Isexwayiso ngoBukhosi neSihlalo



UMnu uBlessed Gwala, oseKomitini elibhekele ukusebenza kweHhovisi likaNdunankulu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal.
Kunefu elimnyama elifukuzela phezu koBukhosi, liza nembubhiso. UBukhosi benziwa imfeketho nakuba sikhuluma ezigcawini ezahlukene kodwa ungathi sigqula edwaleni noma sithela amanzi emhlane wedada ngoba sishaywa indiva ngabomu. UBukhosi bokhunjulwa nje ngokuthi isakhiwo phecelezi esasi (bold and beautiful).
Le ndaba ngake ngayithi fahla ngonyaka odlule kodwa ungathi isona siza ngamakhulu amawala ukucoboshisa uBukhosi busiphulwa nezingxabo zabo kwenziwa ngaphansi kwesambulela esikhulu esivunuliswe intando yeningi nokubambisana kwakhiwa umqondo wokuphucuza uBukhosi nezindawo zawo.
UMnyango obhekele izindaba zaMakhosi wehla wenyuka, ibutho lezintombi, uzishaya isifuba ngokuthi umatasa uphucuza uBukhosi nokuletha inhlalakahle ezizweni zawo. Uphehle ukuthi akube nezinketho eziphuthumayo nganhlanye kugqugquzelwe abantu abaxhwalile nabalwa noBukhosi ukuba bangenele izinketho eziphuthumayo nezingahleliwe kahle ukuze uBukhosi babuhushule amathumbu. Kukhangiswa ngokuthi uma ukhetho luke lwakhona intuthuko izofuqwa mawala ifike igeleza kuhle komfula ugcwalisa kuthi emveni kokhetho nedumela lwalo kucwile iziziba kuthi nabakhethiwe baphenduke imitshingo kungekho sisekelo abasebenzela phezu kwaso futhi kungekho luxhaso nasikhwama esizobasiza ngingasaphathi eyemihlomulo okumele bayicoshe njengabakhethwa emphakathini ukuze bafake igxalaba nxa sekugeleza intuthuko. Kothi emveni kweminyaka emihlanu futhi kusuke esinamathambo kuthiwa akukhethwe kabusha abanye abantu kungekho zinsiza ezalethwa kulabo abakhethwa ngokudlule, leli futhefuthe liqhutshwa ngokuthi kulandelwa umthetho ophoqa ukuba kukhethwe.
AMakhosi nawo agqugquzelwa ukuba abambe iqhaza komasipala ngokuba athamele imihlangano yemikhandlu yomasipala ngokulandela iSigaba somthetho esiwu nombolo 81 esibusa imikhandlu nesinquma isibalo esithile saMakhosi ahlala kule mikhandlu aklaywe phakathi njengekhwani aMakhosi ukudala ufa ngabomu. Nxa sekunqunywa aMakhosi akhwixa imikhono athi uMntwana waKwaPhindangene iNkosi yakwaButhelezi enziwa izibankwa abanye banengwe yilokho kanti kuchaza iqiniso elithi uma izinto seziphuma esipolweni kushishilizwe ngaMakhosi ukuthi ayingxenye yezinqumo nokuthi avuma futhi ayazi konke okwenzeka kwamasipala.
Kule mikhandlu kwamasipala abantu baMakhosi abangamakhansela banegunya lokunquma ngokubona kwabo ezweni laMakhosi futhi bazuza imiklomelo engayiwa ngenkathi aMakhosi wona ekhothiswa izingqoko zakwamasipala.
Lokhu kufana nokuholelwa kwezinduna lapho nazo ziklaywa phakathi kube khona eziholelwayo kube khona ezishaywa indiva kubukelwe phansi uhlelo lweNkosi njengokuthi iNkosi sekwaba iminyaka inenduna enkulu esizweni kodwa engenaso isigodi kuthiwe kuzoholelwa izinduna ezinezigodi kuphela lokho kusho ukuthi iNkosi kumele ikhethe ukuthi ibenesigungu sezinduna esiholwa induna engaholi nkece ezingaphansi kwayo zihola kuHulumeni noma iNkosi iphoqeleke ukuxosha induna enkulu ukuze ibeke indunenkulu ezinduneni eziphethe izigodi. Lokhu imbude nje ngoba kuKhabhinethi bakhona ongqongqoshe abangaphethe iminyango kodwa bamukelekile futhi bahola ngendlela efanayo nalabo abaneminyango. Zonke lezi zinguquko zenziwa kungaboniswene naMakhosi athintekayo futhi neNgonyama engeyona ingxenye yezinqumo njengenhloko yoBukhosi.
Lokhu akugcini lapho kodwa uHulumeni uzinika igunya lokubiza imihlangano yezinduna zodwa aMakhosi engazi. Umbuzo othi kanti izinduna ziphathele bani izigodi uma sezibizwa ngasese nasemafinkini aMakhosi wona eshaywe indiva ngaphandle kokuthi itulo lokudala uqhekeko nomoya obandayo phakathi kwezinduna naMakhosi. Angithi nje eHhovisi likaNdunankulu kukhona izicagogwana zamatafula akhiwe ngenhloso yalokhu engikushoyo. Okuningi ongabe kukhuselwe iminyango kaHulumeni kubuye kwakhiwe lezi zicagogwana eziningi njengesicagogo sombimbi lwezinduna. Isicagogo engingakasizwa esabathakathi mhlawumbe naso sesikhona kodwa uyabona ungengane ukuthi indlela yokuzihlelela ukhetho ukuze lezi zicagogo zenze uHulumeni okhona ahlale ephethe.
AMakhosi yiwona abheke izintaba, amagquma namathafa eSILO kodwa nxa uHulumeni enemicimbi yesizwe isikhulumi kuyisona iSILO, izikhulu zikaHulumeni ezinqonga iSILO kuthi aMakhosi naBantwana bakhelwe ithende lapha kude kungathi indlu kathekwane noma iSILO sekufanele sihube nesizwe lezi zikhulu ezinye ziqashe imvunulo nezingawazi amahubo esizwe zidala enkulu inxushunxushu nakhu phela zidadalasa nje eduze kweMbube zicuthele ukuvela ezithombeni zamaphephandaba kanye nakuthelevishini kuthi abakhuseli beSILO babelaphaya kude kulawula omabhalane beminyango kaHulumeni basho noma yini abayithandayo bengazi nanyaka futhi bengazi nokuthi obani laba abasho lokhu kubo.
Izinkantolo zaMakhosi azinawo amandla angafana namahhovisi osopolitiki ikakhulu amakhansela. Ziningi izinto eziyinxemu kodwa obonayo ukuthi nakuba izinketho zenziwa esakhiweni soBukhosi kodwa okhethelwe kuHulumeni ungcono kunalowo okhethelwe esigabeni soMdabu. Inkosi uma iyovula i-akhawunti ebhange kumele icele incwadi ekhanseleni umuntu nje phaqa owakhele inkosi afakaze ukuthi inkosi yakhephi. Empeleni ngabe ikhansela elicela incwadi enduneni elakhe esigodini sayo. Angilwi namakhansela kodwa ngibhekene nomthetho owenziwa ngabomu ukuhlukumeza uBukhosi nokububukela phansi.
Inkosi uma igcotshwa kufika ungqongqoshe nezikhulu eziphezulu kukuhle impela bephelezela iSILO kodwa mhla inkosi yakhothama ungqongqoshe uyaxineka athumele izikhulu zomnyango nje kuphela ngosuku lokutshalwa kwenkosi, angiphathi ukuthi kufakwa inkece engakanani kodwa ufikelwa ngamahloni uma ubheka efakwa kosopolitiki. Emveni kokutshalwa kwenkosi bese kuthunyelwa izikhulu zomnyango ezingenamizwa ngoBukhosi zixove zishiye iphini ngaphezulu umndeni wenkosi usale udidekile. Kulandwe abantu abangaziwa abanye bebevele bechemele inkosi benziwe banqume ngekusasa loBukhosi benkosi ekhotheme. Udaba loBukhosi lubucayi kuhle kwenhlamvu yeso kumele luphathwe ngabantu abadala ukuze luphatheke ngesizotha. Isijingi esibondwa zikhulu sihlasimulisa umzimba ezinye zazo kazazi ngisho isiko lesintu. Yikho isimo soBukhosi sinje ngoba sixukuzwa ngabomu ukuze kusale umsindo ongalawuleki kugcine konke kuwumlotha.
Ngihlushwa ukuthi amanye aMakhosi awanakile futhi kacabangi ukuthi mhla bashabalala uBukhosi ngeke bubuye bubuye nokuthi izihlalo ahlezi kuzona acabanga ukuthi zingafukanyelwa kangcono uHulumeni phezu komlando obuhlungu wokuhlukunyezwa koBukhosi imibuzo yamakoloni ashiya izwe limantwenguntwengu nokuthi iqhinga lokuchitha i-Ingonyama Trust akushiwo isakhiwo kodwa kubhekwene ngqo nezihlalo aMakhosi ahlezi kuzo, inhlabathi nengcebo uSomandla ayibeka emhlabathini.
Ukungaphumi kwesabelo esiqondile sezindlu zaMakhosi kwenza abezinqibi ezweni lawo. Empeleni ngisho izintibane, nochakide nezinye izilwane eziqiwini zinesabelo esiqondile kuze kube nemikhandlu eyakhiwayo ukubheka inhlalakahle yezilwane kodwa aMakhosi ayeliwa kuhle kwamabele. AMakhosi asakholwa imfundisoze ethi uMntwana waKwaPhindangene uyawedukisa esesebenze impilo yakhe yonke eqa imifula, ekhuphuka izintaba namagquma, egijima amathafa nemimango elwela uBukhosi hhayi kwaZulu-Natal kodwa naseNingizimu Afrika lawo Makhosi ayozikhala mhlawumbe isizukulwane sawo. Kuya ngokuya ifu eligwaqa liyashoshela phezu koBukhosi, nalamanenjana oweSILO awafukamela kuze kube manje ayoshabalala kuhle kwamazolo kuphuma ilanga. Yeka amandla esambane esamba umgodi sangalala kuwona. Impi yomqondo idlula eyezikhali ngoba ikhubaza ukucabanga kwabanye abantu. UBukhosi koxoxwa ngabo ngelinye ilanga njengenganekwana uma kunje kungekho mnyakazo kuwona aMakhosi uqobo.