Now Reading
Inhlangano yezintatheli ayeneme ngesinqumo sebhodi lakwaSABC
Dark Light

Inhlangano yezintatheli ayeneme ngesinqumo sebhodi lakwaSABC

ISouth African National Editors’ Forum (SANEF) kanye neCampaign for Free Expression (CFE) bafuna izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe kweNhloko Yezindaba zeSABC uPhathiswa Magopeni zenzeke ngokusobala. UMagopeni uthweswe icala lobudedengu nokufaka iSABC ehlazweni ngemuva kokusakaza isiqephu seSpecial Assignment, okuphambene nomyalelo wenkantolo.

UMagopeni usola ukuthi ukhonjwa indlela ngoba enqabile imizamo kaSihlalo weBhodi leSABC kanye neGroup CEO yokumphoqa ukuthi enze inhlolokhono ebingahleliwe noMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa okhethweni lwakamuva. USihlalo weSANEF, uMnu uSbu Ngalwa, uthe uhlelo oluvulelekile noluvuleleka luzosiza iSABC ukuthi isuse umbono wokuthi lolu hlelo luyingxenye yomkhankaso wokuzingelwa kwepolitiki.

“Kusobala ukuthi kunamacala avulelwe iNks kaMagopeni ngezinsolo zokuthela iSABC ehlazweni. Kodwa ngaleso sikhathi kunezimangalo zikaNks kaMagopeni eziphikisa uSihlalo webhodi. Nezikhalo ezibhekiswe eSikhulwini Esiphezulu senhlangano nezinsolo zokugxambukela ekusebenzeni kwezindaba kwaSABC. NjengeSANEF, lokho kuyasikhathaza ngoba siyazi ukuthi iSABC iphuma kulowo mlando wokuxhashazwa kwezepolitiki. Ngeke sikuzonde ukubona iSABC ibuyela kulezo zinsuku,” kusho uNgalwa.

Abameli beSANEF neCFE babhalele usihlalo wokuqulwa kwecala, u-Adv uNazeer Cassim, becela ukuthi abezindaba bavunyelwe ukuthamela ukuqulwa kwecala. UNks kaMagopeni uthe uthungathwa ngoba emelene nokugxambukela kwezepolitiki. Sidinga umphakathi ukubone ukuthi lokhu kuyabuyela yini ezinsukwini lapho ipolitiki yamaqembu yayidla ubhedu kwaSABC futhi igqiba igunya layo lokusebenzisa umphakathi”.

See Also

Ngesonto eledlule ibhodi leSABC lithe lizithathela phezulu izikhalo ezifakwe nguMagopeni ngoSihlalo uBongumusa Makhathini kanye neGroup Chief Executive Officer uMadoda Mxakwe. Ibhodi lithe lolu daba lusetshenzwa ngendlela efanele futhi ngokuhambisana nemigomo yeSABC.

Scroll To Top