Now Reading
ISILILO: IHAMBILE INGABADI
Dark Light

ISILILO: IHAMBILE INGABADI

UMhlonishwa u-Ezra Mfayela 


Ihambile, ‘Ingabadi’. Luhambile, ‘Ugodo olulala amankankane, ugodo olushunqa intuthu’.  Uhambile, ‘Umshanelo omkhulu wezitaladi zeTheku’. Ihambile, ‘Inkumenkume, Isilwane sokhuni’.  Ihambile ‘Ingwevu’, ‘uMchoboza’.

Lowo nguMnu uSimo Ezra Mfayela, uMhlonishwa iLungu LoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ePhalamende eKapa (NCOP) obemele khona isifundazwe iKwaZulu-Natal ngaphansi kweQembu leNkatha Yenkululeko. NgoLwesibili zingama-29 kuZibandlela 2020, sivuke nalezi zindaba ezibuhlungu ngesehlo sobusuku bangayizolo ngoMsombuluko. USimo uzalelwe eNdwedwe ezalwa nguMnu uDingizwe Pheneas Mfayela kanye noMama uMaMdletshe. UBaba uDingizwe uzalwa uMkhetheni Mfayela, yena oKhokho bakhe (Izinkalimeva), ababeqhamuka enhla nelakwaZulu endaweni yaKwaTembe. Ubengowesibili ezinganeni zakwabo eziyisihlanu okuyizinsizwa zodwa. Welama iNkosana yakwabo uMhlonishwa Senzo Mfayela naye owaba yiLungu lePhalamende kuZwelonke eKapa kuPhalamende Lokuqala ngowe-1994, emele iQembu leNkatha Yenkululeko, wabe eseshiya eya kwezamabhizinisi ngowe-1999. Ukhulele khona eNdwedwe, wafunda khona wabe eseyosebenza eThekwini isikhashana.

USimo ubengumuntu wamancoko kakhulu futhi edume ngawo kulabo abamaziyo nabaphile naye. Ibe yinde kakhulu indlela yakhe ebuholini beQembu leNkatha kanye nakuHulumeni. Eqenjini cishe alikho izinga lezinhlaka zeQembu angaholanga kulona empilweni yakhe. Ube ngumholi emazingeni aphansi ezinhlakeni zenstha yeNkatha esikhathini esinzima kakhulu lapho iKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika ibigubuzelwe yishwa lodlame nokubulalana kompisholo nompisholo. Kulezi zikhathi zamanje uma abantu sebeba nombango wezikhundla ubeyaye ancokole athi, ‘Hheyi, Gabhisa, wawungekho lo mbango wobuholi ngezikhathi zodlame ngoba kwakumane kuqhamuke umuntu oyedwa nje owesatshwayo abe umholi, kungabikhona noyedwa omphikisayo’. 

Ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho loHulumeni Basemakhaya KwaZulu-Natal ngowe-1996 kusungulwa iMikhandlu Yezifunda (Regional Councils), uSimo wangena eMkhandlwini wangaleso sikhathi weLembe waba yisekela likaSihlalo, uMnu uNgiba, iminyaka emibili. Ngemuva kwalokho waba nguSihlalo kwaze kwafika ukhetho loHulumeni Basemakhaya lokuqala  ngonyaka wezi-2000, ngoZibandlela zinhlanu. Ngemuva kwalolu khetho iQembu leNkatha Yenkululeko limjube ukuba abe yiMeya yokuqala yoMkhandlu Ilembe kwaze kwaba unyaka wezi-2006. 

Phakathi kwezinye izihlalo ake wazibamba ube nguSihlalo wentsha esifundeni Ilembe ku-IFP, wake waba ngusekela kaSihlalo wentsha ye-IFP kuSouthern Coastal Sub-Region esebenza nawoBaba iNkosi uCalalakubo Khawula owabe enguSihlalo omkhulu nawoBaba uMfayela omdala owabe ekuleli komiti, waba yilungu lokwengeza ekomitini likaZwelonke lombutho wentsha YeNkatha Yenkululeko, ube yilungu leSigungu Esikhulu seQembu leNkatha Yenkululeko uMhlahlandlela (National Council) isikhathi eside. Waba nguSihlalo weQembu leNkatha eSifundeni Ilembe. Usishiya emhlabeni nje unguSekela kaSihlalo weQembu leNkatha yeNkululeko ihlandla lesibili esifundazweni iKwaZulu-Natal ngaphansi kukaSihlalo iMeya uThamsanqa Ntuli ongusihlalo wesifundazwe.

Yonke le misebenzi abethunywa ejutshwa kuyona yiqembu uMchoboza ubeyenza ngenhlonipho, ngokuzinikela, ngesibindi kanye nangokuzimisela okukhulu. Ekhumbula amagalelo akhe uMntwana waKwaPhindangene, uMsunguli weNkatha noMengameli weNkatha ngokuhlonishwa iNkosi uM. Buthelezi (MP), wethule inkulumo enzima evuse umunyu kwabaningi, ngeNdodana yakhe, ngosizi obelugubuzele inkonzo yakhe. UMntwana ubephawula ngendlela uMchoboza abenothando ngayo neqembu kanye nangokusebenzela umphakathi awumeleyo. uMhlonishwa uVF Hlabisa, uMengameli weQembu leNkatha noMholi weQembu eliphikisayo ngokusemthethweni KwaZulu-Natal, ugcizelele kakhulu ngokwethembeka kukaMchoboza njengomuntu obungathembela kuyena sonke isikhathi nxashana umthume umsebenzi okumele wenziwe, futhi awenze kahle ngobunyoningco.

Phakathi kwezinye zezinto eziphawulekayo, uMchoboza bekuyinsizwa yomgomo. Ubeyilitshe. Ubema emgomweni noma kungabanjani. Njengomuntu wamancoko, ubeyaye athi, ‘Sengingancamela ukudla emgqonyeni’. Lokhu ubekusho uma egcizelela ukuthi angeke umnunusele ngobukhazikhazi kodwa obuzothengisa ngento ayimele. Ubeyithanda kakhulu Inkatha engeke nakancane athengisa ngayo. Ubemthanda kakhulu uMholi wakhe uMntwana waKwaPhindangene. Aze athi uma eseluleka amalungu, ‘Umngane wami lona uGabhisa kungabe kangimazi, sahlanganiswa wuMntwana neNkatha ukuze ngazi lesi silwane esiwuyena sasesiba wumngane wami’. Ubeyaye aklolodele amalungu eNkatha awakhumbuze athi, ‘Wasebenza uMntwana wasungula ifemu Inkatha. Ukube ayibanga khona, ‘wena kungabe awunawo umuzi’, athi komunye, ‘wena kungabe awunaye unkosikazi’, athi komunye, ‘wena kungabe awunayo imoto’. Zonke lezi zinto ubezisho eqhakambisa ukubaluleka kobukhona kweqembu nokuba liphathwe kahle ngoba lenza izinto ezinkulu. 

See Also

UMchoboza ushiye emhlabeni umndeni wakhe okungabafowabo nabalobokazi bakhe ababili uMaZondi kanye noMaKhoza nezingane zakhe eziyi-11. Umfana wakhe omdala ozalwa uMaZondi, uNtuthuko, ubekade egcagcelwa nje ngoZibandlela zingama-20 kuwo unyaka wezi-2020. Akagulanga sikhathi esitheni ngoba ubehamba nawo amahlalakhona. Kepha ngoMgqibelo zingama-26 ngoZibandlela waba nesiqubu esimphuthumise esibhedlela. 

Ngakusasa wakhombisa ukwelulama nangosuku olulandelayo, kanti usethi kithina sonke, ‘lala lulaza’ sengiyahamba mina. Ubehlonipha, ewukhonzile kakhulu umndeni wakhe, ikakhulukazi inkosana yakwabo uMhlonishwa uSenzo. Ngingebubale ubuningi babangane bakhe ngoba ubewumuntu wabantu. Bekuhlale kubila eceleni kwakhe ngenxa yamahlaya namancoko akhe. Nokho ngingeze ngalenza iphutha lokuba ngingaphawuli ngezinunu zakhe ezimbili uMfowethu uTerrence Mkwanazi kanye noMfowethu uThabo ‘Zembe’ Bhengu abengahlukani nazo.

Hamba kahle Mchoboza.

Scroll To Top