Now Reading
Injolozela ikubaqeqeshi bamaProteas ngokubuyisa udumo
Dark Light

Injolozela ikubaqeqeshi bamaProteas ngokubuyisa udumo

Babhekene nejoka elinzima abaqeqeshi abasha beqembu lesizwe lekhilikithi amaProteas uShukri Conrad noRob Walters abahlalelwe yinselelo yokubuyisa udumo lwaleli qembu.

UWalters uzocija iqembu elizodlala imidlalo yosuku olulodwa neyeT20 bese kuthi uConrad agxile eqenjini elizoyibamba kweyamaTest.

Bathatha izintambo kuMalibongwe Maketa obebambile ngemuva kokushiya kukaMarc Boucher obecija iqembu.

Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ibheka izinselelo ezinhlanu ezibhekene nala baqeqeshi.

Ukushintsha okaputeni beqembu lesizwe

Isikhathi sikaDean Elgar njengokaputeni emidlalweni yama-Test sesifike kwangqi ngetshe. NgoNhlangulana uzobe ehlanganisa iminyaka engama-36. Njengamanje akekho efomini. Njengokaputeni kumele ahole ngesibonelo. Sekufike isikhathi sokuthi ashenxe esikhundleni sokuhola iqembu kodwa agxile ekubuyiseni ifomi. Okwesibili wukuthi usesalelwe mhlawumbe yiminyaka emibili kwelesizwe ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi. Asiqale manje sikhethe umholi omusha osemncane. UConrad usayine inkontileka yeminyaka emine. Asinike uTemba Bavuma noma uKagiso Rabada ekutheni ahole iqembu. U-Aiden Markram ubengasiphathe kahle lesi sikhundla kodwa okwamanje akekho efomini. Ngakho ngeke kube ngumqondo omuhle ukumfakela ingcindezi yobuholi ekubeni esadonsa kanzima ekutholeleni iqembu ama-run. UBavuma akayena umdlali weT20. Asimehlisela ingcindezi ngokuthi siqoke omunye umdlali ekutheni ahole iqembu. UMarkram noma uQuinton De Kock bangawenza lo msebenzi kuT20.

Ukukhuculula amakhehla asephelelwe yisikhathi kwelesizwe

Abadlali abafana noRassie Van Der Dussen sebephelelwe yisikhathi emidlalweni yamaTest. Ngenyanga ezayo uRassie uzobe ehlanganisa iminyaka engama-34. Njengamanje akasiniki lutho. Sekuyisikhathi sokuzama abadlali abancane abayikusasa lamaProteas.

Ukuthemba abadlali abancane:

Njengamanje sekuyisikhathi sokuthi kunikwe abadlali abafana noRyan Rickelton, Dewald Brevis, noDevon Ferriera amathuba okuzibonakalisa eqenjini lesizwe ikakhulukazi emidlalweni yosuku olulodwa. URickelton uqede i-One Day Cup njengomdlali ushaye ama-run amaningi (453). Ku-Four Day Cup, ushaye ama-100 ababili. Ngakolunye uhlangothi uBrevis uvutha engabaselwe kuCSA T20 League. Uyazitamuzela ngama-run. UBrevis uneminyaka eli-19. Sebeqalile ukumfanisa nengwazi yamaProteas, u-AB De Villiers. Ngemuva kokushaya into ecokeme kweyeNdebe yoMhlaba ka-Under-19 uthengwe yiMumbia Indias ku-Indian Premier League (IPL).

See Also

Okuhle ngoBrevis wukuthi akagcini nje ngokushaya ibhola lilandwe ezihlweleni kodwa wenza umsebenzi oncomekayo noma eseshwiba ngohlobo lwe-spin. Umdlali ofana njengalo uyamdinga eqenjini lesizwe. UFerreira yena usekhombisile ukuthi akasabi ukumuhluza ibhola okuyinto obekunesililo esikhulu sayo eminyakeni eyedlule.

Ukwenza kahle emiqhudelwaneni emikhulu:

Kulo nyaka kuneNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa kwelaseNdiya ngasekupheleni konyaka. UWalters uhlalelwe yijoka lokuhlanganisa iqembu elizokwenza abalandeli baseNingizimu Afrika baziqhenye. Selokho aka Proteas abuyiselwe emidlalweni yamazwe akakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba. Njengamanje amaProteas alengela engozini.

Amaqembu ayisishiyagalombili ahlezi esicongweni yiwona azozibekisela indawo kweyoMhlaba eNdiya bese kuthi amanye amazwe adlale eyokuhlunga lapho kuzodlulela khona amaqembu amabili aqede esicongweni emaqoqweni awo okuhlunga. Ekupheleni kwenyanga amaProteas azobhekana namaNgisi emidlalweni emithathu yosuku olulodwa. UWalters akuyena nguyena yedwa obhekene nengcindezi. UConrad uhlalelwe yinselelo yokufaka amaProteas kuWorld Test Champions ezoba se-Oval kwelamaNgisi ngoNhlangulana. AmaProteas ayibambe endaweni yesine. Ngenyanga ezayo azodudulana neWest Indies emidlalweni emithathu yamaTest. Uma enqoba ngo 3-0 angalibuyisa ithemba lokuzibekisela indawo.

Scroll To Top