Kufezeke iphupho likaPetersen leminyaka
Kufezeke iphupho leminyaka kuKeagan Petersen ngokuhlabana ngethuba lokugqoka imifaniswano yamaProteas. NgoLwesibili osukwini lwesibili lomdlalo wesibili weTest ophakathi kwelakuleli nalaseNdiya, ose-Imperial Wanderers, eGoli, uPetersen ushaye ama-run angamashumi amahlanu okokuqala selokhu eqale ukudlala kwelesizwe.
Ugcine esekhishwe esenze ama-run angama-62. Uzame ukudlala ibhola elikude naye ngaleyo ndlela ibhola langaya lapho abefuna ukulibhekisa khona wagcina ebanjwa nguManyak Argawal kade kushwiba uShardul Thakur. Ubhekane namabhola ali-118.
Exoxa nabakwaSuperSport ngemuva kosuku lwesibili, uPetersen uvule isifuba ngokuthi ujabule kangakanani ngokufeza iphupho lokumela amaProteas ezingeni lomhlaba. “Ukudlalela iNingizimu Afrika yiphupho lami elidala. Kusukela ngimncane ngifuna ukufeza leli phupho. Ngijabule ukuthi seligcine lifezekile”.
Lo mdlali odabuka ePaarl, eKapa uqale ukudlalela iqembu lesizwe ngonyaka ophelile ngesikhathi elakuleli libhekene neWest Indies ekuhambeni. “Ngijabule ngokufaka isandla eqenjini. Yize ngicabanga ukuthi bengingenza kangcono kodwa angeke ngikhale,” kuqhuba uPetersen. Indawo adlala kuyona ayilula neze. Ubhetha endaweni yesithathu ohlwini lwababhethi kumaProteas. UHashim Amla nguyena ozakhele igama ngokuyenza eyakhe le ndawo eminyakeni eyedlule.
“Angeke kubelula ukubhetha ngasekugcineni kule nkundla. Ngicabanga ukuthi kuzoba ngumqansa ukujaha isibalo sama-run angaphezu kwama-200 kule nkundla kodwa sizimisele ngokujaha noma yini ezobekwa yi-India.” kuphetha uPetersen.
AmaProteas angaphansi kwengcindezi. Alandelana emuva nge 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yamaTest. ElaseNdiya linqoba owokuqala ngama-run ali-113 eSuperSport Park, eCenturion, ePitoli. Elakuleli lidinga ukunqoba kulo mdlalo wesibili oqhubeka e-Imperial Wanderers, eGoli. Njengamanje elaseNdiya lihamba phambili ngama-run angama-58. Usuku lwesithathu luzoqala namuhla ngele-10 ekuseni.