undunankulu futhi wamnxusa ukuthi asheshe asungule uhulumeni, kepha ngemuva kokuthatha kwakhe amandla abanzi kulindeleke ukuthi angabi nethonya elincane kunalabo ababengaphambi kwakhe(Undunankulu omusha) emsebenzini.
Amaphoyisa aseTunisia ngempelasonto abophe ilungu lePhalamende nomethuli wezinhlelo zethelevishini abebegxeka uSaied ababe ngabagxeki bakhe abakhulu kusuka ngoNtulikazi, kusho ummeli wabo. Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule.