Ufisa ukuba kweyomhlaba neProteas uSikhangane
Unesifiso sokumela iProteas eNdebeni YoMhlaba umdlali wamaDolphins uKhayelihle Zondo. Muva nje, uZondo usanda kubuyiselwa eqenjini lesizwe ngemuva kokushaya into ecokeme emidlalweni yosuku olulodwa kumaDolphins.
Ube yingxenye yeqembu lesizwe lakuleli elizobhekana neHolland. Ngenxa yokhuvethe lolu chungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa lugcine luhlehlisiwe. “Ngijabule ngibuyiselwa eqenjini lesizwe. Bese siside isikhathi ngagcina ukudlala kwelesizwe.
Kuyatshengisa ukuthi uma usebenza kanzima eqenjini lakho ithuba likhona. Ngizoqhubeka ngisebenze kanzima eqenjini lami ukuze ngigcine indawo yami kwelesizwe,” kusho uZondo.
Bese kuphele iminyaka emithathu uZondo eshaywa ngesithende kwelesizwe. Njengamanje usefomini eyisimangaliso. Ekuqaleni kukaLwezi uke washaya imigijimo engama-200 ku-Innings eyodwa ngesikhathi ezakhe zibhekene ne Western Province emdlalweni weFourday Series. “Ngiphatheke kabi uchungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa ebesiyidlala neHolland luhlehliswa ngenxa yokhuvethe. Nokho yize ngidumele kodwa ngiyaqonda izimo esiphila ngaphansi kwazo,” kuqhuba uZondo.
Yize umdlalo weProteas neHolland ungazange uphele kodwa uZondo ulitholile ithuba lokubhetha. Ushaye imigijimo emine emabholeni ayisikhombisa. Ubebhetha endaweni yesithupha ohlwini lokubhetha. “Bengizimisele ngokulibamba ngazo zombili ithuba. Angingabazi ukuthi ngizophinde ngithole elinye ithuba lokuzibonakalisa kwelesizwe. Isifiso sami esikhulu wukumela amaProteas eNdebeni yoMhlaba. Ngizosebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi liyafezeka iphupho lami,” kubeka uZondo.
Ekuqaleni konyaka amaProteas azobhekana nelaseNdiya emidlalweni emithathu yosuku olulodwa. Elakuleli lizosebenzisa lemidlalo ukwenza amalungiselelo eNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa ezoba seNdiya ngo-2023.
“Njengamanje sengikhulile. Isikhathi sokubuyela kwelesizwe sifike ngesikhathi esifanele. Yingakho leli thuba ngizimisele ngokulibamba ngezandla zombili. Ngizimisele ngokufaka isandla empumelelweni yeqembu. Angifuni nje ukwandisa izibalo. Inhloso yami wukuqinisa indawo yami eqenjini. Lokho kumqoka ngendlela eyisimanga.” kuchaza uZondo.
IProteas ayikaze iyinqobe iNdebe YoMhlaba selokhu yabuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. “Akekho umdlali odlala ezingeni lomhlaba ongafuni ukunqoba iNdebe YoMhlaba. Nami ngiyingxenye yalabo badlali kodwa okwamanje into emqoka wukuthi ngiqinise indawo yami eqenjini”.