Now Reading
URabada ubona ifomu yakhe ejwayelekile isazobuya
Dark Light

URabada ubona ifomu yakhe ejwayelekile isazobuya

Ayimkhathazi eyomgqigqo umshwibi wamaProteas uKagiso “KG”  Rabada osalokhu eqhubeke njalo nokuwola amawikhethi yize engekho efomini aziwa ngayo.

Njengamanje uRabada nguyena osethathe amawikhethi amaningi kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu eqhubekayo phakathi kwelaseNdiya neNingizimu Afrika.

ElaseNdiya lihamba phambili ngo 1-0 kulandela ukuthela othulini elakuleli ngama-run angu-113 emdlalweni we-test yokuqala ebiseSuperSport Park, eCenturion, ePitoli.

Emdlalweni wokuqala uRabada uthathe amawikhethi ayisikhombisa kuma-Innings amabili.

Kweyokuqala uthathe amathathu kwathi kweyesibili wahlabana ngamane.

Exoxa nabakwaSuperSport ngemuva kosuku lokuqala emdlalweni wesibili ose-Imperial Wanderers noqale izolo ngoMsombuluko, uRabada ukubeke kwacaca ukuthi ayimkhathazi indaba yokuthi akekho ezingeni aziwa ngalo yize ezihola phambili ngamawikhethi ayishumi.

“Into esengiyifundile wukuthi noma kungathiwa uzizwa kanjani, into emqoka emdlalweni wekhilikithi wukuzinikela ngakho konke onakho. Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngilwela ukuzuza lokho uma ngisenkundleni. Ngiyalazi izinga lami futhi ngikuqonda kahle ukuthi angikho kulona,” kuchaza uRabada.

Lo mshwibi ubambe elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi amaProteas alikhipha lonke elaseNdiya lisahlanganise ama-run angu-202.

ElaseNdiya linqobe ithosi lase liqoka ukubhetha kuqala.

URabada ukhiphe uHanimo Vihari, Mohammed Shami noMohammed Siraj. Uphinde wanqanka ngesinono ibhola ebelishaywe ngobuchule nguKL Rahul kade kushwiba uMarco Jansen naye owenze kahle kakhulu.

See Also

“Okwami ukufaka isandla empumelelweni yeqembu. Iminyakazo yami eqenjini njengamanje ngizoyamukela ngoba iyawenza umehluko. Asikho isidingo sokucabanga kakhulu. Okumqoka ukwenza okusemandleni ami. Okunye nokunye kuzozilandelela,” kuqhuba uRabada.

AmaProteas avale usuku lokuqala esenze ama-runs angama-35 kusawe iwikhethi eyodwa.

Asele ngama-runs ali-167 kwelaseNdiya. Ukaputeni uDean Elgar noKeagan Petersen yibona abazovula usuku lwesibili.

“Isimo senkundla sivuna abashwibi kodwa kumele sibhethe ngobuchule,” kuphetha uRabada.

Scroll To Top