Ihollywoodbets Dolphins nemizamo yokunxenxa abalandeli emidlalweni yasekhaya


Okunye abakwenzile ukulungisa inkundla ukuze ihehe
Isikhulu esiphezulu kuHollywboodbets Dolphins uHeinrich Strydom sihlela ukuqeda isihlava sokugqoza kwabalandeli emidlalweni yasekhaya yaleli qembu lekhilikithi elizinze eThekwini.
AmaDolphins adlala ikhilikithi eseqophelweni eliphezulu kulezi zinsuku. Ngesizini edlule akhale emuka nesicoco seCSA Four Day Cup.
Leli qembu liphinde lafinyilela kowamanqamu weCSA T20 Challenge. Intatheli yelaboHlanga ihlale phansi noStrydom ingxoxo yabo yahamba kanje.
Zipho Singela (ZS): Mhlonishwa iqembu lishaye into ecokeme ngesizini edlule ngabe ilelephi impumelelo yeqembu futhi nihlele ukwenzani ukugcina lomgqigqo? Phela ukwenza kahle kuletha ingcindezi.
Heinrich Strydom (HS): Sijabule ngezinga esikulona njengeqembu. Imisebenzi iyabonakala. Senze umsebenzi omuhle kakhulu ngesizini edlule kodwa manje sesiqala phansi. Isizini entsha isiqalile. Ngebhadi umdlalo wokuqala uphazanyiswe yimvula kwathi owesibili sawunqoba.
Kule sizini sifuna ukuvikela isicoco sethu seFour Day Cup. Sibheke nokwenza kangcono kunangesizini edlule kuT20 Challenge lapho siguqe khona kowamanqamu. Kulokhu sifuna ukuba ngompetha beT20 Challenge bese siqeda sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kuCSA One Day Cup.
ZS: Ngabe yimiphi imibandela eniyibekele ithimba labaqeqeshi?
HS: Sifuna ukuthi lenze isiqiniseko sokuthi noma yini esiyenzayo sibalwa namaqembu amathathu ahamba phambili eNingizimu Afrika.
Lapha ngikhuluma ngeqembu labesilisa nabesifazane, ukulwela izicoco nokukhiqiza abadlali abazogijima eqenjini lesizwe labesilisa nabesifazane kuzo zonke izigaba.
ZS: Iqembu aligcini nje kuphela ngokukhiqiza imiphumela emihle enkundleni kodwa liyaqhubeka nokuphakela iqembu lesizwe ngabadlali beqophelo eliphezulu. Lapha sikhuluma noDavid Miller, Keshav Maharaj, noSarel Erwee.
HS: Yingakho ngikubeke kwacaca ukuthi sifuna ukuqeda sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kuyo yonke into esiyenzayo. Sijabule ngegalelo lethu eqenjini lesizwe. Sifuna ukubona inqwaba yabadlali bethu bebizelwa kwelesizwe kumasizini azayo. Uma singafeza isifiso sethu sokubalwa namaqembu amathathu ahamba phambili ezweni, ngiyakutshela siyobanjwa kude ngoba sizobe sesibalwa nezingqungqulu.
ZS: Eminyakeni eyedlule iDolphins ike yehlelwa yizinga obekufakazelwa yisomiso sezindebe. Yini esishintshile manje?
HS: Lo mgqigqo wethu akuwona umlilo wamaphepha kodwa ungenxa yokusebenza ngokuzikhandla usuku nosuku. Kithina wukugxila kulezinto ezibukeka zincane. Uma usebenza kanzima ngaso sonke isikhathi, ubekezele bese ubanohlelo olulandelayo lokuthola impumelelo nayo izokulandela. Eminyakeni emihlanu eyedlule sinqobe izicoco ezinhlanu. Lokho kuyisibusiso kithina. Okwamanje sigxile ekulungiseni izinto ezincane ngemuva kwalokho imivuzo emikhulu izosilandela. Asikwazi ukugodla amandla.
Kumele sisebenze ngokuphindiwe usuku nosuku. Sizihlela kahle. Yonke into siyiqondanisa ngendlela. Osekusele wukubamba umgqigqo. Ukuzikhandla kweqembu kubonakala ngisho enkundleni. Ubona ngesibalo samabhola aseceleni asjikijelwa ngabashwibi bethu nesibalo samabhola abahlulwa wukuwanqaka. Kithina yilokho okumqoka ukusebenza kulezinto ezincane kodwa ezenza omkhulu umehluko. Sakha impumelelo ezosihlenga iminyaka ngeminyaka ezayo.
ZS: Yebo, iqembu lenza kahle. Linqoba izicoco, likhiqiza abadlali abaphelela kwelesizwe, liheha abaxhasi kodwa lidonsa kanzima ekuheheni abalandeli. Yiziphi izinhlelo eninazo zokuheha izinkumbi zabalandeli emidlalweni yeqembu?
HS: Uqinisile, sidonsa ngodizili. Ngicabanga ukuthi lesi sihlava asibhekene nathi kuphela kodwa sikhungethe amaqembu amaningi ahlukene ezemidlalo esifundazweni. Muva nje sisanda kulungisa inkundla yethu. Siyilungise ngendlela yokuthi ihehe, isinezinto ezintsha esizengezile ezikwenza uzizwe usekhaya uma uhamba nomndeni noma ufuna ubumnandi. Angingabazi ukuthi uma beke bafika kanye bazozibuyela bona emidlalweni elandelayo. Sizimisele ngokuwudlulisa lomyelezo ezinkundleni zokuxhumana nasezinkundleni ezifana nephepha lakho. Ikhilikithi esiyidlalayo iseqophelweni eliphezulu kanti nenkundla esesimeni esihle. Abantu abeze ngobunini babo.
ZS: Zikhona izinhlelo zokubuyisa umdlalo we-test yangomhla zingamashumi amabili nesithupha kuZibandlela? Lo mdlalo uke wadlalwa eThekwini iminyaka ngaphambi kokuthi ufudukele eGoli.
HS: Isinqumo esifana naleso silele kuCricket South Africa (CSA). Eminyakeni eyedlule inkundla yethu ivune kakhulu abashwibi bohlobo lwe-spin. Kulo nyaka amaProteas azovakashelwa yiqembu lesizwe laseNdiya. Bebengafuni ukuletha iqembu lesizwe laseNdiya enkundleni ezoyivuna. Bancamela ukudlala neNdiya ezinkundleni ezisheshayo eGoli. Thina izandla zethu zivuliwe. Uma ithuba livela sizolithatha ngezandla zombili. Ngihlalele ithembeni lokuthi ithuba elifana nalelo sizolithola eminyakeni ezayo.
ZS: Sibonge ngesikhathi sakho mhlonishwa.
HS: Kubonga mina ngethuba.