U-Amla ubona kunganqoba noma ubani
Ingwazi yamaProteas uHashim Amla uwubona ungawela noma yikuphi umdlalo weTest yesibili ephakathi kwelakuleli nelaseNdiya eqhubeka e-Imperial Wanderers.
La mazwe agadulisana emidlalweni emithathu yochungechunge lwamaTest. ElaseNdiya lihamba phambili ngemuva kokunqoba umdlalo wokuqala obuseSuperSport Park, eCenturion, ePitoli. Owesithathu ungoMsombuluko, eNewlands Park, eKapa. Njengamanje amaProteas adinga ama-122 kuma-over angama-90 ukuze anqobe.
Ngakolunye uhlangothi elaseNdiya lidinga amawikhethi ayisishiyagalombili ukuze anqobe bese ezifaka emlandweni ngokushaya amaProteas okokuqala ekhaya. Uma linqoba kuzosho ukuthi noma esangadliwa eKapa kodwa azobe eselinqobile lolu chungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest.
AmaProteas avale usuku lokuqala esehlanganise ama-run ali-118 kuma-over angama-40. Alahlekelwe amawikhethi amabili ka-Aiden Markram (31) noKeagan Petersen (28). Bobabili baphume nge-Leg Before Wicket (LBW). UMarkram ukhishwe nguShadrul Thakhur kwathi uPetersen wabanjwa nguRavi Ashwin. AmaProteas ajaha isibalo sama-run angama-241 ukuze unqobe.
U-Amla owashaya ama-run angaphezu kwe-9000 emidlalweni yama-Test ngesikhathi sakhe kumaProteas ukubeke kwacaca ukuthi umdlalo usangawela noma yingakuphi. Ubexoxa nabakwaSuperSport ngemuva kokuphela kosuku lwesithathu. “Njengamanje noma yiliphi iqembu lingawunqoba umdlalo phakathi kwalama qembu amabili. Umdlalo ushube ngendlela eyisimangaliso,” kubeka lolu bhebhenene lwentshebe.
Abasazobhetha nguTemba Bavuma, Kyle Verreynne, Marco Jansen, Keshav Maharaj, Kagiso Rabada, Daunne Olivier noLungi Ngidi. “Uma elaseNdiya lingahlabana ngewikhethi ehoreni lokuqala lomdlalo isimo somdlalo sizoshintsha. Umdlalo uzowela ngakwelaseNdiya. Njengamanje zibambane futhi sihlalelwe yindumezulo yosuku lwesine. Sizobona into yamehlo,” kuqhuba u-Amla.